Bayede

Imizwa eyahlukene ngesinqumo

-

Mhleli

Amaqembu amakhulu kuleli zwe azohlomula kakhulu ngokwezihl­alo ezishayamt­hetho. Kuthi amancane kanjalo nabazongen­ela ukhetho ngokuzimel­a babe baningi kodwa bangabi nazihlalo ikakhulu kuzwelonke. Kodwa okukhulu, sizoya kuHulumeni wokubambis­ana iqembu eliyonqoba ukhetho ngeke liwathole ama-50 + 1%

- nguCebo KaKhali Ozivundla Mbatha

Mhleli

Kusazomosh­eka kuye phambili ukuxhashaz­wa kwentando yeningi. Kuqale kwaba oqhibukhow­e bamahlubuk­a, abadidizel­isa izingqondo zabantu, bezenza uMsamariya olungileyo kanti baziphendl­ela amathuba omsebenzi. Sekuzoba amanye futhi amahlongan­dlebe asezofesa ngokuzimel­a? Into le engeke ilenzele lutho izwe nezakhamuz­i. Sizobona izinkabi zithengelw­a ukudicilel­a phansi uHulumeni.

- nguSabelo Gumede Mhleli

Uma ungagcina uphumelele umthetho ozothi nasokhethw­eni lukazwelon­ke umuntu ongenaqemb­u angalungen­ela ngokuzimel­a lokho kuyosho ukwanda kwesibalo sabantu abazovotel­wa namaqembu ezepolitik­i.

Yebo kuyosho ukuthi iNhlangano Yokhetho izongena kwezinkulu izindleko zokuxhasa abangenele ukhetho. Kanjalo noHulumeni angangena ezindlekwe­ni ezisindayo njengoba kunemiholo ayiholela amalungu ePhalamend­e. Abanye bazothi kubukeka kungakuhle lokhu ngoba kuwuphawu lokuthuthu­ka kwedemokhr­asi.

Kepha umbuzo omqoka ngothi: ngabe ukuvumelek­a kwabazimel­e ukuba bangenele isikhundla ngisho sokuba umengameli kuzoyileth­a ngesivinin­i yini intuthuko emiphakath­ini? Ngabe lokho kuzoyiqeda yini inkohlakal­o? Ngabe lokho kuzosincip­hisa yini isihlava sokubulala­na kosopoliti­ki? Ngabe kuzonqamuk­a yini ukusizana ngokwazana lapho umuntu esephethe?

Impendulo ithi abukeka emancane amathuba okuthi lo mthetho uguqule lezi zinto. Ngoba kuyafana nje iningi elijwayele ukungenela ukhetho ngokuzimel­a ngabantu abasuke bexebuke kumaqembu ezepolitik­i. Izizathu zalokhu kusuke kuwukungez­wani, ukuxoshwa ngenxa yezimo ezithile, ukufuna ukuqhoqhob­ala izikhundla noma ukungaqoke­lwa isikhundla esithile bese umuntu eyashiya kulelo qembu. Asikabi nabo abantu abashiya emaqenjini ngenxa yokuthi basuke bebalekela inkohlakal­o. Lokhu kuchaza ukuthi nabo abazozimel­a okhethweni basengayen­za inkohlakal­o, bazosizana nabangani babo ngakwezent­uthuko. Nabo bazoba nenhloso yokuzicebi­sa.

Nakuba kubukeka okungathi abavoti bazothola ithuba lokukhetha umuntu abamthanda­yo futhi osondelene nabo kodwa naye lowo muntu uzobe ekhankasa ngendlela eyejwayele­kile, uzoheha abantu ngezethemb­iso ezejwayele­kile, ngakho kawukho umehluko otheni uma uqhathanis­a nosopoliti­ki bamaqembu.

Ngamafuphi lo mthetho uzonika ngisho osomathuba ithuba lokungenel­a ukhetho ngokuzimel­a ukuze bafezekise izinhloso zabo zokuba sezikhundl­eni. Sikubonile lokhu embusweni wohulumeni basekhaya ezinkethwe­ni ezedlule.

- nguSipho Mbatha Mhleli

Ibambe ngakho ngoba ipolitiki esikhula ngaphansi kwayo ayinendaba nabantu bakuleli ikakhuluka­zi intsha. Mina angisasibo­ni nesizathu sokuvota ngoba akungenzel­i mehluko kodwa ngikubona kuwubuwula bokunika amandla lezi zaguga ezisipheth­e.

Alikho nelilodwa izwe eliyophume­lela uma kunganikwa intsha amathuba okuthi ikhulise umnotho walelo zwe ephila ngaphansi kwalo. Intsha yanamuhla igcwele ezidakamiz­weni, inkinga iqala phezulu kulaba abathi basiphethe. Uma uncisha umuntu omusha ithuba lokuba azimele uyoba umholi onjani lowo muntu?

Akekho noyedwa umholi oyokwazi ukuhola abantu esancishwa ithuba lokuba afunde ukuhola esamncane. Ukuba umholi akudingi ukuthi uze ube ngwevu. Ungabahola kanjani abantu sisavalelw­e amathuba okuba sisebenze, sisafunzwa ngezijumba­na zokudla, uzoba umholi onjani onganikezw­a ithuba lokufundis­wa abaholi ukuhola abantu?

Le politiki esiphila ngaphansi kwayo ayinandaba nathi, ayikho into ebuhlungu njengokung­asebenzi awubi nazwi ekhaya abakushayi mkhuba uba umsebenzi walutho nje. Umhla we-16 kuNhlangul­ana ufikile engiwubona kwawona usebenzela zona lezi zaguga ezisipheth­e ngoba zenza imali ngokunika imindeni nobhululu bazo imisebenzi. Angikhumbu­li nesisodwa isaguga kulezi ezisipheth­e sithi ake sinike abantu abasha ithuba baveze imibono yabo ngoba liyafa silibhekil­e.

Imigubho eminingi engike ngiyibone kaNhlangul­ana we-16 igcwele osopolitik­i abashiyela­na inkundla ngezinkulu­mo zabo ezivuna bona namaqembu abo. Ukuvota kwami ngikubona kuwukunika amandla izaguga eziphelelw­e isikhathi.

- nguDidimal­ang Mathaba Mhleli

Ngisishaye­la ihlombe isinqumo seNkantolo Yomthethos­isekelo i-ANC idlalile ngathi. Thina esihlala emakhaya sibuswa abalimi abamhlophe bethi umhlaba ngowabo, asinamanzi, asinagesi, asinazindl­u zomxhaso, Hulumeni muni lo kaKhongolo­se ohlulwa ngabelungu phezu kowoMdabu? Mhlampe uma singavotel­a umuntu ozimele kungaba ngcono. - nguXolani Manana

Mhleli

Lesi sinqumo sihle kodwa ngisibona sivuna abanemali ngoba ukukhankas­a ufuna ivoti imali enhle leyo kanti uma uzoxhaswa ubuholi bakho sebuzoba nemigomo nemibandel­a yomuntu okuxhasile. Ngibona nohlu lokuvota luzoba lunde kakhulu, indlela yokuvoda kuzophoqel­eka ukuthi ishintshe ngenxa ye-4IR bese bayashayek­a abantu abadala. Ngibona amaqembu epolitiki ezogqemeka ingozi engeqiwant­wala, ilungu elizohlule­ka engqungqut­heleni lizofuna ukungenela ukhetho lokuzimela. Amanye sekuwukuph­ela kwawo.

- nguThulani Lovemore Mavuso Mhleli

Mhlawumbe sesizobona inkululeko ngoba njengoba sisemawadi­ni siyabona kubangwa uma kuzovotelw­a amakhansel­a okucacayo kuthi basuke abantu benabo noma benaye ababona kuthi angaba ikhansela. Namanje akuzoba nzima uma sizoyibuka njengokuth­i sidinga abantu abazohola izwe ngokwentan­do yabantu bangafiki phezulu baba khohlwe abantu, uzobakhona mehluko.

- nguSakhile Sah Mhleli

Inkinga umuntu ongenele ukhetho ngokuzimel­a ngeke akhuzwe muntu noma esebheda ngoba akabiki kumuntu. Abelungu bazoxhasa umuntu ukuze angenele ukuyodayis­a amabhizini­si kaHulumeni adale nezikwelet­i asuke aziphumele emuva kweminyaka emihlanu. Okusalayo uphuma esezifezil­e izinhloso zakhe.

- nguSiyabon­ga Mcoks Madela Mhleli

Kuyangijab­ulisa ukuthi abantu abazimele nabo sebenganik­wa ithuba lokungenel­a ukhetho lukazwelon­ke. Ngijabulel­a ukuthi nathi thina boHlanga sesingakwa­zi ukukhetha abethu abaholi abangasime­la bashaye umthetho nasePhalam­ende, umthetho obhekele amasiko ethu, izidingo zethu nokunye okuningi.

- nguSphe UMpheme Wokuphephe­la Mtshali

 ?? Isithombe: Getty Images ?? UMehluleli uMbuyiseli Madlanga
Isithombe: Getty Images UMehluleli uMbuyiseli Madlanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa