INdlovukazi uLangazana iphatha inkatha kaZulu
uLangazana ingeyesine ukugana iSilo uSenzangakhona. INdlovukazi yindodakazi kaGubeshe wakwaGazu. UGazu lona wayezalwa nguZembethe, owayelamana noZingelwayo bezalwa uGumede. UZingelwayo yena wazala indodana yakhe uSibiya. Ngakhoke laba abakwaGazu nabakwaSibiya bangumndeni munye. Kwathi ekuganeni kwayo iNdlovukazi eNdlunkulu, iSilo uSenzangakhona sase siyifaka ohlangothini lwaseNdlunkulu. INdlovukazi uLangazana yazala abantwana ababili. Owokuqala nguMntwana uMagwaza owasala empini yaseNcome kaZulu namaBhunu, eyayiphakwe yiSilo uDingana. Yena wayelanywa yintombazana uMntwana uNomqotho, owendela iNkosi uMyandeya kaMbiya kwaMthethwa. UMntwana wafike wazala iNkosana yaBathethwa, iNkosi uSokwetshatha. INkosi uMyandeya yaganiselwa amakhosazana amane oBukhosi bukaZulu ayezalwa yiSilo uSenzangakhona. INdlunkulu yoBukhosi bakwaZulu yayikwenza lokhu ukuqinisa amaxhama obuhlobo phakathi kwayo nabendlu yeNkosi uDingiswayo ababekhulise iSilo uShaka.
Kwathi ukugana kweNdlovukazi uLangazana, iNgonyama yambeka ukuba abe nesigaba esisemqoka kakhulu esasiphethwe nguye lapha esigodlweni kwaNobamba. Yanikezwa ilungelo lokuba iphathe inkatha kaZulu. Lo msebenzi omkhulu kangaka wesizwe yawunikezwa ekuganeni kwayo isengumakoti. Inikezwa leli gunya nje ngoba kusukela ekwethenjisweni kukayise uGubeshe enkonzweni abanayo ukukhonza iNdlunkulu yoBukhosi bukaZulu. Phela iNgonyama kwakuvamise ukuba iganwe ngamadodakazi ezethenjwa kanye nezikhulu zezwe ezazisingethe uBukhosi. Indodakazi yesikhulu leyo eyayigana iSilo yayisuke izosebenzela igama likayise kanye nelomndeni wakubo.
INdlovukazi uLangazana ibekwa nje, isaphila iNdlovukazi uMthaniya ezala iSilo. Izikhundla zonke zazinikezwa izethenjwa zalapha eNdlunkulu zazingathukuswa, kepha zazethulwa isizwe siphelele sonkana. Lokhu kwakwenzelwa ukuba lowo onikezwe isikhundla eBukhosini, konke akwenzayo akwenzele emagunyeni awanikezwe phezu kwesizwe.
Inkatha lena iyona eyeyiluphawu lobunye esizweni sikaZulu futhi iyisisekelo esihlalweni soBukhosi. Akukho okwakwenziwa lapha eNdlunkulu okuthinta iSihlalo soBukhosi kungenzelwa enkatheni. Ngaleso sizathu inkatha yayiphathwa ngumuntu oqotho nonesifuba. Inhloso yalokho kwakwenzelwa ukuba izimfihlo zoBukhosi zingaweli ezandleni zabantu ababi nabayizitha zoBukhosi. Inkatha lena yayakhiwa ngamadoda ayiziqongo zezwe likaZulu, izethenjwa zokuqala nokugcina phakathi kweNdlunkulu nezwe, noma yakhiwe yinceku yeSilo. Yayelukwa yizinduna ngotshani, kothi uma isiphelile ukwenziwa, bese iNgonyama iyedlulisela kumaxhwele ayo amakhulu ayisebenze. Kuyothi uma eseyiqedile, bese iSilo siyoyethula esikhupheni, endlini yovu. ISilo sihlaba inkomo esiyibika ngayo kwabaphansi. Inkomo lena ihlatshwa inkatha isabekwe enhlambelweni lapho esuke ikade yakhelwa khona.
Kwakuthi ngaphambi kokuba inkomo ihlatshwe kubikelwe izinyanya zoBukhosi ukuthi namuhla kwethulwa inkatha yesizwe ezandleni zabo. Kwakucelwa kubo ukuba babophe, bahlanganise isizwe ngayo ukuze sihlale sihlangene, sibe yimbumba. Yayethulwa ngokuba kubongelwe iZilo zonke zoHlanga loBukhosi, bese kuhlathswa inkomo leyo okubikwa ngayo.
Kuyothi uma sebeqedile ukuyihlinza, bese kuthathwa inyongo yayo, bayichele ngayo. Inkatha lena yesizwe kwakungenzeki ukuba kuthiwe isigugile ngalokho-ke isingalahla ngoba iyona lena ebiyinsila nesisekelo soBukhosi endlini kaZulu. INonyama uZulu kaMalandela yayilokhu yasuka nayo esigodlweni sakwaNkomonye. Ngakho-ke yona yayivuselelwa unyaka nonyaka ngesikhathi somkhosi woselwa. Kwakukhona induku yoBukhosi ebizwa ngokuthi isimiso noma yinduku yemzimu, okungukuthi ngeyezinyanya.
Kwakuthi uma kukhotheme iNgonyama esesihlalweni, inkatha yayingathintwa futhi ingavuselelwa ngaleso sikhathi. Yayigcinwa ngokukhulu ukuqikelela yiNdlovukazi uLangazana. Yayikhishwa kuphela uma iNgonyama inyathela uselwa. Esinye isikhathi esibalulekile eyayikhishwa ngaso kwakungesikhathi uma kubekwa iSilo esilandelayo. Sasimiswa phezu kwayo, bese yedluliselwa kuso.
Inkatha lena yesizwe aMakhosi oHlanga akwaZulu ayelokhu avela nayo ohlangeni lokudabuka koBukhosi. Inkatha yokuqala yanyamalala ngenkathi amabutho amaNgisi enqoba uZulu empini yasoNdini, ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo. Inkatha yayihlala esigodlweni saseSiklebheni, okuyisona esasibusela iziNdlovukazi zikaZulu. Kwathi ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo, iSilo sayithatha sayoyibeka eSigodlweni sasOndini, esasingumuzi oyikhanda lokubusa kwaso. Inkatha iyona esetshenziswa njengomphongolo wesivumelwano esizweni sikaZulu kanye noMvelinqangi owasidabula ohlangeni.
Ngingathi iNdlovukazi uMthaniya yaba nombono oyimfihlakalo nojulile kakhulu eyembulelwa wona. Lo mbono kwaba ngowokubona icele kumntanayo iSilo uSenzangakhona ukuba sibeke iNdlovukazi uLangazana esengumakoti, yathi nguyena okufanele azophatha inkatha yesizwe kaZulu nanxa yona yayisaphila. Lokhu ngikholwa ukuthi yayikubona kufanele ngoba kunemicikilisho eminingi eyenziwayo kuyo yilowo okusuke kuthiwe