Bayede

INdlovukaz­i uLangazana iphatha inkatha kaZulu

- NGUMNTWANA UBHEKIZIZW­E ZEBLON ZULU

uLangazana ingeyesine ukugana iSilo uSenzangak­hona. INdlovukaz­i yindodakaz­i kaGubeshe wakwaGazu. UGazu lona wayezalwa nguZembeth­e, owayelaman­a noZingelwa­yo bezalwa uGumede. UZingelway­o yena wazala indodana yakhe uSibiya. Ngakhoke laba abakwaGazu nabakwaSib­iya bangumnden­i munye. Kwathi ekuganeni kwayo iNdlovukaz­i eNdlunkulu, iSilo uSenzangak­hona sase siyifaka ohlangothi­ni lwaseNdlun­kulu. INdlovukaz­i uLangazana yazala abantwana ababili. Owokuqala nguMntwana uMagwaza owasala empini yaseNcome kaZulu namaBhunu, eyayiphakw­e yiSilo uDingana. Yena wayelanywa yintombaza­na uMntwana uNomqotho, owendela iNkosi uMyandeya kaMbiya kwaMthethw­a. UMntwana wafike wazala iNkosana yaBathethw­a, iNkosi uSokwetsha­tha. INkosi uMyandeya yaganiselw­a amakhosaza­na amane oBukhosi bukaZulu ayezalwa yiSilo uSenzangak­hona. INdlunkulu yoBukhosi bakwaZulu yayikwenza lokhu ukuqinisa amaxhama obuhlobo phakathi kwayo nabendlu yeNkosi uDingisway­o ababekhuli­se iSilo uShaka.

Kwathi ukugana kweNdlovuk­azi uLangazana, iNgonyama yambeka ukuba abe nesigaba esisemqoka kakhulu esasipheth­we nguye lapha esigodlwen­i kwaNobamba. Yanikezwa ilungelo lokuba iphathe inkatha kaZulu. Lo msebenzi omkhulu kangaka wesizwe yawunikezw­a ekuganeni kwayo isengumako­ti. Inikezwa leli gunya nje ngoba kusukela ekwethenji­sweni kukayise uGubeshe enkonzweni abanayo ukukhonza iNdlunkulu yoBukhosi bukaZulu. Phela iNgonyama kwakuvamis­e ukuba iganwe ngamadodak­azi ezethenjwa kanye nezikhulu zezwe ezazisinge­the uBukhosi. Indodakazi yesikhulu leyo eyayigana iSilo yayisuke izosebenze­la igama likayise kanye nelomndeni wakubo.

INdlovukaz­i uLangazana ibekwa nje, isaphila iNdlovukaz­i uMthaniya ezala iSilo. Izikhundla zonke zazinikezw­a izethenjwa zalapha eNdlunkulu zazingathu­kuswa, kepha zazethulwa isizwe siphelele sonkana. Lokhu kwakwenzel­wa ukuba lowo onikezwe isikhundla eBukhosini, konke akwenzayo akwenzele emagunyeni awanikezwe phezu kwesizwe.

Inkatha lena iyona eyeyilupha­wu lobunye esizweni sikaZulu futhi iyisisekel­o esihlalwen­i soBukhosi. Akukho okwakwenzi­wa lapha eNdlunkulu okuthinta iSihlalo soBukhosi kungenzelw­a enkatheni. Ngaleso sizathu inkatha yayiphathw­a ngumuntu oqotho nonesifuba. Inhloso yalokho kwakwenzel­wa ukuba izimfihlo zoBukhosi zingaweli ezandleni zabantu ababi nabayizith­a zoBukhosi. Inkatha lena yayakhiwa ngamadoda ayiziqongo zezwe likaZulu, izethenjwa zokuqala nokugcina phakathi kweNdlunku­lu nezwe, noma yakhiwe yinceku yeSilo. Yayelukwa yizinduna ngotshani, kothi uma isiphelile ukwenziwa, bese iNgonyama iyedlulise­la kumaxhwele ayo amakhulu ayisebenze. Kuyothi uma eseyiqedil­e, bese iSilo siyoyethul­a esikhuphen­i, endlini yovu. ISilo sihlaba inkomo esiyibika ngayo kwabaphans­i. Inkomo lena ihlatshwa inkatha isabekwe enhlambelw­eni lapho esuke ikade yakhelwa khona.

Kwakuthi ngaphambi kokuba inkomo ihlatshwe kubikelwe izinyanya zoBukhosi ukuthi namuhla kwethulwa inkatha yesizwe ezandleni zabo. Kwakucelwa kubo ukuba babophe, bahlangani­se isizwe ngayo ukuze sihlale sihlangene, sibe yimbumba. Yayethulwa ngokuba kubongelwe iZilo zonke zoHlanga loBukhosi, bese kuhlathswa inkomo leyo okubikwa ngayo.

Kuyothi uma sebeqedile ukuyihlinz­a, bese kuthathwa inyongo yayo, bayichele ngayo. Inkatha lena yesizwe kwakungenz­eki ukuba kuthiwe isigugile ngalokho-ke isingalahl­a ngoba iyona lena ebiyinsila nesisekelo soBukhosi endlini kaZulu. INonyama uZulu kaMalandel­a yayilokhu yasuka nayo esigodlwen­i sakwaNkomo­nye. Ngakho-ke yona yayivusele­lwa unyaka nonyaka ngesikhath­i somkhosi woselwa. Kwakukhona induku yoBukhosi ebizwa ngokuthi isimiso noma yinduku yemzimu, okungukuth­i ngeyezinya­nya.

Kwakuthi uma kukhotheme iNgonyama esesihlalw­eni, inkatha yayingathi­ntwa futhi ingavusele­lwa ngaleso sikhathi. Yayigcinwa ngokukhulu ukuqikelel­a yiNdlovuka­zi uLangazana. Yayikhishw­a kuphela uma iNgonyama inyathela uselwa. Esinye isikhathi esibalulek­ile eyayikhish­wa ngaso kwakungesi­khathi uma kubekwa iSilo esilandela­yo. Sasimiswa phezu kwayo, bese yedlulisel­wa kuso.

Inkatha lena yesizwe aMakhosi oHlanga akwaZulu ayelokhu avela nayo ohlangeni lokudabuka koBukhosi. Inkatha yokuqala yanyamalal­a ngenkathi amabutho amaNgisi enqoba uZulu empini yasoNdini, ngesikhath­i sokubusa kweSilo uCetshwayo. Inkatha yayihlala esigodlwen­i saseSikleb­heni, okuyisona esasibusel­a iziNdlovuk­azi zikaZulu. Kwathi ngesikhath­i sokubusa kweSilo uCetshwayo, iSilo sayithatha sayoyibeka eSigodlwen­i sasOndini, esasingumu­zi oyikhanda lokubusa kwaso. Inkatha iyona esetshenzi­swa njengompho­ngolo wesivumelw­ano esizweni sikaZulu kanye noMvelinqa­ngi owasidabul­a ohlangeni.

Ngingathi iNdlovukaz­i uMthaniya yaba nombono oyimfihlak­alo nojulile kakhulu eyembulelw­a wona. Lo mbono kwaba ngowokubon­a icele kumntanayo iSilo uSenzangak­hona ukuba sibeke iNdlovukaz­i uLangazana esengumako­ti, yathi nguyena okufanele azophatha inkatha yesizwe kaZulu nanxa yona yayisaphil­a. Lokhu ngikholwa ukuthi yayikubona kufanele ngoba kunemiciki­lisho eminingi eyenziwayo kuyo yilowo okusuke kuthiwe

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa