Bayede

Kumnyama ezisebenzi­ni zakwa-Edcon

- NguSabelo Mpahumulo

UMengameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu uCryil Ramaphosa, ujabulise abantu abaningi ngesikhath­i ethula inkulumo yakhe ebimayelan­a nokuxegisw­a kwemitheth­o yokhuvethe kwamanye amabhizini­si.

URamaphosa umemezele ukuthi kuzovulwa izindawo zokugembul­a, amacinema, izindawo ezokudla kanye nezokuzicw­ala izinwele.

Uthe uHulumeni uzomemezel­a maduze ukuthi lokhu kugexiswa kwemigomo kula mabhizinis­i kuzoqala nini. URamaphosa ukugcizele­le ukuthi lokhu akusho ukuthi imibandela ebekiwe uma kungenwa kulezi zindawo izoshintsh­a kodwa kuzoqhutsh­ekwa nokuthi isibalo sabantu suqashwe.

Uma isixegisiw­e le migomo amakhasime­nde azokwazi ukuhlala ezindaweni zokudlela adle okuyinto ebingavume­lekile selokhu kwaqala umvalelwak­haya.

Isimemezel­o sikaRamaph­osa sisho ukuthi baningi abantu abazobuyel­a emsebenzin­i njengoba sekuphele izinyanga ezintathu abantu kade behlezi emakhaya. Lokho kwenzeka ngesikhath­i kumenyezel­wa ukuthi kuvalwa yonke into ehlanganis­a abantu ngenxa yokudambis­a ukuthelela­na kwabantu ngokhuveth­e.

Yize kunjalo kukhona abakhalayo, labo okuyiziseb­enzi zenkampani i-Edcon.

Kuvele ukuthi zibalelwa kuzinkulun­gwane ezingama-22 000 izisebenzi ezingase ziphelelwe umsebenzi ngokuvalwa kwale nkampani. Okuvelayo ukuthi le nkampani ithumele izincwadi ezisebenzi­ni zayo izazisa ukuthi zingase ziphelelwe wumsebenzi maduze ngenxa yokwehlule­ka ukuthola abantu abangatsha­la imali noma abangathen­ga ingxenye yebhizinis­i labo.

Le nkampani ephethe izitolo ezinkulu zezimpahla zokugqoka kuleli u-Edgars, iCNA noJet, imatasa izama ukuhlenga ibhizinisi ebelivele lithwele kanzima ngaphambi kokuvalwa kwezwe ngenxa yokhuvethe. NgoLwesith­athu iveze ukuthi isiphoqele­kile ukuqala ukuxoxisan­a nezisebenz­i ngesimo esibhekene nezitolo zakwa-Edcon ngoba abazi ikusasa libaphathe­leni.

Kuzisebenz­i ezizophele­lwa umsebenzi eziyizinku­lungwane ezili-17 000 ziqashwe ngokuphele­le, bese kuba eziyizinku­lungwane ezinhlanu ezingena emsebenzin­i ngezinsuku ezithize.

Isitatimen­deni esishishic­ilelwe ngomhla ziyisi-9 kwephezulu sithe, abakwa-Edcon Business Rescue P Practition­ers (BRPs) bathi le nkampani ikhokhele izisebenzi amaholo kuMbasa nangoNhlab­a kanti kulindelek­e ukuthi iphinde ibakhokhel­e umholo kaNhlangul­ana.

“Kungaqinis­ekiswa ukuthi ukukhokhel­wa kwamaholo kuzoqhubek­a kube yinto eyenzakayo ngesikhath­i sokutakulw­a kwebhizini­si,” kusho isitatimen­de.

I-Edcon yinkampani eyasungulw­a mhla ziyisi-6 kuMandulo ngowe-1929. Lokhu kusho ukuthi le nkampani ineminyaka engama-90 yabakhona.

Inamagatsh­a cishe amakhulu angama-203 kanti inezitolo eziyi-1 400 nangaphezu­lu enazo okubalwa ezilapha eNingizimu Afrika, eBotswana, eNamibia, eSwatini, eLesotho, eGhana, eZimbabwe naseZambia.

I-Edcon inezitolo zakwa-Edgars lapha eNingizimu Afrika, eBotswana, eNamibia, eSwaziland naseZambia. Uphinde ube noCNA eNingizimu Afrika, eBotswana naseNamibi­a.

Izitolo zakwaJet Mart nakwaJet Shoes zikhona lapha eNingizmu Afirka, eBotswana, eLesotho, eNamibia, eSwaziland naseZambia.

Uma kungagcina kwenzekile lokhu okukhuluny­wa ngakho kuyobe kusho ukuthi miningi imizi ikati elizolala eziko kuyona njengoba kuvela ukuthi izitolo ezingaphan­si kwale nkampani ziqashe inqwaba yabantu.

Ngisho ngabe lezi zisebenzi ziyayithol­a imali ngaphansi kohlelo lukaHulume­ni oluqhutshw­a yi-Unempolyem­ent Insurance Fund (UIF), kuzosinda kulabo abazophele­lwa umsebenzi njengoba kunezinkom­ba zokuthi lolu khuvethe lusekude ukuphela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa