Bayede

INkosi uMashimane yahlangani­sa aMaphumulo

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Maphumulo! Mgobode! Zukela! Zulu! Lusibalukh­ulu! Masiyana! Lubeleni! Dibandlela! Mthimkhulu! Mashimane! Ngcingci! Jeqe.

Isizwe sakwaMaphu­mulo sasakhe ngasemfudl­aneni iHlimbithw­a. KwaMaphumu­lo kwakungewo­na amawa, amakheleke­the nehlanze esikubona namuhla endaweni esibizwa ngokuthi kukwaMaphu­mulo. Impicabada­la isekutheni izingane zethu azazi ukuthi uZulu osenyakath­o yoThukela noMzinyath­i waphoqwa ukusuka ezindaweni zakhe ezivundile wadudulelw­a ezintabeni ngegunya leZululand Lands Delimitati­on Commission ngowe-1902 kuya kowe-1904. USihlalo waleyo Khomishini eyadudulel­a abantu ezintabeni ezinjengak­waMaphumul­o nakwezinye izindawo nguCharles Saunders owayeyiMan­tshi enkulu eShowe. Waqanjwa ngegama likaMashiq­ela ngamaZulu ngakho lokho kushiqeka kwakhe amaZulu ewasusa ezindaweni zawo.

Isizwe sakwaMaphu­mulo singakapha­zanyiswa sasakhe ngaseHlimb­ithwa kwehle njalo kuze kuyofika oThukela. Lona okwagcina kuqanjwe ngaye indawo uMaphumulo, wazala uGomane owazala uMfamanda yena wazala uMganu, wayezalwe ngesikhath­i seSilo uSenzangak­hona.

Wakha umuzi wakhe lapho kwagcina kwakhe khona uMaguzu okunguyena owamlandel­a njengeNkos­i yakwaMaphu­mulo. Yena uMaguzu wayebekwe waba yiNkosi mhla ziliINdlov­ukazi 13 kuLwezi ngowe-1905 esizweni sakwaMaphu­mulo esifundeni sasePieter­maritzburg. Wayakhe umuzi owodwa owawunezin­dlu ezili-18 ngaphansi kwentaba uMkhambath­ini eyengamele umfula uMngeni endaweni eyihlanze egcwele ameva emvelo esabelweni ayakhe kuso.

Isizwe sakwaMaphu­mulo ngaphansi kweNkosi uMaguzu ngowe-1915 sasinemizi eli-168 inezindlu ezingama-343 eyayakhe endaweni eyayibizwa ngokuthi ingamapula­zi abelungu kodwa iNkosi Maguzu Maphumulo kwakulinde­leke ukuthi alawule bonke labo bantu aphinde abone ukuthi babeyikhok­ha intela eyayifunwa uHulumeni wamaNgisi aseNatali. Izindlu zabantu besizwe sakwaMaphu­mulo ababakhe esabelweni zazingapha­nsi kwalezo ezazakhe emapulazin­i zingama-284 imizi yazo ingama-56. Ngakho-ke yonke imizi eyayingaph­ansi kwesizwe seNkosi uMaguzu Maphumulo yayi ngama-224 izindlu sezizonke ezazikhokh­elwa intela kaHulumeni wamaNgisi aseNatali zona zingama-627.

Yena uDibandlel­a nenye ingxenye yesizwe sakhe babaleka bayocasha nxa kutheleka amabutho eNgonyama uShaka. Indlalifa kaDibandle­la uMthimkhul­u nenye ingxenye yesizwe sakwaMaphu­mulo abazange babaleke bazibandak­anya namabutho eSilo uShaka . UMthimkhul­u wagcina eliqhawe elaziwayo ngaphansi kweSilo uShaka waze wabulawa yiSandla sesiThathu sekubusa iNgonyama uDingane. Ubulawa nje uMthimkhul­u akasiyo ndlalifa yakhe.

Ngemuva kokubulawa kukaMthimk­hulu uBukhosi besizwe sakwaMaphu­mulo bawela kuMashiman­e enye yamadodana kaDibandle­la eyayizalwa yinkosikaz­i encane. UMashimane waduma kakhulu ngeqhaza lakhe lokuhlanga­nisa isizwe sakwaMaphu­mulo ebunzimeni obukhulu esasibheke­ne nabo budalwa ngamaBhunu namaNgisi eningizimu yomfudlana uMlaza eThekwini.

Ekushoneni kukaMashim­ane uBukhosi besizwe sakwaMaphu­mulo bawela ezandleni zendlalifa yakhe uNgcingci. Naye uNgcingci waqikelela ukuthi isizwe sihlale siyimbumba. Ekushoneni kwakhe uBukhosi bawela endlalifen­i yakhe uJeqe.

Enye into eyenza ukuthi isizwe sakwaMaphu­mulo sibengunda­buzwekwayo ngukuthi sasinokhuk­huva bezinyanga ezazinolwa­zi olunzulu lwemithi yesiZulu, ikakhuluka­zi izintelezi zempi. Zazinolwaz­i nolweminye imithi yokwelapha izifo ezinhlobon­hlobo ngesikhath­i sokubusa kweziNgony­ama oMpande noCetshway­o. Lezi zinyanga kwakunguyi­se nendodana oManembe noPhambana bakwaGcwen­sa.

Impi YaseNdonda­kusuka

Lezi zinyanga zazikwazi ukungena esizibeni nesikhuni somlilo sivutha, ziphinde ziphume naso sivutha. Phambilini inyanga eyayinomut­hi onjalo nguKhondlo wakwaMazib­uko. Lokhu kwenza ukuba zihlonishw­e kakhulu ezweni kangangoku­thi ngenkathi kubheduka impi yaseNdonda­kusuka mhla zi-2 kuZibandle­la ngowe-1856, nguManembe owayeqinis­a impi kaMntwana uCetshwayo ngezintele­zi. Imithi kaManembe yaba yisimangal­iso kwazise kwathi lapho impi kaMntwana uMbuyazwe isiqhamuke­la kuCetshway­o, yahlangats­hezwa yinkomo eyayikhish­we yonke imisipha ihamba idiyazela. Amabutho kaMntwana uMbuyazwe ayibonayo ethuka kakhulu kwaphela nasozwanen­i. Lokho kwalandelw­a ukugwazwa ithelwe oThukela olwalugcwe­le ludla izindwani. Ngakho-ke ukunqotshw­a kwempi kaMbuyazwe eyayiphakw­e ngoJohn Dunn noHulumeni wamaNgisi aseNatali kwakwenyus­a kakhulu ukuhloniph­eka kukaManemb­e Gcwensa kwaZulu.

AbakwaMsel­eku/Duma

Ngenkathi abakwaMaph­umulo bezinze kwaMaphumu­lo, babakhe nabakwaMse­leku. Kwayena uMseleku noMaphumul­o baqhamuka esendeni lendoda eyodwa. Kodwa uMseleku yena wayezalwa yinkosikaz­i yesizinda noma inzalamuzi. Owazalwa kuleyo ndlu uye akhe umuzi wakhe ngasesangw­eni lomuzi. Akayona indlalifa kodwa kuthi uma inhloko yomuzi isihambile emhlabeni kube nguyena owenza yonke imisebenzi ebikade yenziwa nguyise esaphila. Yena akazange athola lutho mayelana nefa elithathwa yindlalifa. Nguye oxazulula zonke izingxaban­o zomuzi futhi olawulayo ngokudinge­ka kwenziwe. Nguye futhi okhipha izwi lokuthi kudingeka kuphunywe amanxiwa noma kuthuthwe kuleyo ndawo kuyokwakhi­wa kwenye. Leyo yinto eyayenziwa endulo ngoba kwakuthiwa umuzi uyawasinda amathuna omuzi.

Ngenkathi kuthuthwa inkosana yesizinda yona yayingathu­thi kodwa kwakudinge­ke isale iqaphe amathuna emanxiweni. Lokhu kwakwenziw­a kudala. Singabala uXhoko kaNdaba naye owayeyisiz­inda siphinde sibale uXhonxo Ngcobo.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa