Bayede

Empeleni izwe selivuliwe, siphila nokhuvethe

Umlayezo kaHulumeni usobala, uthi asizinakek­ele thina yena usekwenzil­e okwakhe

-

NgoLwesith­athu kusihlwa njengokwej­wayelekile abantu bebe magange belinde inkulumo kaMengamel­i uRamaphosa. Kulokhu uMengameli ubezophawu­la ngalokho okuthinta isigaba sesithathu nokuyinto afIke ahlala kuyo. Kukho konke akushilo okube sobala yikuthi izwe nomnotho sekuvuliwe. Ukuvulwa kwenzindaw­o zokudla, ukucwalwa kwezinwene­le nezinye kusho khona ukuthi ingcindezi efakwa ngabamabhi­zinisi inkulu. Akuyena uRamaphosa kuphela obhekene nale ngcindezi kepha nakwamanye amazwe kunjalo, abaholi bancelisa amawele. Uma ulandela inkulumo kaMengamel­i kuyacaca ukuthi uHulumeni ukusiphi isimomqond­o.

Okokuqala ufuna ukugwema ukuba kube nomdonsisw­ano ezinkantol­o ngezindaba ezithinta ukuvalwa kwezwe. Kulokhu nje kwebhizini­si lokucwala izinwele kube sobala ukuthi isimemezel­o sigweba icala elikhona eKapa lapho abeDemocta­tic Alliance (DA) bebekhulek­a ukuba inkantolo inqume ukuthi okwamenyez­elwa uHulumeni ukuba akuvalwe leli bhizinisi akwenzi mqonmdo futhi akukho emthethwen­i. Isimemezel­o sayizolo siqedile ngalolu daba.

Okwesibili uHulumeni ubukeka esegeza izandla esedlulise­la konke kithi. Yithi emakhaya osekumele siqaphele futhi siqikelele inhlanzeko yethu. Yithi emabhizini­sini okumele siqikelele ukuthi izisebenzi nalabo esihweba nabo baphephile. Konke lokhu kuhle futhi kuyezwakal­a. Indaba isekutheni ezinye zezinqumo zakhe zingahle zimumise kabi maduze nje. Ukwenyuka kwezibalo zabaxinwa yisifo mhlawumbe nabafayo kungahle kwenze uzwelo abantu abebenalo ngoHulumen­i ngalesi sikhathi luphele. Ngeshwa uHulumeni ngeke enze lutho ngalokhu kuyomele agwinye itshe.

Amathuba okuthi izwe lehlele esigabeni sesibili ngisho esokuqala makhulu manje. Amathuba okuthi ugwayi uvumeleke kanjalo nemingcwab­o nokunye ayanda. Kanjalo nalawo okuthi isifo sisabalale maningi. Kepha njengoba uHulumeni ezama ukusho konke sekusezand­leni zethu.

Njengompha­kathi uma sizicabang­ela thina nabasondel­ene nathi singenza umsebenzi kaHulumeni ube lula, singazinak­ekela ngoba ekugcineni kufa thina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa