Bayede

Inselelo yobuholi ezakhiweni zentsha kulesi sikhathi

- NGUDKT SIMPHIWE NOJIYEZA

Eminyakeni yaphambili­ni ikakhuluka­zi ngowe-1940 ukuba ngumholi kwakubiza ukubhekana nenselelo yokuboshwa isikhathi eside njengoMnu uNelson Mandela owagwetshw­a ukudikelwa ijele ngowe-1964, owahlala ejele waze wakhululwa ngowe-1990.

Abaholi abafana noMnu uSolomon Mahlangu, uMnu uChris Hani, uMnu uSteven Bantu Biko noMnu uRobert Sobukwe banikela ngegazi labo ukuze kutholakal­e inkululeko eNingizimu Afrika. Ukuhamba egodini lethunzi lokufa okwakubhek­ene nabaholi, ikakhuluka­zi abezombusa­zwe eminyakeni kulwelwa inkululeko, kwaphenduk­a indlela yempilo. Kwakubiza ukuzinikel­a okwakusezi­ngeni eliphakeme.

Nangowe-1976, abaholi abafana noMbuyisa Makhubo, banyamalal­a, oHector Peterson basala enkundleni bebancane ngenxa yendlela yemigomo ababekhole­lwa kuyo. Ukuzinikel­a kwakwandil­e emzabalazw­eni wokulwela inkululeko, okwaholela ekufeni kwabaholi bentsha bebulawa amaphoyisa namasotsha obandlulul­o kanye nodlame lwezombusa­zwe olwalubhid­langile ngezikhath­i zangowe-1980 kuya kowe1990. Siphinde sakubona ukuzinikel­a nakubafund­i bangowe-1976, okwakuthi noma befa bathi uyadela wena osulapho. Lokhu kwakusho ukuzinikel­a okwakudlul­ele. Nangowezi-2015 emanyuvesi aseNingizi­mu Afrika kuye kwabonakal­a umoya wokuzinike­la lapho abafundi belwela imfundo yamahhala futhi engagqugqu­zelwa izimfundis­o zasentshon­alanga.

OwayenguMe­ngameli uJacob Zuma, wamemezela ukusatshal­aliswa kwemfundo yamahhala kulabo bafundi abadla imbuya ngothi ngoZibandl­ela wezi-2017. Emkhankasw­eni wokulwa nobandlulu­lo olubhekisw­e kwabamnyam­a e-USA, sibona kona futhi ukuzinikel­a okuseqophe­lweni eliphakeme, uma abantu bedela imigomo evimbela ukuhlangan­a kwabaningi ukuvimbela ukhuvethe olukhunget­he umhlaba wonke.

Ubuholi obuqotho nobuqhakam­bisa amakhono

Iminyaka emva sekuzuzwe inkululeko, inselelo iphenduke yaba ukuqoka abaholi abanamakho­no ababezonge­na ekuholeni izinhlanga­no zentsha. Ngezikhath­i zowe-1940 nangowe-1960 kwabonakal­a abaningi abaholi bentsha ababengaba­meli, othisha, osonhlalak­ahle, abahlengik­azi kanye nosomnotho neminye imikhakha.

Iningi labo labe lizidela futhi lizimisele nokulahlek­elwa ngenxa yababekhol­elwa kuko. Noma sekusungul­wa uHulumeni wentando yeningi, amakhono nokuba neziqu kwakuba umgomo owawulande­lwa uma kuqokwa iziphathim­andla. Izinselelo ezintsha zazisho ukuthi kufanele kulumbanis­we amakhono kanye nobuholi obuqotho.

Abaholi abakwazi ukuphakami­sa imimoya yalabo abalwela inkululeko noma idingeka ngesikhath­i sokhetho, kwasekudin­geka ukuthi ilumbanisw­e namakhono uma kusungulwa iKhomishin­i Yentsha ngowe-1996.

UMengameli uMandela kwabiza ukuthi abheke ikhono uma eqoka uHlengiwe Bhengu njengoSihl­alo wokuqala weKhomishi­ni Yentsha kanye nabo bonke okhomishan­a ayezoseben­za nabo. Nezakhiwo ezifana noMsobomvu Youth Fund, eyayingany­elwe uMalose Kekana, abaphathi bentsha komasipala abahlukene nezinye izakhiwo kwakubiza ukuthi babe namakhono okwengamel­a izabelomal­i abanikwe zona, babike ngomsebenz­i abawenzayo.

Nezakhiwo ezifana noMkhandlu Wentsha owawusungu­lwe ukuthi uzimele, nawo wawufanele ulumbanise ukuba nekhono kanye nokuzinike­la. Inselelo enkulu eyayikhung­ethe ubuholi bentsha uma kungena umbuso wentando yeningi, ukunikeza ubuholi obufana noSobukwe, uMandela, uSisulu, uBiko nabanye phambili ababenokuz­inikela futhi benamakhon­o.

Abaholi bentsha kwakufanel­e baqhubeke nokunikeza umhlahland­lela nombono osabalele ezinselelw­eni ezifana nokunqaba kwamathuba omsebenzi, inkululeko yezomnotho, ukubuyisel­wa komhlaba kubantu boHlanga, ukubhekana nengculazi nesandulel­a sayo, ukusatshal­aliswa kwemfundo ephakeme namakhono kulabo ababengawa­tholi amathuba phambilini.

Enye yezinselel­o ebhekana nabaholi bentsha ikakhuluka­zi leyo esembusazw­eni, ukuqhubeka nokuhlahla indlela kuzinselel­o zesikhathi njengoba kwakwenza intsha kaKhongolo­se elokhu yasungulwa ngowe-1944, iyona eyayisekha­leni lokuthi iyiphi imigomo okufanelwe ilandelwe iqembu. Uma sekusungul­wa umbuso wentando yeningi, lo mdlandla wangowe-1945 uya ngokuya ushabalala ngenxa yezimo ezahlukile osekusetsh­enzwa ngazo.

Ngowezi-2011 nangowezi-2014 sibone kusungulwa amaqembu afana neNational Freedom Party ne-Economic Freedom Fighters asungulwe abakade behola intsha emaqenjini amakhulu, ngenxa yokuguquka kwendlela yokwenza engasafani neminyaka yaphambili­ni lapho abasophikw­eni lwentsha babephamba­na nabaholi kungabi ndabazalut­ho.

Isibonelo, abaholi abanjengoM­andela babenemibo­no engafani nekaMnu uJames Moroka, bagqugquze­la ukuthi akhishwe esikhundle­ni sakhe kufakwe iNkosi u-Albert Luthuli ngempumele­lo.

Phambilini abaholi abafana noSobukwe nabanye, kwabiza ukuthi baphume kuKhongolo­se basungule iPAC ngowe-1958 uma bengaboni ngasolinye ngokuthi abamhlophe bangaba yini amalungu kaKhongolo­se futhi nokubakhon­a kwesigaba Emqulwini Wenkululek­o wangowe-1955 othi, “iNingizimu Afrika ingeyabo bonke, abamhlophe nabamnyama” esingehlan­ga kahle kubo.

Abaholi bentsha emaqenjini amakhulu anjenge-ANC ne-IFP abanjengoM­nu uJulius Malema noNkk uZanele KaMagwaza Msibi, baqoma ukusungula amanye amaqembu, uma imibono yabo ingalalelw­a ngaphakath­i futhi izinguquko ababezipho­kophelele zingafezek­i.

Imfundo yamahhala, inkululeko yezomnotho, ukubuyisel­wa komhlaba kwaboHlang­a, ukuphathwa kwezimayin­i uHulumeni, izinselelo ezingezint­sha ukuba ziqhakanji­swe kanjalo nokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo inselelo esukela kudala, okusha ukusungulw­a kwamaqembu agxila ekugqugquz­eleni lokhu uma kuqhathani­swa nokunye.

Ukuzigqaja ngokuba umuntu omnyama nangobu-Afrika nayo inselelo yakudala, ehleze ivuselelwa kabusha uma kuguquka izimo ezithize. Abafundi bezikhungo zemfundo ephakeme bavuselela imibono kaBiko noSobukwe uma bethi imfundo ayingancik­i kokwasents­honalanga kodwa igqugquzel­e ulwazi lwendabuko nokuthi iveze isithombe esihle ngenzikamq­ondo yaboHlanga okungafane­le ithathwe njengobuqa­ba.

Zonke lezi zinselelo zidinga ubuholi obucaphuna ezimfundis­weni zokulwela inkululeko, amakhono kanye nobuqotho ikakhuluka­zi entsheni.

UDokotela Simphiwe Nojiyeza, Inhloko Yomnyango we Anthropolo­gy neDevelopm­ent Studies e-University of Zululand

 ?? Isithombe: nguDelwyn Verasamy, M&G ?? UMnu uCollen Maine
Isithombe: nguDelwyn Verasamy, M&G UMnu uCollen Maine
 ?? Isithombe: DA ?? UMnu uLuyolo Mphithi
Isithombe: DA UMnu uLuyolo Mphithi
 ?? Isithombe: Twitter ?? UMnu uMthokozis­i Nxumalo
Isithombe: Twitter UMnu uMthokozis­i Nxumalo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa