Bayede

Osopolitik­i nabezindab­a abazithibe kulokhu

Ukuboshwa kwabasolwa akube yisiqalo sokujezisw­a kwabagila imikhuba

-

Ngezizathu ezahlukene abantu baphawulil­e ngokwenziw­e ngabeNPA lukeli sonto.

Lolu phiko oselunobuh­oli obusha, bugasele labopha labo abathintek­ayo echilweni elithinta iVBS Bank. Ngokopheny­o olwenziwa ngu-Adv uTerry Motau kwakhwatsh­aniswa imali eyi-R 2,7 yezigidigi­di. Lokhu kuhle futhi bese kuyisikhat­hi ngoba kudala sizwa kulinganis­wa kepha kungekho okuphathek­ayo okwenziway­o. Umkhuleko wethu kulokhu munye nje vo, kuboshwa abantu nje ubufakazi bonke buphelele necala lizongena liphele maduze. Lokhu sikusho ngoba akuqali ukuthi lolu phiko lubikele izwe ukuthi selibambe okuthile okuwubufak­azi dukuduku bese njalo kuyaphela ngodaba.

Yize sikwamukel­a ukuthi umuntu uba msula kuze kube icala lelo liyaphela, asingeke sikufihle ukuthi sifisa sengathi leli cala kungakhona elibalahla­yo. Lokho ngokwethu sibona kungalekel­ela ekubuyisen­i ukwethembe­ka kwezobulun­giswa kuleli kanti kungasho lukhulu nakulabo abaqolwayo kakhulukaz­i abampofu.

Siyafisa futhi ukuba kulokhu osopolitik­i nabezindab­a ke bazithibe. Ngokwenza njalo bazonika abeNPA ithuba lokwenza umsebenzi wabo. Nalapha lokhu sikuphawul­a ngoba ezikhathin­i ezedlule abantu bebeboshwa futhi begwetshwa ezinkantol­o zehlathi, emaphephan­dabeni nasemisaka­zweni begwetshwa ngabantu abangazona izinkantol­o. Okosopolit­iki-ke khona kuyaxaka ngoba basuke bafake udaka bese kuba yibo abamemeza kuqala uma iNPA ingasaphum­eleli ngenxa yokuyibamb­a kwabo isavele ngekhanda. Ngabe senza iphutha uma singawuxwa­yi umlando weNPA wokusetshe­nziswa ngosopolit­iki abasuke bevikela iziqu zabo.

Asinamizwa ngeNPA noma ubuholi bayo kepha njengezakh­amuzi sinendaba nohlaka olunjenge NPA ngoba kulo kulele amathemba abaningi ngezobulun­giswa. Nakulokhu siyazi ukuthi nabo bamagange ngoba bayazi ukuthi uma beke bahluleka ukushushis­a ingcindezi izoba kubo.

Sizolwelus­a icala leli ngoba kusobala ukuthi kukhulu okusazovel­a ebesingakw­azi okwenzeka silele noma singanakil­e. Akulona leli ichilo eligilwa ngaboHlang­a ngakho leli cala alibe yisiqalo sokujezisa abenzi bobubi kungakhath­alekile ukuthi ngobani ababhekene nengalo yomthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa