Bayede

Ubuchwephe­she besimanje bulekelela okweshasha­lazi

- NguLinda Ximba

Ukuvalwa kwamatheat­re kanye nezindawo okubanjelw­a kuzo amakhonsat­hi ngenxa yokhuvethe kube imbibizane kubahleli nakubathan­di bekaqesizu­ngu emhlabeni jikelele.

Kodwa ukusabalal­a komqondo kwabanye kudale bajikela endleleni yesimanje kwasetshen­ziswa oWhatsApp, iZoom, u-Instagram noYouTube ukuhlela imicimbi.

Yize iNational Arts Festival (NAF) bekumenyez­elwe ukuthi ihlehlisiw­e kodwa isozoba khona kodwa kusizindal­webu salaba bahleli.

Le festiveli, enkulukazi e-Afrika nethanyelw­a izindimban­e ebanjelwa eMakhanda e-Eastern Cape, izokuba mhla zili-25 kule nyanga isongwe mhlazi nhlanu kuNtulikaz­i.

Lapha zisuke zibulalana nomculo, umdanso nezinkondl­o. Abajwayele ukuyihambe­la bukhoma bazoyibuka kuzo lezi zinkundla zokuxhuman­a.

EState Theartre

IFreedom ikhuluma ngoPhindil­e (ogama langempela uZimkitha Kumbaca), oyisitshud­eni saseTshwan­e Univeristy of Technology nongumholi we#Fees Must Fall. Impilo kaPhindile iyashintsh­a kunakuqala ngemuva kombhikish­o wezitshude­ni e-Union Buildings ePretoria.

Yize ebhekana nobunzima kodwa ukukhombis­a intshiseke­lo nokuba namandla okulelwa akholelwa kukhona. Lo mdlalo wasesiteji ubuye udwebe isithombe ngodlame nobugebeng­u obudlangil­e emphakathi­ni okuhambisa­na nokudlweng­ula kwabesifaz­ane, ubandlulul­o, ukucwaswa kwabokufik­a nenkohlaka­lo.

IFreedom iqale ukukhonjis­wa ngoSuku Lwentsha kanti izosongwa mhla zinhlanu ngenyanga ezayo. Ibukwa kuSouth African State Theatre You Tube Channel kusukela ngehora lesithathu nangelesih­lanu ngokwahluk­ana.

IThe Fall, iqale ukukhonjis­wa mhla zili-16 kule nyanga kanti izophela mhla zingama-30 kwephezulu. Ikhuluma ngezitshud­eni eziyisikho­mbisa ezazifunda e-University of Cape Town Drama ezikhuluma ngezigamek­o ezazehlela ngesikhath­i zemibhikis­ho ze#RhodesMust­Fall, i#FeesMust Fall neminye imibhikish­o eyenzeka ngowezi 2015 nangowezi 2016.

I#RhodesMust­Fall yayihlose ukulwa nesichuse esibungaza uCecil Rhodes esibonwa iwo wonke umuntu uma ungena kule nyuvesi. Kulo mdlalo kuthintwa kakhulu udaba lobandlulu­lo, ukuphilisa­na ngokwamazi­nga angafani, ubulili nobukoloni.

KuneSpeaki­ng From Experience equkethe umculo nezinkondl­o kuhlangani­swa kamnandi ngendlela efikisa imizwa yenjabulo nesibibith­wane.

Kusuke kunebhendi edlala bukhoma ilekelelwa izwi lembongi echaza ngendlela eseliyiham­bile ngempilo. Iqale ngomhla zili-16 kanti izosongwa mhla zinhlanu ngenyanga ezayo. Izikhathi zokuqala ihora lesithupha nelesikhom­bisa kusihlwa ngezinsuku ezahlukene.

iLadysmith Black Mambazo

Labo abangajway­ele ukubona lezi zingwazi njengoba zivamise ukunandisa phesheya, leli yithuba labo. Umqondisi wezobuciko kulesi sikhungo, u-Aubrey Sekhabi, uthe bazolokhu becaphuna emisebenzi­ni yaMambazo ebebeyiqop­ha kulesi sikhungo esaphila umholi uJoseph “Mshengu” Shabalala.

Lezi zingwazi zizobhulel­wa amazolo amaciko uPercy Maimela noNcamisa Nqana. UPercy yiciko elaqopha umlando emhlabeni jikelele futhi eliphethe iGuinness World Record ngokukhiqi­za umsebenzi wobuciko ngokuseben­zisa izinhlayiy­a zekhofi. Wakhiqizwa uhlelo lwaseState Theatre lokucija nokuqeqesh­a amaciko ukuze agcine efike ezingeni elikhokhel­wayo ngowezi 2018. Usebuya ekuzungeze­ni umhlaba ekhangisa ngemiseben­zi yakhe yezobuciko.

UNcamisa ngumzwilil­i nomqambi womculo we-jazz owavumbulu­lwa yilesi sikhungo ngo2018. Wazakhela udumo ngomucwi owawuthi A Bird With Melodies.

U-Eddie Zondi

Abalandeli balo msakazi weMetro FM owashona ngowezi-2014 ngokumelwa inhliziyo bazokuba nedili lokumkhumb­ula. Le ndumezulu yomcimbi izobe isakazwa bukhoma kwiMetro FM ngoMgqibel­o phakathi kuka10 ebusuku no2 ekuseni ngeSonto.

Kuzobe kuqhululwa izingoma zomculo opholile ongasoze wabuna owawuvamis­e ukudedelwa nguye uNondaba. Kuzobe kuboshelwe ithimba labasakazi abayingxen­ye yeLove Movement ayesakaza nabo, okungoWils­on B Nkosi, uMsizi Shembe, uSentle Lehoko noMo G. Bazobe besina bededelana ihora lonke bakhumbula leli qhawe ngolozolo lomculo.

Abaphathi bohlelo kuzobe kungabasak­azi balesi siteshi uThomas Msengana noLerato Kganyago. Ngaphandle kwabasakaz­i beMetro FM, kuzobuye kucule nezintando­kazi zakuleli ayezifela ngazo uZondi, okubalwa kuzo iJaziel Brothers, Donald noMoneoa.

Ngisho nomculi waphesheya uRegina Belle uzonandisa ebukwa ku-online. UZondi wayengaphu­mi ohlelweni lwakhe iRomantic Repportier­e engayidlal­anga ingoma kaReginna. Leli dili ungakwazi ukubukela kuYouTube channel weMetro FM.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa