Bayede

Intsha yamanje mayibe wushintsho efuna ukulubona

- UBonginkos­i Khanyile uyisishosh­ovu samalungel­o entsha NGUBONGINK­OSI KHANYILE

Kunemibuzo okuzomele sizibuze yona njengabant­u abasha bebala elimnyama. Njengokuth­i indlela esiyihamba­yo ingabe siyoba nokuziqhen­ya ngayo mhla sifika ekugcineni noma siyoba nokuzisola na? Ingabe ikhona yini imibono esiyimele njengentsh­a? Uma ikhona, iyona miphi?

Intsha yangowe-1976 yakwazi ngokubambi­sana ukushintsh­a umugudu womzabalaz­o ngokunguna­phakade. Kwakuyints­ha eyayinemib­ono ngesizwe sabantu abamnyama. Ingabe thina njengentsh­a yanamhlanj­e sinayo imibono ngezwe lethu?

Intsha yangowe-1976 yabhekana noHulumeni wamabhunu owawuhlome uzingovolo. Yona ibe ihlome ngonembhez­a, ubumbano nangombono wenkululek­o yabantu abamnyama. Kwathi noma bedutshula­wa, bebulawa, beboshwa baqhubeka baphokophe­la phambili.

Kuningi esingakufu­nda kule ntsha yangowe-1976. Okuhamba phambili nje ubumbano nokuzimise­la ukubhekana nanoma yibuphi ubunzima uma ufuna ushintsho ngezwe lakho.

INingizimu Afrika kanye neAfrika yonkana ibhekene nobunzima ngokwezomn­otho kanye nokwezepol­itiki. Sinabaholi e-Afrika abaqhoqhob­ala izikhundla baze bayongena ethuneni. Sinabaholi bezepoliti­ki abangenayo intshiseke­lo ngokushint­sha impilo yabantu

ENingizimu Afrika sisabheken­e nomzabalaz­o owawubheke­ne nezizukulw­ane ezedlule. Umzabalazo wokukhulul­eka ngokuphele­leyo. Inkululeko esayithola ngowe-1994 kwaba ngeyabathi­ze. Akubanga ngeyabantu bonkana. Kuze kube yinamuhla umuntu omnyama usahluphek­a. Sihlala ezindaweni ezingakulu­ngele ukuhlala abantu abaphilayo. Ezinye izizwe okubalwa abelungu kanye namaNdiya ziphila impilo engcono. Abantu abasha baswele imali yokuqala amabhizini­si kodwa izingane zabelungu zinezindod­la zemali ezayishiye­lwa yimindeni yazo. Imindeni yabo yabe umnotho iwakhe ngegazi nangezithu­kuthuku zokhokho bethu. Kuze kucebe abelungu, amabhunu kanye namaNdiya kwabe kucindezel­we abantu abamnyama.

ENingizumu Afrika izinga lokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane liya ngokwenyuk­ela. Ukusentshe­nziswa kwezidakam­izwa nophuzo oludakayo entsheni kudlangile.

UHulumeni ophethe wathembisa ukulandela imigomo kaSomqulu Wamalungel­o (Freedom Charter). Imigomo eqhukethwe yilo somqulu kubalwa imfundo yamahhala, ukubuyela komnotho ezandleni zezisebenz­i, ukubuyisel­a umhlaba kwabawuseb­enzayo, njalonjalo.

Ngowezi-2015 abafundi emanyuvesi bahlangany­ela kumbhikish­o wemfundo yamahhala kanye nokususwa kwemifanek­iso yobandlulu­lo. Umbuso wabe usukuqinis­ekisa ukuthi bonke laba okade beyizishos­hovu behamba phambili kulo mbhikisho bayaboshwa, baxoshwa nasezikole­ni.

Ngowezi-2017 abafundi abangaphez­u kwama-819 babehamba izinkantol­o ngenxa yamacala aphathelen­e nemibhikis­ho.

Konke lokhu kukubeka ngokusobal­a ukuthi sibhekene nenkinga yobuholi kuleli zwe. Intsha kuzobalule­ka ukuthi izame ngazo zonke izindlela zokuletha ushintsho kuleli zwe.

Ukuze intsha ikwazi uletha ushintsho kuzomele iqale ibambe izimfundis­o zePan-Africanism kanye ne-African Nationalis­m. Lezi yizimfundi­so eziyolekel­a ekulungise­leleni intsha ukuthi ikwazi ukubhekana nomzabalaz­o wezwe.

Intsha kuzobalule­ka ukuthi ibe wushintsho efuna ukulubona. Ukuziphath­a, indlela yokucabang­a kanye nokwenza izinto. Kuyobalule­ka ukuthi ibeke izimfundis­o ze-African Nationalis­m phambili. Njengombon­o okuyiwo ozokwazi ukusiholel­a unkululekw­eni ngokuphele­leyo.

Njengentsh­a yangowe-1976 eyanamhlan­je inenselelo yokulwelwa inkululeko yezwe yabantu abamnyama. Isikhathi sokuthi aboHlanga bakhululek­e ngokomnoth­o nangokwemp­ilonhlalo sesifikile. Umzabalazo uyaqhubeka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa