Okushaqisayo ngombiko wokhuvethe
Wethusile umbiko okhishwe yisigungu esibhekelele ezomnotho KwaZulu-Natal obizwa ngeCovid-19 KZN Economic and Business Impact Assessment Report oveze ukuthi ukhuvethe lugadle lazwela kuzisebenzi kanye nabaqashi kulesi sifundazwe.
Lo mbiko owethulwe uMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo KwaZuluNatal, uNkk uNomusa MaDube Ncube, njengoSihlalo walesi sigungu kulesi sifundazwe, uveze ukuthi zingamaphesenti angama-30.5 izisebenzi nabaqashi abakhahlamezeke ngokwengqondo ngenxa yalolu bhubhane. Umbiko uveza ukuthi laba banokukhathazeka nokulahlekelwa yithemba.
Lo mbiko ulandela ucwaningo olwenziwe ngokuhlanganyela uMnyango kaMaDube Ncube, iKwaZulu-Natal Business Chambers Council ne-University of KwaZulu-Natal Graduate School of Business.
Lolu cwaningo lwenziwe ngesikhathi kusukwa esigabeni sesine somvalelwakhaya mhla zili-15 kuya zingama-31 kuNhlaba kuya kwesesithathu lulunye kuya zili-15 kuNhlangulana nonyaka.
Wonke amalungu eKZN Economic Council amukele lo mbiko okhombisa ukuthi ukhuvethe luyiphazamise kangakanani impilo yabantu ngokukhathazeka okukhulu.
“Ikakhulu sikubonile ukuthi amaphesenti angama-30.5 abaqashi nezisebenzi babhekene nezimo ezibaphazamisayo ngokwengqondo njengokukhathazeka nokuphelelwa yithemba,” kusho uMphathiswa uMaDube Ncube.
Lo mbiko uphinde waveza ukuthi amaphesenti angama-45.7 iezisebenzi namazinga okutshalwa kwezisebenzi kuphazamiseke kakhulu kangangokuthi zincishiselwe amaholo abanye bahlaliswa emakhaya.
Amaphesenti angama-29.7 ezisebenzi kuphoqeleke ukuthi athathe ikhefu elingakhokhelwa. Amaholo awashintshanga kodwa kulabo abathole ukusizwa yisikhwama sabangasebenzi i-Unemployment Insurance Fund (UIF).
Ukwehla kokufuneka kwemikhiqizo nokuhlinzekwa kwezidingo ngamaphesenti angama-90 ngesikhathi sesigaba sesihlanu nesesine somvalelwakhaya KwaZuluNatal kuholele ekwehleni kokungena kwemali nokungakwazi ukuhlangabezana nezindleko zokwenza umsebenzi nokukhokhela impahla.
yokwehluleka ukugcina ukuqhubeka kwebhizinisi, angamaphesenti ali-14.5 agcine esezithola esebhekene nokudliwa ngalesi sikhathi sokwenziwa kwalolu cwaningo.
Isigungu sezomnotho kuHulumeni waKwaZulu-Natal sesivumile ukuthi kufanele kwenziwe izincwaningo eziningi ukubheka ukuthi zikhahlamezeke kangakanani izisebenzi namabhizinisi asafufusa emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
Ngaphezulu kwalokhu abamabhizinisi amakhulu nezinhlangano zomphakathi abakulesi sigungu bavumile ukuqinisa ukwenziwa kwezinhlelo eziqonde ukuqinisa umnotho waKwaZulu-Natal
“Sivumelene ngokuthi sidinga ukubhekisa amandla ethu nezinsiza ekwakheni izindlela zethu ezizosisiza. Ukubhebhetheka kokhuvethe kuveze obala umnotho wethu kwakhombisa nokuthi singabathengi bezimphahla kuphela.”
UMphathiswa uMaDube Ncube uthi kuyiwa phambili bafuna izakhamuzi zakulesi sifundazwe, kuzona zonke izindawo, zihlonyiswe ngamakhono futhi zinikwe ukwesekwa okuzozenza zikwazi ukukhiqiza imikhiqizo ezothengwa ngabantu bendawo iphinde ithunyelwe emazweni angaphandle.
Uthi imithetho yemvalelwakhaya eholele ekuphazamisekeni komhlaba wonke kufanele ibukwe njengesibusiso esifihlakele.
“Umvalelwakhaya usinike thina njengabantu abawumsinsi wokuzimilela ithuba lokuzikhiqizela impahla yethu. Sengigunyaze uMnyango ukuba uphothule uhlaka olubizwa ngokuthi yiKZN Localization Framework ukuze siqinisekise ukuthi abantu bendawo bayahlomula emathubeni omnotho ezingeni lendawo,” usho kanje.
Uthi bavumelene ngokuthi baphuthumise utshalo olukhulu lukaHulumeni kungqalasizinda nasemabhizinisini azimele.
“Sikholwa ukuthi lolu tshalo luzoholela ekukhuleni okukhulu ikakhulukazi embonini yezokwakha ukwedlula ezinye.
Siqhuma nhlangothi zonke isililo ngokhuvethe akukhona kuphela KwaZuluNatal kepha ezweni lonke nakwamanye amazwe omhlaba. Kwamanye ngisho izimakethe ziyanyakaza ngenxa yalolu bhubhane. Kuyancomeka okwenziwe uHulumeni waKwaZulu-Natal ukuthi wenze lolu cwaningo oluveza isithombe esisobala ngomthelela ongemuhle ofike nokhuvethe. Njengoba uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ehlezi esho ukuthi lesi simo izwe nomhlaba jikelele obhekene naso asikazophela manje futhi abantu kuzofanele bakujwayele ukuphila naso.
Kanjalo nezinkampani kuzofanele zizilungiselele ukuwenza ngenye indlela umsebenzi okungabalwa ukuthi kusetshenziswe indlela yokuthi izisebenzi zengene ngezikhathi ezahlukene ukugwema ukuthi singabi sikhulu isibalo sabantu abasendaweni eyodwa njengoba umthetho wemvalelwakhaya ukubeka ukuthi abantu akafunale beqe esibalweni esingamashumi amahlanu lapho behlangene khona. Njengoba lesi sifundazwe sithi sibona isidingo sokuba kuqhutshekwe kwenziwe izincwaningo, kukhulu okusazovela ngalolu khuvethe.