IHhovisi likaNdunankulu alingahlinzeli ezibini iNgonyama
Ngibe nethuba lokuthi ngibe ingxenye yokudingida kabanzi ngesabelomali seHhovisi likaNdunankulu ezinsukwini ezimbalwa ezedlule lapho ngizwakalise khona ukuncoma iHhovisi likaMhlonishwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala, ngokuqinisekisa ukuthi uHulumeni wesifundazwe uyaqhubeka nokubhekelela iNdlunkulu kaZulu kanye neSILO uqobo ngokwezidingo ezifanele zokuthuthukisa umphakathi kodwa ngase ngikubalula ukuthi nakuba sikuncoma lokho kodwa iQembu iNkatha liyakholelwa ekutheni lokhu akwenele nakuba kukhishwe imali engangezigidi ezingama-R71 eyabelwe ukubhekana nezidingo zeNdlunkulu kanye noBayede.
Ngikubalulile enkulumeni yami ukuthi iQembu iNkatha likhathazekile ngendlela okusingethwe ngayo izindaba ezithinta iNdlunkulu neSILO. Lesi sikhalo seQembu iNkatha akusona esanamhlanje kodwa sisukela kudala ngesikhathi kuhlakazwa uMnyango owabe ubizwa ngokuthi iRoyal Household owawubhekene nezindaba ezithinta iNdlunkulu nowaphendulwa uPhiko LukaMqondisi oliyisicagogwana eHhovisi likaMhlonishwa uNdunankulu. Lokhu kudale ukuthi lo Mnyango ucwile ungabe usakuthola ukunakekelwa ngendlela efanele ekutheni ufezekise umsebenzi wawo obekelwe wona wokubhekana nezindaba ezithinta iSILO kanye neNdlunkulu yonkana. Ngikubeke ngaphandle kokunanaza ukuthi kungcono ukube umnyango obhekele izidingo zeSILO neNdlunkulu wazimela wodwa kunokuthi wenziwe isicagogwana.
Ngaphezu kwalokho iQembu iNkatha likhathezekile ngemibiko engamampunge efafazwa ngabathile emphakathini ngegama leSILO ukuthi sisaphaza budlabha imali yabakhokhintela. Sekube amahlandla amaningi uBayede ecokofulwa, ehliswa isithunzi ngezinkulumo ezingelona iqiniso esidlangalaleni esolwa ngokudla imali yabakhokhintela. Ngisho abezindaba kanye nalabo abazibiza ngokuthi bayizazi zepolitiki bahlezi bethunaza isithunzi sikaBayede bemsola ngokuthi usaphaza imali yabakhokhintela budedengu. Akukho namunye ongasho ukuthi le mali ifika kanjani ezandleni zeNgonyama.
Ngakho-ke uMhlonishwa uNdunankulu njengenhloko kaHulumeni wesifundazwe ubhekene nomsebenzi wokuthi abe sophondweni ekuphungeni ngezithebe yonke imibiko engamampunge ethunuza isithunzi seNgonyama. Isithunzi sikaBayede kufanele sivikelwe ngazo zonke izindlela kulabo abamhlambalazayo abahlose ukuthunaza isithunzi sakhe ngezinhloso zabo ezithile. Ubani ongaba nesibindi sokuthi aphumele eshashalazini avikele uBayede uma iHhovisi likaNdunankulu eliphethe amafa aseNdlunkulu liwuhlabe inhlali? IQembu iNkatha liyikhahlela ngazo zombili imibiko engamanga esola uBayede ngokudla imali yabakhokhintela. UBayede akayena usopolitiki okungathi njalo uma ehlanjalazwa emphakathini akwazi ukuziphendulela uma ebhecwa ngobende inyama engayidlanga. Yini kungabuzwa iHhovisi likaNdunankulu ngokusebenza kwemali ephathelene neSILO kanye neNdlunkulu kunokuba umuntu afuthe icilongo phezu kwentaba ngento angenalo iqiniso layo? IHhovisi likaNdunankulu ngilibona mina kuyilona elidonsa amanzi ngomsele ngokwehluleka ukuba liphendule nxa kunezinsolo ezibhekiswe eSilweni. UBukhosi yinto ebucayi njengenhlamvu yeso okungamele sivume ukuba ithintwe noma kanjani. Abantu bakhohlwa kalula ukuthi sephucwa konke okwethu osekusele uBukhosi kuphela. Uma sivuma ukuba kugcwanekwe phezu kwabo sithule sizosalanani? IZingonyama ezikhona emhlabeni ngabe zincokofulwa njengalena yakuleli likaMthaniya noma yindelelo ehleliwe yokuchukuluza iSILO?
Into ephinde ifake kakhulu usawoti enxebeni kulesi simo ukwehluleka ukuchazela kahle umphakathi mayelana nemisebenzi eyenziwa iHhovisi likaNdunankulu ezindabeni ezithinta iSILO neNdlunkulu, iRoyal Household kanye ne-Ingonyama Trust ukuthi zisebenza kanjani nokuthi kuhlomula bani ngoba akuchaziwe iHhovisi likaNdunakulu. Uma lingachazi iHhovisi likaNdunankulu libheke ukuba ubani omunye ongachaza?
Okunye futhi ukuthi iQembu leNkatha linxusa uNdunankulu ukuthi aqinisekise ukuthi imali ebibekelwe ukuxhasa imicimbi eyenziwa uBayede efana noMkhosi WoMhlanga, uMkhosi WeLembe kanye neminye ayibuyiselwa emuva kodwa iyaqhubeka isize isizwe ekutheni iSILO siqhube umkhankaso wokuqwashisa umphakathi ngombhedukazwe wegciwane iCovid-19 kanye nokusiza imindeni ehlwempu.
Abasoli beNgonyama bayayeka ukusola izife ezichitha imali yomphakathi njengohlelo lwentuthuko ebizwa ngeLuwamba eyadla izigidi zamarandi eyethulwa eminyakeni eminingi eyedlule endaweni yaseNtambanana esifundeni iKing Cetshwayo okwathiwa izohlomulisa umphakathi kodwa namhlanje esifadalele futhi okungacaci ukuthi imali yasetshenziswa kanjani futhi obani asebajeziswa ngokusebenzisa imali yalolu hlelo budlabha. Ngibe senginxusa uMhlonishwa uNdunankulu ukuba aqalise uphenyo olunzulu ngalolu hlelo lwale ntuthuko ukuze bonke abathintekayo ekudliweni kwemali bathathelwe izinyathelo ezifanele. Ngikusho lokhu ngibe nginalo ulwazi lokuthi uMhlonishwa uNdunankulu naye lolu hlelo lwentuthuko ulufice selwethulwe oNdunankulu bangaphambili beqembu lakhe. Kodwa ngoba nguye manje osesihlalweni sobuNdunankulu kuwumsebenzi wakhe ukuthi enze uphenyo.
UMnu Blessed Gwala, oseKomitini elibhekele ukusebenza kweHhovisi likaNdunankulu eSishayamthetho saKwaZulu-Natal