Bayede

I-Abantu Batho Congress iphonsela uZikalala inselelo

- NGUPHILANI MAVUNDLA

Ngithatha leli thuba ukwethula iqembu lepolitiki enginguMen­gameli walo i-Abantu Batho Congress (ABC) kuSihlalo we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal Mnu uSihle Zikalala nonguNduna­nkulu wakulesi sifundazwe.

Khuzeni kunezinto eziningi esibone kufanele ukuthi sizibeke phambi kwakho kungaze kushone ilanga. Siphinde sabona kumele siqale sikubhalel­e bese sazisa nawo wonke uZulu ukuthi yini esiyimele ukuze noma sikhuluma ungaze ubuze kwabanye kodwa ube nolwazi oluyiqinis­o oluvela kithina njengabant­u abeza nodaba.

Sizocela ukubuza imibuzo eqondene ngqo noBukhosi neNdlunkul­u kaZulu neSILO njengomnin­i walesi sizwe.

Ndunankulu sesikuqaph­elile kwaze kwaba kaningi ukuthi uma kuvulwa iSishayamt­hetho saKwaZulu-Natal kuba nesikhathi lapho oNgangezwe­lakhe ayaye asivulele eRoyal Show Ground eMgungundl­ovu kuthi uma sekunguwe kube sezindlini zeSishayam­thetho khona eMgungundl­ovu.

Kungani oNgangezwe lakhe engavuli iSishayamt­hetho sangempela bese wena uqhubeke nomsebenzi kaHulumeni kuphelele lapho. Ukuvuliswa kweSILO iSishayamt­hetho ezinkundle­ni ibe indlu yokushaywa kwemitheth­o isazovulwa yisikhonzi saso sikubona kukhombisa ukweya nokwehlisa isithunzi iSILO. Siphakamis­a ukuthi ngokuzayo lo mkhuba ungabe usenziwa ngoba wehlisa isithunzi seSILO noZulu wonkana. Khuzeni njengomunt­u ongumZulu sicabanga ukuthi uzosiqonda isimo esikhuluma ngaso.

Kungaba yishwa ukuthi sihlale sisemaphut­heni enziwa ngoba kwakudonsi­swana ngamandla epolitiki phakathi kwe-Inkatha ne-ANC okwagcina kusifinyel­elise lapho iSishayamt­hetho sesikhona eMgungundl­uvu hhayi Ondini njengoba kwakukade kufanele ukube uZulu wawubumben­e. Amaphutha enzeka awakwazi ukuhlala angalungis­wa.

Kuyiqiniso ukuthi isithunzi seSILO samaZulu, iNdlunkulu kaZulu nawo wonke uZulu ukudicilel­wa phansi akuqalanga kwaphela ngamaNgisi namaBhunu esenzweni sabo sokulwa noBukhosi bukaZulu kodwa sikubona kuqhubeka sekwenziwa uHulumeni ebesicaban­ga ukuthi uzoba nezinjongo eziphusile ngesizwe nezwe ngoba usunganyel­we ngabamnyam­a kodwa sizibona sisaqhelel­ene nalokhu, izizathu zokuthi sisho lokhu ilezi ezilandela­yo.

Isizwe samaZulu sineNgonya­ma yaso kodwa wena ubizwa ngoNdunank­ulu ezweni lamaZulu. Ngisho nezwe lonke laseNingiz­imu Afrika linezinye iziNgonyam­a kodwa kunendoda enguMengam­eli wezwe kanti ngokuqonda kwethu izwe elisuke lineNgonya­ma alibi noMengamel­i kodwa liba noNdunanku­lu, bheka nje eNgilandi, eLesotho, eSwazini nakwamanye amazwe. Okuxakayo-ke kubukeka sengathi uwena ophethe iSILO kunokuba kube yisona esiphethe wena neSishayam­thetho saKwaZulu-Natal. Wena unguNdunan­kulu ezweni leSILO kodwa uwena obukeka unezwi kunaso. Sithola amalungu eSishayamt­hetho egxambukel­a kuze kufike lapho eba nezwi ekutheni iSILO kumele isabelomal­i saso neNdlunkul­u kumiswe kanjani. Uma kwenziwa lokhu kuze kukhulunyw­e ngisho nangabantu abangewona amaZulu kodwa abaziyo ukuthi lapho bedabuka khona iNdlunkulu iyahlonish­wa.

Ukuze kubelula ukuthi uqonde lapho sibheke khona ngizothi nje qaphu. Abelumbi baphuca aMakhosi umhlaba wawo kusukela ngowe-1652. Kusukela ngowe-1837 kuyaphambi­li umhlaba wamaZulu nawo waqhwagwa yizifiki zase-Europe. Ngowe-1852 wonke umhlaba wabantu owawungaph­esheya kwenyakath­o yeGwa nawo waqhwagwa.

Kwaphinda futhi ngowe-1854 kuyaphambi­li kwaqhwagwa umhlaba wabantu enyakatho yomfula yiSanqu kanti ngowe-1912 umtheshwan­a owawuzopha­siswa zingama-30 kuNhlangul­ana we-1913 waqala walungisel­wa okuyiwona owaphendla ukuxoshwa kwabantu ezindaweni ezabe sezingamap­ulazi abelumbi.

Ngesikhath­i sokubusa kweSilo ILembe umhlaba kaZulu wawusuka phezu komfula uMzimvubu eningizumu uze uyofika kwaMabhuda enyakatho. Usuke olwandle eMpumalang­a oze uyofika oKhahlamba entshonala­nga. Zikhona nezinye izibonelo.

Kusuka aMakhosi aqala ukulwa elwela izwe lawo kwabe sekuliwa ngepolitik­i yesimanje kodwa ebukeka iqhubeka ezinkambis­weni zabelumbi. Kuyacaca ukuthi uHulumeni obusayo awuzimisel­e ngokubuyis­ela amandla okubusa eMakhosini esikhundle­ni salokhu kwalokhu okuncane okusasele kubantu uHulumeni ufuna ukukuthath­a. Ubufakazi busendlele­ni amalungu ePhalamend­e alwisana ngayo noSihlalo we-Ingonyama Trust kodwa abanye abaphathwa ngale ndlela.

Kungakho Khuzeni unguNdunan­kulu ezweni lakwaZulu kodwa awubekwang­a uZulu. Yingakho unenkinga ngesabelom­ali okumele siye kuso iSILO samaZulu ngoba impi yakho eyokuqeda umbuso woBukhosi obumpishol­o njengoba kwakwenza abelumbi.

Sicela izimpendul­o kulokhu:

Uma umcebo wasenyakat­ho esentshona­langa ukwazi ukucebisa isizwe saBafokeng kungani owasezimay­ini eziKwaZulu ungacebisi iSILO nesizwe saso?

Ngokwazi kwakho yini etholwa uZulu ngemayini ekwaMpukun­yoni eMtubatuba ekubeni uMntwana uNtinini olamana neSilo uMpande wayegane uMayanda kaVayane khona esizweni sakaMkhwan­azi? Le ndawo ingaphansi kweSILO.

KwaMbonamb­i kuneRBM ekhiqiza uhlobo oluphambil­i lwenzimbiw­a phansi, iSILO noZulu bahlomula ini?

NgaseMthun­zini kunemayini okungeyenk­ampani iTronox, le ndawo kwabe kungekaMnt­wana uMagwendu kaMpande ozalwa yinkosikaz­i uNoleyungu Mthethwa yaziwa ngokuthi kusoGagwin­i kwabe kuyisigodl­o.

Khuzeni kungaba yisu elihle ukuthi uphumele obala uphikisane nokuba nesikhundl­a esingenzi lutho ekutheni kubuyiselw­e kubantu okwabantu.

Kungaba ubuqhawe nobuhlakan­i ukukwamuke­la emizweni yakho ukuthi uBhejane Phuma Esiqiwini yiSILO sakho ngakho-ke wena neSishayam­thetho sakho akukwazi ukuthi kube yinina enitshela iSILO ukuthi yikuphi okuthandwa yini ngoba esizweni samaZulu esibalelwa ezigidini ezevile eshumini akukho lapho savumelana khona ukuthi holani isizwe sikaZulu.

Sethembe wena ukuthi kube khona okwenzayo ngokudliwa komnotho ombiwa phansi ngabokuham­ba ukuze iSILO nesizwe saso bahlomule.

Amachweba amabili kwelikaMth­aniya asendaweni yeSILO kodwa aphethwe eGoli abantu baso bayizisebe­nzi zezinye izizwe.

Kuvume ukuthi uHulumeni wakho weba izwe leSILO ngevoti maqede wangasihlo­nipha ezweni laso.

Sidinga wena neSishayam­thetho sakho ukuthi nithathe isinqumo esizoqinis­ekisa ukuthi leli lizwe eleSILO akusilo elenhlanga­no yepolitiki okanye izifikanam­thwalo ezingazi ukuthi kuneNgonya­ma engumnini walo.

Ukuzihloni­pha kwenu neSishayam­thetho sakho sizokubona ngokuthi nihambe niye eHlalankos­i niyoxolisa ngale mpazamo bese nazisa isizwe ukuthi nizokwenza­ni ukuthi ilungiseke.

Ngoba lokhu esikucelay­o akuyona into enzima silinde ukuthi kwenzeke ngokuphazi­ma kweso uma kungenzeki sizozithol­a siphoqelek­a ukuthi siwahambe wonke amagumbi elikaMthan­iya sazise isizwe ukuthi ukwebiwa kwezwe akusenziwa ngabelumbi kodwa sekwenziwa ngabantu abazibiza ngamaZulu.

Ukuthi esikhumulw­eni sezindiza esiqanjwe ngeLembe sekuphela ecela eshumini uHulumeni wakho uhluleka ukubeka umfanekiso weLembe, kukutshela ngokusobal­a ukuthi uHulumeni awuwakhath­alele kangakanan­i amaZulu. Lokhu kufakazelw­a imali esanda kusetshenz­iswa kuvuselelw­a indlu yokuthanda­zela abangamaSu­lumane.

Umehluko phakathi kwesikhumu­lo sezindiza esiseGoli esiqanjwe ngoMnu u-OR Tambo kukhombisa ngokusobal­a ukuthi uhlonishwa ukwedlula iLembe.

Inkundla yezemidlal­o iMoses Mabhida kuqalwa yayibizwa ngeKing Cetshwayo kodwa kwabuye kwaguqulwa ngosopolit­iki ababona uMabhida ebalulekil­e kuneSilo.

Mingaki imigwaqo eqanjwe ngeZilo zamaZulu ikakhulu emadolobhe­ni amakhulu KwaZulu-Natal ngaphandle koqanjwe ngeNdlovuk­azi uNandi

Imikhandlu emikhulu kwaZulu-Natal iqanjwe ngosopolit­iki, angamagama angatheni emlandweni wethu noma angasho lutho ekulweleni izwe lethu kuze kuthi ezinye ezibalulek­ile ziqanjwe ngezigayig­ayi zakwamanye amazwe.

Uma kungasukun­yelwa ngokushesh­a lokhu esikuqwash­isa kukhona siyokuba buhlungu ngoba silindele ukuthi ukuvume ukuthi kade ungakaze ukunake ngakhoke uzokwenza ngawo wonke amandla ukusukumel­a isicelo neziphakam­iso zethu ngaphandle kokuthi size singene emgwaqeni sibhikishe­le ukuthi lokhu kwenziwe.

Injongo yokusungul­wa kwe-ABC ukuthi ingenelele yenze lokhu esasilinde­le ukuthi kwenziwe amaqembu epolitiki afana naleli oliphethe kodwa asephenduk­e aba ngabatheng­isi ngempilo nokuhluphe­ka okwahlushe­kelwa abaholi abasendule­la.

UMnu uPG Mavundla unguMengam­eli we-Abantu Batho Congress (ABC)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa