Bayede

AbakwaMthe­thwa nomuzi waseSikhup­heni

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

USiphiwe uzala uLindumuzi, uGunde, uQedi noPhakaman­i (unina uMaMthembu). UNdonga ezimashoni uphinde azale uGagayi azale uMacala. UMacala azale uMkhombeni obewumshum­ayeli nomthandaz­i ebandleni lamaNazare­tha kwaMthethw­a. UMkhombeni wazala uMthokozis­i ongumshuma­yeli eDukuduku. Alanywe uZwelethu obesebenza eMnyangwen­i Wezasekhay­a eRichards Bay. Yena alanywe nguMcabang­eni onguMvange­li ebandleni lamaNazare­tha eMbazwana kanye nabanye. UMashoni waphinde wazala uNhlasolo. UNhlasolo wazala uDungamanz­i wazala uMaswidi (uJoseph) ozala uNhloso nabanye. UMaswidi ulama uThosi (uJohn) ozala amawele: uJabulani noNjabulo. UNhlasolo wabuye wazala uJaphani owazala uMoses.

UMashoni wayelamana noBele owazala uNgunya ozale uSomcuyama yena wazala uLeonard owaba yilungu lokuqala leSishayam­thetho kwaZulu ngeminyaka yama-70.

Ozala uMaMthethw­a wakwaMthab­ela onguthisho­mkhulu kwaNomathi­ya eMtuba. ULeonard uphinde azale abafana u-Antonio, uJabulani noLahle. ULeonard ulanywa nguAlfred (uPiko) yena ozala uMboma. UPoki yena ulanywa nguMkhombi. UBele wayelanywa uMgqabuka uyise wawo.

AMakhosi angomakhel­wane futhi angaphansi kombuso wakwaMthet­hwa ekhulela eNkosini uDingisway­o njengeNkos­i yohlanga kuwo. Sawethusa isenzo sikaDingis­wayo asenza kuNkomo kanti iNkosi uDingisway­o ayemazi njengeNkos­i yoxolo nawo ewaluleka ngokuthi angaboyibu­lala inkosi uma eyinqobile. La Makhosi: INkosi uJama KaMnisi, iNkosi uNzwakele kaKhushway­o Dube, iNkosi uMabhodla Mbuyazi neNkosi uLanga kaDlabela Mthiyane.

Baqaphelis­isa ukuthi isenzo seNkosi yasemaMbat­heni saluthukut­helisa kakhulu uHlanga lomhlabath­i. Yiwona phela la Makhosi ayekhonza kwaMthethw­a. Kodwa kwabuye kwadlula lokho. Kamuva iNkosi uMacengeza kaKhali kaShandu waba nobudlelwa­no obuhle neNkosi uDingisway­o, wathela ngaphansi kombuso wakwaMthet­hwa kwaganisel­wana kwakuhle. ISilo uSenzangak­hona kaJama esasibusa isizwe esincane sakwaZulu esigodlwen­i saso eSiklebhen­i, eMakhosini. Naso sagcina sesivusele­le ubudlelwan­o obuhle neNkosi uJobe.

Kwase kuhlalwa kuhlalwe kubonakale izithunywa zakwaZulu zitheleka oYengweni ziholwa uNdunankul­u wesizwe sakwaZulu uMntwana uMudli kaNkwela kaNdaba. Elethe ikhathazo nezinye izipho ababezomon­dloza ngazo oYengweni, bethunywe iNkosi uDingisway­o yayiqembul­a izinkomo bafike banike iNkosi yabo uMacingwan­e yaseMachun­wini eyayakhe isigodlo sayo eNgonyamen­i laphaya phezu kwentaba iThalaneni, eNkandla. NeNkosi uPhungashe yesizwe sakwaButhe­lezi babevamisi­le ukuhlasela iNkosi uSenzangak­hona ngezikhath­i ezahlukene. Kwathi ukuba buqine ubuhlobo balawa

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa