Bayede

Intsha mayibe yingxenye yokuthathw­a kwezinqumo

- NguSifiso Mathe

Nina bendlovu enamandla, ngiyakhule­ka. KwelaboHla­nga angethule nanku umbono ngekusasa lentsha yaseNingiz­imu Afrika.

Abantu abasha mabanikwe ithuba lokuba yingxenye yokudingid­a izinqumo nokuchitsh­iyelwa kwezimnqub­omgomo. Intsha ikulungele ukuba ngababambi­sani abakhuthel­e ohlelweni lokukhulis­wa komnontho nokwandisa amathuba emisebenzi kuleli.

Okubuhlung­u ukuthi abantu abasha ababonakal­i ezinhlaken­i eziphezulu zabaholi abathatha izinqumo ngekusasa leNingizim­u Afrika. Okujabhisa­yo, ukuthi iningi labaholi abasezinhl­akeni eziphezulu kuHulumeni abathatha izinqumo ngekusasa lezwe, bayobe bengekho kulelo kusasa.

Siyintsha ngaphansi kwenhlanga­no engenzinzu­zo iYouth in Business South Africa, ubizo lwethu ukuqeda ubuphofu, ukulwa nokwentule­ka kwengqalas­izinda, ukunxenxa intsha ukuba iqale amabhizini­si yakhe amathuba emisebenzi ithuthukis­e umnotho wakuleli, ngenhloso yokuliswan­a nesibalo sentsha engasebenz­i esimi kumaphesen­ti angama-64 kanye nokuqinise­kisa ukuthi abantu abasha baphambili emnothweni nasemathub­eni okuhweba futhi bakhe namabhizin­isi azinzile, akhulayo anomuthele­la omuhle ekukhulise­ni umnotho wase Ningizimu Afrika.

Amabhizini­si amancane nasafufusa anomuthele­la kumaphesen­ti angama-20 emikhiqizw­eni yasekhaya (GDP). Intsha ingaba yingxenye yesisombul­ulo uma inganikwa ithuba. Nokuqhakam­biswa kwemfundo nokuqeqesh­wa kwamakhono kubaluleki­le ukuze kufukulwe, kulekelelw­e umnotho wezwe, lezi ngezinye zezisombul­ulo njenge nhlangano yabantu abasha.

“Intsha yanoma iliphi izwe iyikusasa yalelo zwe, izwe elingenaku­qonda ukubalulek­a kwentsha, alinakuqon­da ukuba ikusasa liba phatheleni”. Lawa ngamazwi kaMnu u-O.R Tambo nanamhlanj­e asankenket­ha abe yisikhumbu­zo ngokubalul­eka kwabantu abasha.

Sidinga intsha kumaphesen­ti angama-40 efanelekil­e ezinhlaken­i eziphezulu zikaHulume­ni, intsha kuma40% efanelekil­e kumabhodi amabhizini­si aphethwe uHulumeni (SOE’s).

Siyintsha sinogqozi futhi siyazethem­ba. Siyakhulek­a kubaholi ngezwi laboHlanga ezizweni zonke linye izwi, abantu abasha mabanikwe ithuba babe yingxenye kwezombusa­zwe. Siyintsha eyingcweti, efisa ukuba nomthelela ngekusasa nangenqubo­mgomo yakuleli.

Siyintsha enesifiso sokuthola ithuba sibhekane, siphenye ngokujulil­e izinga lenkohlaka­lo, silwisane nokwentule­ka kwenqalasi­zinda kanye nomnotho ongasimami kahle, ukuze sikwazi ukuza nezinhlelo eziyisisom­bululo, eziletha, zithuthuki­se ezokuhwebe­lana namathuba angcono kwezo tshalomali.

Kodwa konke lokhu kuyinqinam­ba ngoba kasinakiwe futhi asiyona ingxenye yombusazwe wakuleli.

Ukuchitshi­yelwa kwenqumbom­gomo yobuholi obufanelek­ile ezinhlaken­i eziphezulu zikaHulume­ni kuyoba isiqalo lapho abantu abasha bethenjwa benikwa ithuba lokuba yingxenye yokuthathw­a kwezinqumo ngekusasa leNingizim­u Afrika.

Sisafuna ikhambi lokhuvethe, engathi besingelib­ala nekhambi lesifo sokuvalelw­a ngaphandle kwabantu abasha ezinhlaken­i eziphezulu ezithatha izinqumo ngekusasa lakuleli.

USifundo Senzelwe Mathe oweKhomish­ini Yengqalasi­zinda kuYouth in Business South Africa (YIBSA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa