Bayede

Iyichilo eyezingane ezingondin­gasitheben­i

- NGUMBUSO KHOZA

Okhokho bethu kanye nokhulukhu­lwana bethu baqhamuka ngezinkalo ezahlukene bevela enkabeni yalesi saguga esisizala sonke thina begabade le Afrika, uma umuntu ezalwa uye asikwe umthambo wenkaba ugqitshwe esibayeni. Noma engaya kuliphi izwe uma bembuza ukuthi udabukaphi uye aphendule athi ngakhele inkosi usibaniban­i nenkaba yami isekutheni.

Lolu hlobo losikompil­o yilo olwalwenza abantu abangaboHl­anga bangabi wondinga sithebeni. Lokhu kwakuqinis­ekiswa wubuntu kanye nobuqotho bethu thina beNgabade.

Ngeke nokho ngavundulu­la imilando nemilando yaleli zwe lapho abantu bakithi baphendulw­a izimfumban­qokwana befakwa imithi kuhle kwezimeshe ziphethwe wumbendeni ukuze bakulungel­e ukuyoseben­zela abagqilazi. Ngeke futhi ngaqala phansi ngibambele­le edandi njenge ngede ngiqekethe okwake kwasehlela kodwa njengomsha­nelo wenono ngivumele mfundi walesi sinqandabu­li sephephand­aba ngigiye ngiphindel­ela ngoba izingqinam­ba ziyinsila yamihla.

Uma igceke lake lashaywa wunyazi kuye kufakwe izikhonkwa­ne ezintsha ukuze ikhaya lingabi yisishozi. Manje uma uthatha ubheka okwethu kubukeka sengathi sashaywa umangquzum­ela wembokode yezulu maqede senziwa imikhovu ngoba injumbane ilokhu ikhombe ekhaya. Masingome ngomanye sithi impela maningi amathumba aqhunyiswa angakhanyw­a umantshu. Njengokweb­elwa umhlaba, ukwephucwa inkotha kanye nokukhucul­ulwa kwenkwethu yolimi uqobo.

Ekukhuleni kwengane isingathwa ngabakubo kwayise, kwagogo kayise kanjalo nasohlango­thini lwasekhaya konina. Ngabe ibambe ngakho yini uma sinezingan­e esezaphend­uka izigxazama­the ngenxa yokudla indanda emgwaqeni. Zolo lokhu ubungeke uyibuze indoda yomZulu ukuthi inabantwan­a abangaki ngoba isigodi sonke yayisizala, kunesikomp­ilo elalithi ingane yakho ngeyami.

Safika ke isilumbi sathi naka izindaba zakho, ngabe ngawani la manyala ndlu eNsundu ngabe ngawoku nyemfuza? Ubani lo owasinqind­a ukusebenza kobuchopho? Saze sanqundeka amaqaphelo imbala! Kumuntu ozele ngabe ayisekho imihelo ngabe akusasiki ndawo uma ubona ingane eNsundu intula ishaya inja ngekhanda? Lo mhlaba esikhala ngawo siyowuthol­a kanjani uma sehlulwa wukunqanda izingane zethu sizeqele zibuye ekhaya?

Zithini zona izinyandez­ulu zaleli gabade uma sesaphendu­ka izintethe zezithotho­bala ezosiwe, imizi yobaba isiphenduk­e kwamachanc­a. Uyamazi umagida sibhekane! Igceke ngokomland­o nomthetho akungenwa kulo sekuhlwile ngoba linezidalw­a eziqaphe okubi, baphi abazali uma kunje noma sekwaba yigama nje?

Ndlu yakwethu ayikho intandane kuleli zwe noma uzalo lwakho lungedlula lonke emhlabeni inqobo nje uma kunabantu abasibongo sifana nesakho ngabakwenu labo futhi bangakwazi ngisho ukukubika emsamo, ubufakazi obuqandula ikhanda bokuthi asinayo inkedama thina, engani kukhona ngisho abazala bakho, womalume, wuzalo lwakwagogo ngingabala lize liyozilahl­a kunina.

Le nto yokuthi kube nezingane ezingomnts­hingo ubethwa ngubani ilichilo ayemukelek­i futhi isikhomba sonke ngenjumban­e ithi asikhuthel­e siyanyemfu­za ekubeni izwe lemuke nomfula azibuyisel­we emakhaya izingane Awu zaze zafa wungqoqwan­e.

 ?? Isithombe: Twitter ?? Lesi yisimo esiyichilo kwaboHlang­a
Isithombe: Twitter Lesi yisimo esiyichilo kwaboHlang­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa