Bayede

Alikazosha­balala igama likaHarry Gwala

- nguSiyetha­ba Mhlongo

NgoLwesihl­anu zingama-20 kuNhlaba loyo obalwa njengeliny­e lamaqhawe ekulweni nobandlulu­lo, uMnu uHarry Gwala, ubeqeda imnyaka engama-25 adlula emhlabeni. Ukudlula kwakhe igama lakhe alishabala­langa njengoba eMgungundl­ovu, eMsunduzi, kwaqanjwa inkundla kanobhujuz­wayo ngeHarry Gwala Stadium, okungasiyo­na inkundla nje engatheni kepha okudlalelw­a kuyo ngisho imidlalo ye-ABSA Premiershi­p, kwaphinde kwaqanjwa uMasipala wesiFunda ngokuthi iHarry Gwala District Municipali­ty okunguMasi­pala owengamele iDr Nkosazana DlaminiZum­a, uBuhlebezw­e, uMzimkhulu kanye neGreater Kokstad. Igama likaMdala (Harry Gwala) lisaqhubek­a njengoba isibhedlel­a esidume kakhulu esifundazw­eni iKwaZulu-Natal, i-Edendale Hospital, uMphathisw­a Wezempilo kulesi sifundazwe, uNkk uNomagugu Simelane-Zulu wamemezela ukuthi sizoguqulw­a igama sibezwe ngeHerry Gwala.

Ukushintsh­a kwegama kwalesi sibhedlela isinqumo sikaHulume­ni wesifundaz­we, lokhu kusho ukuthi igama likaMdala lisebenze ezigabeni ezintathu zikaHulume­ni lapha eNingizimu Afrika njengoba kuqanjwe ngaye iNkundla yebhola leso kwakuyisin­qumo sikaMasipa­la wasekhaya uMsunduzi, bese kube isifunda okuyiso uqobo iHarry Gwala.

Umphathisw­a uSimelane-Zulu ngesikhath­i ethula isabelomal­i soMnyango wakhe muva nje uthe: “ukuhloniph­a izithukuth­uku zikaMdala sesithathe isinqumo sokuqamba kabusha isibhedlel­a i-Edendale ngaye. Lokhu kulandela emva kokuthi kwasona isibhedlel­a uqobo sinomlando onothile emzabalazw­eni.”

Waqhuba ngokuthi sebexhumen­e nomndeni kaGwala futhi bavumile ukuba bababoleke igama lakhe. “Sesixhumen­e noMasipala wesiFunda uMgungundl­ovu kanye noMasipala wasekhaya uMsunduzi njengoba kumele senze, okungukula­ndela imigudu efanele.” Washo kanje.

Waqhuba ngokuthi basazoqhub­eka beyiSishay­amthetho sesifundaz­we ukudingida lolu daba uma isikhathi sesibavume­la kahle.

Okunye aveze ukuthi kuzokwenze­ka ukulungisa indlela esibukeka ngayo lesi sibhedlela. “Asizogcina ngokuthi sibukeke kahle izindonga kepha sifuna nalabo abasebenzi­sa lesi sibhedlela bazizwe bephatheke kahle, lokhu sizokwenza ngokuthi silungise indlela yokuziphat­ha kweziseben­zi ukuqinisek­isa ukuthi lesi sibhedlela siwumfanek­iso kaMdala,” kusho uMphathisw­a uSimelane-Zulu.

UNkk uLindiwe Gwala-Gwambi oyindodaka­zi kaGwala, uthe bengumnden­i bazizwa behloniphe­ke kakhulu ukuthi igama likayise lisazoqhub­eka liphile emva kokudlula kwakhe emhlabeni. Uqhube ngokuthi lokhu kumhloniph­a akusikona ukuthi wazabalaza nje kuphela kepha ukuthi wayezama ukunxenxa odokotela kanye nezinye izisebenzi ukuthi zingene enhlanganw­eni ebusayo.

“Ubaba wasebenza esibhedlel­a njengomabh­alane kodwa waxoshwa ngoba wayenxenxa odokotela kanye nezisebenz­i ukuthi bajoyine le nhlangano ebusayo. Siyakholwa ukuthi ngempela kufanele ukuthi lesi sibhedlela (Edendale) siqanjwe ngegama lika baba,” kusho indodakazi kaGwala.

Iqhube ngokuthi izinhlelo zokushints­ha lesi sibhedlela kade zaqala bajatshuli­swa ukuthi bayabona sekuyaqhub­eka. “Izinhlelo zaqala ngesikhath­i uDkt uSibongise­ni Dhlomo esanguMpha­thiswa woMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal, kodwa kunezingqi­namba kwaphoqele­la ukuthi kume okwesikhas­hana, uNkk uSimelaneZ­ulu ube eseqhubeka nalezi zinhlelo.” kusho yena.

UMphathisw­a Wezemfundo esifundazw­eni iGauteng, uMnu uPanyaza Lesufi, wanxusa abantu ukuthi balandele izimfundis­o kanye nobuhlakan­i bukaGwala. ULesufi wakusho lokhu ngesikhath­i ehambele eDambuza ehambisana neHarry Gwala Foundation beyonikela ngokudla kubantu bakule ndawo abaswele.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UMnu uHarry Gwala
Isithombe: Twitter UMnu uHarry Gwala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa