INkosi uMashimane yahlanganisa aMaphumulo
Maphumulo! Mgobode! Zukela! Zulu! Lusibalukhulu! Masiyana! Lubeleni! Dibandlela! Mthimkhulu! Mashimane! Ngcingci! Jeqe.
Isizwe sakwaMaphumulo sasakhe ngasemfudlaneni iHlimbithwa. KwaMaphumulo kwakungewona amawa, amakhelekethe nehlanze esikubona namuhla endaweni esibizwa ngokuthi kukwaMaphumulo. Impicabadala isekutheni izingane zethu azazi ukuthi uZulu osenyakatho yoThukela noMzinyathi waphoqwa ukusuka ezindaweni zakhe ezivundile wadudulelwa ezintabeni ngegunya leZululand Lands Delimitation Commission ngowe-1902 kuya kowe-1904. USihlalo waleyo Khomishini eyadudulela abantu ezintabeni ezinjengakwaMaphumulo nakwezinye izindawo nguCharles Saunders owayeyiMantshi enkulu eShowe. Waqanjwa ngegama likaMashiqela ngamaZulu ngakho lokho kushiqeka kwakhe amaZulu ewasusa ezindaweni zawo.
Isizwe sakwaMaphumulo singakaphazanyiswa sasakhe ngaseHlimbithwa kwehle njalo kuze kuyofika oThukela. Lona okwagcina kuqanjwe ngaye indawo uMaphumulo, wazala uGomane owazala uMfamanda yena wazala uMganu, wayezalwe ngesikhathi seSilo uSenzangakhona.
Wakha umuzi wakhe lapho kwagcina kwakhe khona uMaguzu okunguyena owamlandela njengeNkosi yakwaMaphumulo. Yena uMaguzu wayebekwe waba yiNkosi mhla ziliINdlovukazi 13 kuLwezi ngowe-1905 esizweni sakwaMaphumulo esifundeni sasePietermaritzburg. Wayakhe umuzi owodwa owawunezindlu ezili-18 ngaphansi kwentaba uMkhambathini eyengamele umfula uMngeni endaweni eyihlanze egcwele ameva emvelo esabelweni ayakhe kuso.
Isizwe sakwaMaphumulo ngaphansi kweNkosi uMaguzu ngowe-1915 sasinemizi eli-168 inezindlu ezingama-343 eyayakhe endaweni eyayibizwa ngokuthi ingamapulazi abelungu kodwa iNkosi Maguzu Maphumulo kwakulindeleke ukuthi alawule bonke labo bantu aphinde abone ukuthi babeyikhokha intela eyayifunwa uHulumeni wamaNgisi aseNatali. Izindlu zabantu besizwe sakwaMaphumulo ababakhe esabelweni zazingaphansi kwalezo ezazakhe emapulazini zingama-284 imizi yazo ingama-56. Ngakho-ke yonke imizi eyayingaphansi kwesizwe seNkosi uMaguzu Maphumulo yayi ngama-224 izindlu sezizonke ezazikhokhelwa intela kaHulumeni wamaNgisi aseNatali zona zingama-627.
Yena uDibandlela nenye ingxenye yesizwe sakhe babaleka bayocasha nxa kutheleka amabutho eNgonyama uShaka. Indlalifa kaDibandlela uMthimkhulu nenye ingxenye yesizwe sakwaMaphumulo abazange babaleke bazibandakanya namabutho eSilo uShaka . UMthimkhulu wagcina eliqhawe elaziwayo ngaphansi kweSilo uShaka waze wabulawa yiSandla sesiThathu sekubusa iNgonyama uDingane. Ubulawa nje uMthimkhulu akasiyo ndlalifa yakhe.
Ngemuva kokubulawa kukaMthimkhulu uBukhosi besizwe sakwaMaphumulo bawela kuMashimane enye yamadodana kaDibandlela eyayizalwa yinkosikazi encane. UMashimane waduma kakhulu ngeqhaza lakhe lokuhlanganisa isizwe sakwaMaphumulo ebunzimeni obukhulu esasibhekene nabo budalwa ngamaBhunu namaNgisi eningizimu yomfudlana uMlaza eThekwini.
Ekushoneni kukaMashimane uBukhosi besizwe sakwaMaphumulo bawela ezandleni zendlalifa yakhe uNgcingci. Naye uNgcingci waqikelela ukuthi isizwe sihlale siyimbumba. Ekushoneni kwakhe uBukhosi bawela endlalifeni yakhe uJeqe.
Enye into eyenza ukuthi isizwe sakwaMaphumulo sibengundabuzwekwayo ngukuthi sasinokhukhuva bezinyanga ezazinolwazi olunzulu lwemithi yesiZulu, ikakhulukazi izintelezi zempi. Zazinolwazi nolweminye imithi yokwelapha izifo ezinhlobonhlobo ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oMpande noCetshwayo. Lezi zinyanga kwakunguyise nendodana oManembe noPhambana bakwaGcwensa.
Impi YaseNdondakusuka
Lezi zinyanga zazikwazi ukungena esizibeni nesikhuni somlilo sivutha, ziphinde ziphume naso sivutha. Phambilini inyanga eyayinomuthi onjalo nguKhondlo wakwaMazibuko. Lokhu kwenza ukuba zihlonishwe kakhulu ezweni kangangokuthi ngenkathi kubheduka impi yaseNdondakusuka mhla zi-2 kuZibandlela ngowe-1856, nguManembe owayeqinisa impi kaMntwana uCetshwayo ngezintelezi. Imithi kaManembe yaba yisimangaliso kwazise kwathi lapho impi kaMntwana uMbuyazwe isiqhamukela kuCetshwayo, yahlangatshezwa yinkomo eyayikhishwe yonke imisipha ihamba idiyazela. Amabutho kaMntwana uMbuyazwe ayibonayo ethuka kakhulu kwaphela nasozwaneni. Lokho kwalandelwa ukugwazwa ithelwe oThukela olwalugcwele ludla izindwani. Ngakho-ke ukunqotshwa kwempi kaMbuyazwe eyayiphakwe ngoJohn Dunn noHulumeni wamaNgisi aseNatali kwakwenyusa kakhulu ukuhlonipheka kukaManembe Gcwensa kwaZulu.
AbakwaMseleku/Duma
Ngenkathi abakwaMaphumulo bezinze kwaMaphumulo, babakhe nabakwaMseleku. Kwayena uMseleku noMaphumulo baqhamuka esendeni lendoda eyodwa. Kodwa uMseleku yena wayezalwa yinkosikazi yesizinda noma inzalamuzi. Owazalwa kuleyo ndlu uye akhe umuzi wakhe ngasesangweni lomuzi. Akayona indlalifa kodwa kuthi uma inhloko yomuzi isihambile emhlabeni kube nguyena owenza yonke imisebenzi ebikade yenziwa nguyise esaphila. Yena akazange athola lutho mayelana nefa elithathwa yindlalifa. Nguye oxazulula zonke izingxabano zomuzi futhi olawulayo ngokudingeka kwenziwe. Nguye futhi okhipha izwi lokuthi kudingeka kuphunywe amanxiwa noma kuthuthwe kuleyo ndawo kuyokwakhiwa kwenye. Leyo yinto eyayenziwa endulo ngoba kwakuthiwa umuzi uyawasinda amathuna omuzi.
Ngenkathi kuthuthwa inkosana yesizinda yona yayingathuthi kodwa kwakudingeke isale iqaphe amathuna emanxiweni. Lokhu kwakwenziwa kudala. Singabala uXhoko kaNdaba naye owayeyisizinda siphinde sibale uXhonxo Ngcobo.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.