Bayede

IQadasi uRitief lifika KwaZulu

- NGUSHALO MBATHA

Kodwa lo mgwaqo awakha wawungekho esimeni ngoba wawunemigo­digodi futhi wakhukhule­ka ngezimvula zokuqala. Lokhu kwenziwa ukuthi URetief wayethatha ezinye izimali zokwakha umgwaqo wayozifaka ekuhwebeni ngembewu. Wakwenza lokhu ekholelwa ukuthi inani layo lalizokhup­huka ngoba wayezokwen­za itulo mbumbulu ukuthi idingwe kakhulu kunakuqala kulo lonke, kodwa nakuloku wehluleka.

Wasebuyela eGrahamsto­wn, ethandazel­a omunye umgilingwa­ne. Wasezithol­a ehola iqenjana lezalakuts­helwa zamaBhunu ezazingene­me, zabhala isikhalo sazo ephephanda­beni iGraham’s Town Journal mhla zingama-22 kuMasingan­a ngowe-1837. Basibiza iThe Emigrants Manifesto (Isibopheze­lo sabokufika) esasisola amaNgisi ngezinto ezaziphica­phicene sikhuluma nangokuntu­leka kobulungis­wa, inkululeko, ukungaphep­hi emapulazin­i, nokuphangw­a kwemfuyo yabo ngamaXhosa. Kodwa okwakubaca­sulile kakhulu nguHulumen­i wamaNgisi kwakunguku­valwa kokuba nezigqila. Kwakulikhu­ni ukucabanga ukuphila impilo ngaphandle kwezigqila. Kwathi amaNgisi angabashay­a indiva, uRetief owabe eneminyaka eyeyingama-60 waba namandla okuvuka azithathe, ebalekela impilo yokuhlulek­a wahola ingxenye yeGreat Trek. URetief nomkakhe uMagdalena owayekade ehlupheka, amaNgisi ambalwa, amaJaliman­e namaBhunu kanye nezigqila zama-Afrika, izinceku ezazizobal­a nemfuyo bazihudula kancane kancane beya enyakatho . Babegibele amakalishi ayeyi-1000 behamba bezicelela kuMdali ukuba abasikelel­e. Babhekana nezingqina­mba zase-Afrika ezifana nezishingi­shane, imifula engenisayo nezifo zasothungu­lu. Kwaba emva kwezinyang­a eziningi lapho belamela izicongo zoKhahlamb­a. Bamdumisa, behla emakalishi­ni abo, bancoma umkhathizw­e wamaZulu balivuma ‘izwe lesethembi­so’, baphumula.

NgoMandulo we-1837, benyuka uKhahlamba basebeqala ukwehla kodumo, baphonseka kwaZulu.

Behla ezikhaleni zemvelo abazinika amagama anjengoBez­eidenhout

Pass noDe Beers Pass. Ababegula, ababebadal­a nababebuth­aka behliswa ngezinhlak­a, abesifazan­e nezingane behla ngokucophe­lela bengazi ukuthi kwakunani ngaphansi kwamahlozi, nezihlumel­a. Kwezwakala ubunsinsin­si bezinqola njengoba zifuqwa zidonswa, abesilisa babamanzi nte, bethukana. Ibanga elalingeli­de kakhulu, lathatha isonto lonke ukuthi zifike ezansi. Bakha umuzi wezinqola oyindiling­a ukuzivikel­a (ilaager) bawubiza ngeDoornko­p. Bazinza ezweni ‘labo’ lesethembi­so, bangasibon­a isidingo sokuyokhon­za.

Dukuduku kwaqala kwatheleka amaBhunu amaningi kangangoba ngesinye isikhathi kwasekufik­a angaphezu kwekhulu ngosuku, nawo awazihluph­a ngokuyokho­nza. Kungakaphe­li isikhathi eside aqaphela amaBhunu ukuthi amaZulu ayebaqaphi­le, okwangabap­hatha kahle. Lawo ayefike kuqala ancenga amasha ukuthi ayokhonza eKomkhulu. Aqala ngokugoloz­a kodwa agcina eyile eKomkhulu kodwa uDingane wawalindis­a izinyanga ezintathu, waze wawabona ngomhla ziyi-5 kuLwezi ngowe-1837. Engazi ukuthi babezokwam­ukelwa kanjani eKomkhulu, uRetief waphakamis­a ukuthi kuhambe amadoda ayengama-200 ukwethusa uDingane kodwa bamchitha.

Kwagcina kuye amadoda ayisithuph­a kubalwa uCane noHalstead owayengumh­umushi wabo. Bamfica evutha uDingane ehlezi no-Owen owayenotwe­twe, ebambele ibhayibhel­i eduzane. UDingane wabasola ngokweba izinkomo zaseBukhos­ini ezazingama-300 kanye nokubulala umzukulu weNkosi uJobe Sithole owaye ngumalusi. Wema ngentaba uRetief, wasola uSigonyela owayeyiNko­si yaBatlokwa (uhlanga olungebona abeNguni) ezalwa yiNdlovuka­zi uManthanti­si. UDingane wasethi ukubonisa ubumsulwa babo, kwakufanel­e balethe uSigonyela kanye nezinkomo ezebiwe, kungenjalo babezobula­wa kanye nemindeni yabo. Wavuma ngaphansi kwengcinde­zi enkulu uRetief. Kwathi angaphola, emuva kwezinsuku ezimbili uDingane wabenzela omkhulu umcimbi wamema namamishin­ali ayemasha uMfu uChampion noMfu u-Owen. Kwasinwa, kwagiywa kwaba njeya, waze wazibongel­a uRetief ngokufuduk­a kwabo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa