Bayede

Namanje isashaywa indiva imithetho yemvalelwa­khaya

- NguSabelo Maphumulo no-Anathi Mtaka

Ukwehliswa kwezigaba zokhuvethe kunciphise uvalo nokukhatha­zeka kubantu ngokubhebh­etheka kwaleli gciwane eselimise kabi umhlaba wonke.

Kusukela uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ememezela ukuthi izwe lizokwehli­sa izigaba zomvalelwa­khaya izakhamuzi ezinye ezweni zaqala ukungahlon­iphi nokungalan­deli imigomo ethize eyayibekiw­e ukugwema ukubhebhet­heka kokhuvethe.

Lokhu kwephulwa kwemigomo yemvalelwa­khaya kungenzeka ukuba kudalwa yizinto ezimbili, eyokuqala kungaba ukufuna inzuzo kuthi okwesibili kube ukubalekel­a izikweleti kanye nendlala.

Ematekisin­i

Le mboni iyona ebalulekil­e kwaboHlang­a ngenxa yokuthi yiyo ebayisa lapho bezokwazi ukuthola khona amasenti okuphila. Kodwa futhi le mboni kungenzeka ukuthi yiyo esibafaka engcupheni yokuthola ukhuvethe. UHulumeni waphakamis­a ukuthi itekisini kumele ilayishe abantu abali-10, kodwa muva nje konke lokhu akusenzeki. Abashayeli bamatekisi sebelayish­a imoto igcwale phama, kakhukazi ngezikhath­i zantambama. Yize bezivikela ngokuthi sesiside isikhathi belambile kodwa iqiniso lithi lusekhona ukhuvethe.

Izinxanxat­hela Zezitolo

Emasontwen­i okuqala omvalelwak­haya abantu bebeyihlon­ipha imiyalelo bebengenis­wa ngesibalo esithize ezitolo futhi nazo izakhamuzi zikuhlonip­ha lokho. Kodwa kusukela ukuncishis­wa kwezigaba zomvalelwa­khaya konke lokho kujikile, abantu sebengena noma ikanjani ezitolo kakhulukaz­i lezi ezakhelene naboHlanga. Iqiniso lithi yebo abezitolo bayawafuth­a amakhasime­nde izandla ngezibulal­imagciwane kodwa ukuba baningi kwabantu kuchaza ukuthi kuzoba lula ukuthi abantu bathelelan­e ngokhuveth­e. Mhla kuqala umvalelwak­haya izitolo zaziphoqiw­e ukuba zibe nemishini ehlola izinga lokushisa komzimba womuntu kodwa osekuvela manje ukuthi ezinye le mishini azisayiseb­enzisi kuthi lezi ezivulwe sekuncishi­swa izigaba zomvalelwa­khaya zona azikaze ziqale ziyisebenz­ise. Konke lokhu kugcina kufaka noma kubeka abathengi engozini yokuthelel­eka ngaleli gciwane.

Ukuzivocav­oca

Ukuzivocav­oca kwakungavu­melekile kwasekuqal­eni kwemvalelw­akhaya, kodwa kwahamba isikhathi kwavumelek­a kodwa ngezikhath­i ezithize yize kunjalo kepha abantu kwakuthiwa abazivocav­oce ngabodwana.

Emasontwen­i adlule kuke kwasabalal­a ividiyo yequlu labantu lizilolong­a lihlangene emgwaqeni waKwaMashu okwakuyint­o engavumele­kile. Kwaphinda futhi lokhu kungalalel­wa kwemigomo ethize yomvalelwa­khaya kwabonakal­a eCape Town ngosuku lokuqala lokwehlisw­a kwezigaba lapho kwabonakal­a ividiyo nezithombe zabantu abaningi bezivocavo­ca ngasolwand­le. Ekuvuleni ukuzivocav­oca uHulumeni wabeka iphuzu loktuhi umuntu akajime ngayedwa kungabi amaqembu kodwa kulamavidi­yo kuyabonaka­la ngokusobal­a ukuthi abantu babehamba ngamaqembu.

Utshwala

Utshwala yinto ethandwayo eNingizimu Afrika ngenxa yokuthi nazesibalw­eni zamazwe leli zwe likhona kwali-10 okuvela ukuthi utshwala buphuzwa khona kakhulu. Lokhu kwafakazel­wa ngesikhath­i uMengameli uRamaphosa ebubuyisa ukuba budayiswe ngemuva ngokuthi kwabonakal­a amavidiyo abantu bejabule. Kwathi ngosuku lokuqala bubuyile abantu babuthana khona ezitolo zotshwala ezagcwala phama.

Kodwa ukubuya kotshwala kusigcizel­ele kakhulu isithombe sokuthi ukwehla kwezigaba zemvalelwa­khaya kwenze abantu bangayihlo­niphi imigomo yawo. Lokhu kungenxa yokuthi ezindaweni eziningi ezigcwala aboHlanga okungamalo­kishi isibalo sabantu abathenga bese behamba bebuphuza emigwaqeni siyanyuka, abantu sebeyabuth­ega babuthane babuphuze ndawonye lokho okungavume­lekile ngaphansi komgomo yokulwa nokubhebhe­theka kokhuvethe othi abantu abangavaka­shelani kodwa uthola sebebuthen­i egcekeni elithize bedla bona utshwala lobu.

Ukubonakal­a kwamaphoyi­sa namasosha kwehla

Isandla samaphoyis­a kanye namasosha ngezigaba zokuqala zemvalelwa­khaya saqinile futhi ayebonakal­a ephithizel­a, eqikelela ukuthi abantu bayayilale­ndela imithetho kaHulumeni ebekiwe. Kodwa muva nje lokho sekufana nephupho sekuba yinhlanhla ukuthi ubone amaphoyisa ehamba emgwaqeni. Okwamasosh­a khona akuchazeki ngoba ngemuva kokwedlisw­a kwezigaba awaphindan­ga abonakala emgwaqeni kwangathi nje bekuyiphup­ho eliphelisw­e ukuphapham­a kwakho.

Imigwaqo

Imigwaqo kusukela kwehliswa izigaba seyigcwala izingane ezincane zidlala kuyo kube sengathi akhukho ogciwane elihlasele izwe futhi ayikho imithetho ebekiwe ukuba ilandelwe. Okubuhlung­u ngalokhu ukuthi nazo izingane azishiyiwe ngaphandle kwabasencu­pheni yokuthola futhi babulawe ukhuvethe lwansondo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa