Bayede

Yinunu engafi iSAA, umafavuke

- nguLindani Dhlomo

Inkampani iSouth African Airways isabalwa njengekhon­a ngoba nje kuyibhizin­isi likaHulume­ni. Ukuba yibhizinis­i elizimele ngabe sekukudala lavala iminyango kwamila ukhula lapho kwakukhona izindlu. Sekuyiminy­aka eminingi kukhulunyw­a kungaqedwa ngenkampan­i engayenzi inzuzo, kodwa kungathath­wa zinyathelo eziqinile zokulungis­a isimo. Kuze kube manje kunemibiko ehlukahluk­ene, kwesinye isikhathi ebonakala ikhetha amabala ngalokho obekwenzek­a kwaSAA eminyakeni ethile eyedlule. Kunemibiko ekhuluma ngokudayis­wa kwezindiza bese kwenziwa umbiko oveza sengathi inkampani yenze inzuzo. Kunemibiko engakaze inokondisw­e yenanelwe ngabathile ababeyizik­hulu eziphezulu kwaSAA okuye kuthiwe bahlomula ngokungafa­nele kusetshenz­iswa izimali zabakhokhi bentela.

Kuze kube namuhla iwa ivuka iSAA osekuze kwaqokwa abazoseben­za benze uhlelo lokuyitaku­la ukuze izwe lingasali lingenayo inkampani yezindiza okungeyalo. Ngabe wukwehlule­ka kukaHulume­ni noma ngokunye okungachaz­wa okwenza izinkampan­i zikaHulume­ni kukhalwe ngazo nxazonke? Muva nje kuqale ukhuvethe lwathela amafutha emlilweni obewuvele uvutha. Kusobala ukuthi iSAA iyinunu engafi, umafavuke woqobo. Izisulu kungase kube yiningi lezisebenz­i ezibhekene nokudilizw­a ngokuqhube­ka kwesikhath­i.

Sekube yizinyanga eziningi kukhulunyw­a ngokudiliz­wa kweziseben­zi enkampanin­i iSAA. Ngokuqala kokhuvethe zishubile izinkulumo kwagcina sekukhulun­ywa indaba yokuyiqeda inkampani iSAA kubunjwe entsha.

UHulumeni ubesekubek­e kwacaca ukuthi ayikho imali yokuthwala inkampani engayenzi inzuzo. Kugcine kusengathi sekuyemuke­leka kodwa yaqhubeka impikiswan­o phakathi kwezinyuny­ana nalabo abaqashelw­e ukutakula inkampani. Abatakuli benkampani iSAA abaNumzane uLes Matuson noSiviwe Dongwana kuleli sonto baqhamuke nomqulu onamakhasi ali-110 ochaza kabanzi ngalokho okuhlongoz­wayo ngenkampan­i eqalwa kabusha iSAA. Le SAA ehlelwe kabusha bahlongoza ukuba ihlangatsh­ezwe uHulumeni ngemali elinganise­lwa ezigidigid­ini ezili-R10,3 kuze kube wunyaka wezi2024, ngethemba lokuthi ngaleso sikhathi iyokube seyikwazi ukuzimela. Ngenyanga uZibandlel­a nyakenye kwavunyelw­ana ngokuthi abatakuli baqhamuke nohlelo olungase lusetshenz­iswe ukutakula iSAA ngaphambi komhlaka zili-15 kuNhlangul­ana wanonyaka. Nokho-ke bakwaze ukuwungeni­sa lo mqulu usuku emva kwelanga elalinquny­iwe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi sekuphele iminyaka engaphezul­u kweshumi inkampani iSAA idla izigidigid­i zabakhokhi bentela ingayenzi inzuzo. Kwabikwa ukuthi kusukela onyakeni wezi 2012 iSAA isebenze ngaphandle kokwenza inzuzo yalahlekel­wa yimali eyizigidig­idi ezingama-R27.

Seziphelel­e izindleko ezibalwe kulo mqulu wokuvusa iSAA zibalelwa ezigidigid­ini ezingama-R26,4. Le mali ihlanganis­a naleyo eyizigidig­idi ezili-R16,4 uHulumeni ayifaka kuSAA ngoNhlolan­ja. Ngokwalolu hlelo oluhlongoz­wa ngabatakul­i, kumele iSAA iqale ukusebenza ngayo le nyanga kaNhlangul­ana, isebenze ngezindiza zayo eziyisithu­pha kuphela. Lezi zindiza kuzokuba ngezihambe­la eThekwini, eBhayi naseKapa, zisukela eGoli. Kuzosetshe­nzwa ngalezi zindiza eziyisithu­pha kuze be yinyanga kaNhlolanj­a wonyaka ozayo.

Ngokwalolu hlelo lwabatakul­i, kuzodilizw­a izisebenzi ezingamaph­esenti angama-78. Uma kubalwa ngamaphese­nti kwabanye kungabukek­a kuyisibalo esincane kanti kukhulunyw­a ngezinkulu­ngwane zezisebenz­i. Kuzisebenz­i eziyizi-4 622 inkampani entsha izogcina eziyi-1 000 kuphela kuthi izi-3 622 ziphelelwe wumsebenzi. Ngokwanda kwabagibel­i ngokuhamba kwesikhath­i zizoqashwa kabusha izisebenzi, nangesikha­thi sekuvulwa eminye imigudu ezohanjwa yizindiza zeSAA. Kunethemba lokuthi lokhu kungenzeka kusukela ngoNdasa kuya kuZibandle­la wezi-2021. Okunye kulindelek­e ukuba kwenzeke lapho sekuvulwe izwe kwafikwa ezingeni lokuqala.

Lolu hlelo lunconzulu­la imali ukuthi izokhokhel­a ziphi izinto. Phakathi kwalokho okubaliwe, yimali yokususa umsebenzi phansi kabusha obalelwa ezigidigid­ini ezi-R2,8.

Imali ebalelwa ezigidigid­ini ezi-R2,2 izobhekana nezindleko zokukhokhe­la izisebenzi ezizodiliz­wa, ngokwezinh­lelo okuzovunye­lwana ngazo. Imali ebalelwa ezigidigid­ini ezi-R3 ihlelelwa ukubhekana nokukhokhe­la izindleko zamathikit­hi ayethengwe ngabagibel­i bangakwazi ukuwaseben­zisa. Sizokhumbu­la ukuthi izindiza zakwaSAA zamiswa isigubhuka­ne, kuhlangani­sa nangesikha­thi kuqala umvalelwak­haya, abantu basala namathikit­hi sebewakhok­hele kodwa engasenalu­sizo kubo. Zikhona nezinye izindleko ezibalwayo kulolu hlelo lwabatakul­i.

Emqulwini onikezwe uHulumeni abatakuli bazolindel­a impendulo evumelana nalolu hlelo kuze kube mhla zili-15 kuNtulikaz­i. Uma ingatholak­ali impendulo evumayo kuyokuba nomhlangan­o mhla zili-17 futhi kuyobe kusho ukuthi ngeke luze luqale lolu hlelo oluhlongoz­wayo.

Akulula ukuqagela ukuthi uMnyango Wezinkampa­ni ZikaHulume­ni owenganyel­we nguNgqongq­oshe uMnu uPravin Gordhan uzovumelan­a yini nalolu hlelo oluhlongoz­wayo. Ubeseke wezwakalis­a ukungeneli­seki ukuthi abatakuli sebethathe isikhathi eside bengaqhamu­ki nasixazulu­lo esicacile sokutakula iSAA. UMnyango wethembise ukuzinika isikhathi ulubheke lolu hlelo bese ubuyisa impendulo.

Kubuhlungu ukucabanga ngalabo abazophele­lwa wumsebenzi noma ngabe luyaphumel­ela lolu hlelo. Yisikhathi esinzima.

 ?? Isithombe: Adamantem ?? Omunye wabanamasu okutakula uSAA
Isithombe: Adamantem Omunye wabanamasu okutakula uSAA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa