AbakwaMthethwa nomuzi waseSikhupheni
USiphiwe uzala uLindumuzi, uGunde, uQedi noPhakamani (unina uMaMthembu). UNdonga ezimashoni uphinde azale uGagayi azale uMacala. UMacala azale uMkhombeni obewumshumayeli nomthandazi ebandleni lamaNazaretha kwaMthethwa. UMkhombeni wazala uMthokozisi ongumshumayeli eDukuduku. Alanywe uZwelethu obesebenza eMnyangweni Wezasekhaya eRichards Bay. Yena alanywe nguMcabangeni onguMvangeli ebandleni lamaNazaretha eMbazwana kanye nabanye. UMashoni waphinde wazala uNhlasolo. UNhlasolo wazala uDungamanzi wazala uMaswidi (uJoseph) ozala uNhloso nabanye. UMaswidi ulama uThosi (uJohn) ozala amawele: uJabulani noNjabulo. UNhlasolo wabuye wazala uJaphani owazala uMoses.
UMashoni wayelamana noBele owazala uNgunya ozale uSomcuyama yena wazala uLeonard owaba yilungu lokuqala leSishayamthetho kwaZulu ngeminyaka yama-70.
Ozala uMaMthethwa wakwaMthabela onguthishomkhulu kwaNomathiya eMtuba. ULeonard uphinde azale abafana u-Antonio, uJabulani noLahle. ULeonard ulanywa nguAlfred (uPiko) yena ozala uMboma. UPoki yena ulanywa nguMkhombi. UBele wayelanywa uMgqabuka uyise wawo.
AMakhosi angomakhelwane futhi angaphansi kombuso wakwaMthethwa ekhulela eNkosini uDingiswayo njengeNkosi yohlanga kuwo. Sawethusa isenzo sikaDingiswayo asenza kuNkomo kanti iNkosi uDingiswayo ayemazi njengeNkosi yoxolo nawo ewaluleka ngokuthi angaboyibulala inkosi uma eyinqobile. La Makhosi: INkosi uJama KaMnisi, iNkosi uNzwakele kaKhushwayo Dube, iNkosi uMabhodla Mbuyazi neNkosi uLanga kaDlabela Mthiyane.
Baqaphelisisa ukuthi isenzo seNkosi yasemaMbatheni saluthukuthelisa kakhulu uHlanga lomhlabathi. Yiwona phela la Makhosi ayekhonza kwaMthethwa. Kodwa kwabuye kwadlula lokho. Kamuva iNkosi uMacengeza kaKhali kaShandu waba nobudlelwano obuhle neNkosi uDingiswayo, wathela ngaphansi kombuso wakwaMthethwa kwaganiselwana kwakuhle. ISilo uSenzangakhona kaJama esasibusa isizwe esincane sakwaZulu esigodlweni saso eSiklebheni, eMakhosini. Naso sagcina sesivuselele ubudlelwano obuhle neNkosi uJobe.
Kwase kuhlalwa kuhlalwe kubonakale izithunywa zakwaZulu zitheleka oYengweni ziholwa uNdunankulu wesizwe sakwaZulu uMntwana uMudli kaNkwela kaNdaba. Elethe ikhathazo nezinye izipho ababezomondloza ngazo oYengweni, bethunywe iNkosi uDingiswayo yayiqembula izinkomo bafike banike iNkosi yabo uMacingwane yaseMachunwini eyayakhe isigodlo sayo eNgonyameni laphaya phezu kwentaba iThalaneni, eNkandla. NeNkosi uPhungashe yesizwe sakwaButhelezi babevamisile ukuhlasela iNkosi uSenzangakhona ngezikhathi ezahlukene. Kwathi ukuba buqine ubuhlobo balawa