Ezokhetho nokhuvethe ezwenikazi i-Afrika
Izolo kufungiswe uMengameli omusha eBurundi, uJenene Everiste Ndayishimiye, emveni kokuba iqembu aliholayo iConseil National Pour la Défense de la Démocratie – Forces pour la Défense de la Démocratie (CNDDFDD) yadla umhlanganiso okhethweni olwalubanjwe zingama-20 kuNhlaba nonyaka. NgokoMthethosisekelo waseBurundi, uMengameli omusha ubezofungiswa ngoNcwaba kodwa ngoba izwe lisingethwe yifu elimnyama emveni kokushona kowayenguMengameli walo uMnu uNkurunziza, iNkantolo Ephezulu ivumile ukuthi uNdayishimiye angene esikhundleni ngaphambi kwesikhathi esimisiwe.
Lokhu okwenzeke eBurundi sekudale ukuthi eyokhetho emazweni ehlukene e-Afrika nonyaka njengoba kubhekenwe nokhuvethe ilokhu isematheni. Nonyaka abalelwa kuma-22 amazwe okulindeleke ukuthi aye okhethweni e-Afrika. Kepha ngenxa yokuqubuka kokhuvethe emazweni ahlukene e-Afrika sekunokushayisana kwemibono mayelana nokuthi la mazwe angaqhubeka noma cha nezinhlelo zokubamba ukhetho. Kepha lolu akulona udaba olulula. isibonelo nje yiyo iBurundi lapho ayemaningi amazwi ayegxeka ukuthi leli zwe liya okhethweni libe likhungethwe ukhuvete kwaze kwathiwa inhloso ukwandisa amathuba okuthi iCNDD-FDD iphumelele. Abamaqembu aphikisayo bakhalazela nokuthi abakwazanga ukukhankasa kahle ngenxa yemigomo eyayimisiwe ukuvikela ukubhebhetheka kokhuvethe. Kepha, ukudlula kukaNkurunziza sekwenze kubuzwe imibuzo efana nokuthi ukube iBurundi ibingayanga okhethweni, kungabe kuthiwani namuhla ngoba ukushona kwakhe bekungase kudale umqhudelwano nombango wokuthi ngubani okumele angene kulesi sikhundla kuze kufike isikhathi sokhetho.
Ngamanye amazwi eyokuthi amazwe angayi noma aye okhethweni akumele ithathelwe phansi. Kepha okumele kungwenywe kakhulu ukubopha izwekazi ngabhande linye ngokuthi kuthiwe e-Afrika amaqembu abusayo azosebenzisa intuba evuleke ngenxa yokhuvethe ukudicilela phansi amalungelo ezakhamuzi afana nawokukhetha abaholi babo. Ake sibheke izinqumo ezahlukene esezithathiwe ngamazwe athize nemithelela esezibe nayo kwezepolitiki ezweni.
UHulumeni wase-Ethiopia wathatha isinqumo sokuhlehlisa ukhetho obekumele lubanjwe kuNcwaba nonyaka luhlehliswe ngenxa yokhuvethe. Kukhona abasincoma lesi sinqumo ngokuthi ngesihluzekile ukuze kuphephe izakhamuzi. Kepha, kwezepolitiki e-Ethiopia sesidale omkhulu umsindo nosudunge ubudlelwane obukhona kumaqembu ezepolitiki. Amaqembu aphikisayo asigxekile lesi sinqumo ngokuthi sinikeza iqembu eliholwa uNdunankulu uMnu Abyei ukuthi liqhubeke nokuphatha izwe kuze kwedlule isikhathi esimiswe ngokoMthethosisekelo.
Amanye ala maqembu aze aphakamisa ukuthi okungenani uma sekufika isikhathi ebekuzobanjwa ngaso ukhetho, makusungulwe uHulumeni wesikhashana ozofaka wonke amaqembu. Iqembu elibusayo aliyishayanga ndiva leyo, kunalokho, mhla zili-10 kwephezulu, iPhalamende lavotela ukuthi uNdunankulu aqhubeke nokuba sesikhundleni kuze kudlule izinyanga eziyisi-9 noma ezili-12 emveni kokuba izwe seliyinqobile eyokhuvethe. Lokhu kusho ukuthi akwaziwa ukuthi iNdunankulu uzoba esikhundleni kuze kube yinini ngoba akekho ongabagula namuhla ukuthi izwe lizowunqoba nini lo mkhuhlane. Ngakolunye uhlangothi, elinye lamaqembu aphikisayo iTigray People’s Liberation Front (TPLF), nelahlubuka kwelibusayo, lidalule ukuthi esifundazweni eliphethe kuso iTigray, lihlongoza ukulibamba ukhetho ngoba alihambisani nokuthi luhlehliswe. Ngamanye amazwi, lukhulu luyeza.
IGhana, okungelinye lamazwe elizithole linamanani aphezulu kakhulu okhuvethe, nayo iye okhethweni nonyaka, kepha uHulumeni akakalikhiphi elokuthi kuzomiswa kanjani. Inkinga ebhekene nelaseGhana ngeyokuthi, ingelinye lamazwe ambalwa lapho uMthethosisekelo ucacisa usuku nenyanga okumele kuyiwe ngayo okhethweni. Lokhu kwenza ukuthi uma lungase luhlehliswe ngenxa yokhuvethe, kungase kuphoqe izwe ukuthi liguqule uMthethosisekelo, okuyinto okungeke kubelula ukuthi yenziwe. Okuphinde kwenze eyaseGhana ibe nzima ukuthi noma uMthethosisekelo ugunyaza ukuthi ukhetho lungahlehla uma kukhona okuthize ezweni okufana nempi yombango kepha isimo esifana nokhuvethe akucacile kahle ukuthi singathathwa yini njengaleso ngokoMthethosisekelo, esingadala ukuthi ukhetho luhlehliswe.
EGuinea, njengaseBurundi, uHulumeni wanquma ukuqhubeka nehlolovo yoMthethosisekelo omusha kanye nokhetho okwabanjwa zingama-22 kuNdasa nalapho kwaphumelela iqembu elibusayo. Lesi sinqumo sagxekwa abaningi ikakhulukazi amaqembu aphikisayo ngokuthi ukubanjwa kokhetho kube kukhona ukhuvethe ezweni kwavuna iqembu elibusayo ngoba baba yidlanzanya abavota futhi kwakunzima ukukhankasa ezweni lonke. Kepha uHulumeni washaya phansi ngonyawo ngokuthi angeke luhlehle ukhetho ngoba kwakumele lubanjwe ekuqaneli kowezi-2019, ngakho kwakubalulekile ukuthi izakhamuzi zinikwe ithuba lokukhetha uHulumeni. Noma izikhalazo zingakapheli, lwafika lwedlula naseGuinea.
Zonke lezi zibonelo zikhombisa ukuthi akucacile kahle okomele kwenzeke ngeyokhetho nokhuvethe. Kubhekenwe nesimo esingaziwa, ngakho-ke akumele amazwe ukuba afakwe kungcindezi yokuthi aye noma angayi okhethweni. Kunalokho kumele kugqugquzelwe ukuthi izinhlaka ezikhona emazweni ehlukene, ikakhulukazi amaqembu ezepolitiki abonisane ukuze izinqumo ezithathwayo zingaxovi imimoya ezweni isimo sivele simazonzo ngenxa ka Khuvethe.
UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi iAfrika.