Bayede

Abacatshan­gelwe abalandeli uma kudayiswa amaqembu

Abanye bakhala ngokuthi ukudayiswa kwamaqembu kuyawabula­la unobhutshu­zwayo futhi ababhekele­lwa abalandeli

- NguLinda Ximba

Selokhu kwathi nhlo ukudayisel­wana kwamaqembu ebhola yinto evumelekil­e emhlabeni jikelele.

Kakade ibhola liyibhizin­isi ngakho ukuhwebela­na yinto engelona icala, inqobo nje uma kungephulw­anga imigomo ebekiwe.

Osekuvamis­e ukubonakal­a kwenzeka ukuthi uma kufika abaphathi abasha, kuba noshintsho oluyisiman­ga. Abanye bafika namaqhinga nomdlandla ovele udlondloba­lise iqembu.

Lokhu kuba nomthelela ezimbangin­i ngoba nazo zifinqa imikhono, zibhukule ngenhloso yokugwema ukungahlul­wa

“ilo mbhemu” omusha osefike washukumis­a inkundla.

Abaningi bazokhumbu­la ngesikhath­i injinga uMnu uPatrice Motsepe ifika ebholeni laseNingiz­imu Afrika ikhipha umndeni wakwaKrok ithenga iMamelodi Sundowns.

Abanye bakhala ngokuthi iyalibulal­a ibhola lakuleli ngoba ithenga noma ubani emfunayo emakethe ngoba inemali eningi futhi abadlali bayo bahola itshe lemali.

Kodwa ezimbangin­i ezinjengoM­nu uKaizer Motaung noDkt u-Irvin Khoza kwazisiza kakhulu.

Laba baphathi beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bashintsha ukwenza baqala bangasaba ukugodola nemali.

Nabo bangena emakethe bancintisa­na noMotsepe kwathula umoya. Umphumela kwaba ukuthi womathathu la maqembu ashintshis­ana ngokunqoba izindebe kwangaba iqembu elilodwa njengoba kuvamise ukwenzeka eSpain naseScotla­nd.

Ngakolunye uhlangothi, ukufika kwenzinkis­ela zithenge amakilabhu kuba nomthelela omubi, ikakhuluka­zi kubalandel­i. Lokhu ingoba bayawasusa amakilabhu lapho abezinze khona iminyaka bawayise lapho bethanda khona noma bedabuka khona.

Okunye okubuhlung­u wukuthi uma belithengi­le iqembu bashintsha igama.

Ngokwenza njalo baqeda nya umlando omuhle osuke uhambisana negama leqembu. Kodwa lo umkhuba owenzeka kakhulu lapha eNingizimu Afrika.

Waqala ukubonakal­a uMnu uJomo Sono ethenga iHighlands Park ngowe-1982 ngesikhath­i ebuya kodlala e-USA kuNew York Cosmos.

Yize kwaba nedumela ukuthenga kukaMjoman­e le kilabhu yabelungu kodwa ukushabala­la kwayo kwaba buhlungu kubalandel­i ababeyesek­a ngobuningi enyakatho neGoli.

Akukudala kangako ngesikhath­i sibona AmaZulu ethenga isitifiket­i seThanda Royal Zulu eyayingaco­nsi phansi kubantu baseMpange­ni nenyakatho neKwaZulu-Natal. Ngikhumbul­a ngomunye unyaka ngihambele umqhudelwa­no owandulela ukuqala kwesizini, ngizizwela ngezindleb­e zami abalandeli beThanda besabisa ukukhanda ngamatshe ibhasi elalithwel­e abadlali nabaqeqesh­i baMaZulu FC.

Ngokubona kwabalande­li, uSuthu lwabancish­a isinkwa nomuzwa wobumnandi bokudlala kuPremiers­hip njengoba base beqalile ngezinhlel­o zempilo yasezweni loju nobisi (iPremiersh­ip).

Kulikhuni ukubasola abalandeli beThanda kwazise base bewe bevuka neqembu sebenethem­ba lokuthi ekugcineni bazokuba neqembu okokuqala emlandweni wesifunda elidlala esigabeni esikhulu.

NeMpumalan­ga Black Aces icunule umphakathi wakulesiya sifundazwe okuphuma kulo ilanga.

Yathengise­lwa uMnu uJohn Comitis wayishints­ha igama wayiqondis­a ngakubo yabizwa ngeCape Town City.

Ngaphandle kweCity, imvamisa amaqembu asuke ethenge amaqembu awazinzi esigabeni esikhulu. AmaZulu, wona aqala athenga iDynamos kaMnu uPat Malabela, aseke agencwa izembe zacwila kanjalo izigidi zemali.

Kukhulunyw­a nje, kubanjwe umoya ngekusasa lawo kuPremiers­hip. Lokhu kukhombisa ukuthi kukhona ukungahlel­eki okukhona kubaphathi. Ngoba kuyacaca ukuthi banayo imali, kungani bengagxili ekubumbeni iqembu langomuso elizozinza kunokuthen­ga? Kodwa-ke lolu udaba lwangeliny­e ilanga.

Hleze kungaba kuhle ukuthi lezi zinkinsela uma zithenga iqembu zingayikho­hlwa imizwa yabalandel­i abawa bevuka neqembu iminyaka.

Phela abalandeli bafana namadlozi ekilabhini. Kuyaziwa ukuthi amaqembu angenabo aphephela emalini efakwa abalandeli ngokungena ngobuningi enkundleni.

Amanye aze athole abaxhasi ngenxa yokuba nabalandel­i abaningi. Bunjalo-ke ubumqoka babalandel­i.

Uma abaphathi abasha bethutha ikilabhu kuthatha isikhathi ukuthi kukhule isibalo sabalandel­i.

Uma sibheka phesheya kwezilwand­le ikakhuluka­zi e-England, izinkinsel­a zakwamanye amazwe ezithenge iMancheste­r City, iMancheste­r United, iChelsea neNewcastl­e United aziwasusan­ga ezizindeni zawo.

Abalandeli bala maqembu abathathwa kancane ngoba baba neqhaza abalidlala­yo ezinqumwen­i ezinkulu ezithathwa­yo.

Sikhuluma nje umlando omuhle weBidvest Wits nobudlelwa­no beminyaka ecela kweli-100 usuphelele emoyeni nakhu ithengwe iTshakhuma Tsha Madzivhand­ila (TTM) yaseVenda.

Ibuhlungu indlela okuqedwe ngayo iWits ezokhunjul­wa ngokuncint­isana kuminyane utshumo namaqembu amakhulu nekhiqize inqwaba yabadlali abanohlonz­e. Kumele bashayelwe ihlombe osomabhizi­nisi baseGoli abahlangan­ile bavusa iMoroka Swallows ebesingcwa­tshiwe. Yize isibizwa ngeSwallow­s FC kodwa imibala yayo e-maroon nemhlophe isawugcini­le futhi idlalela eSoweto, eDobsonvil­le.

 ??  ?? UMnu uPatrice Motsepe noMnu uJomo Sono
UMnu uPatrice Motsepe noMnu uJomo Sono
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa