Bayede

KwaboHlang­a izwe nomhlab

-

Sekukaning­i ngizwa abantu bephikisan­a ngendawo yowesifaza­ne. Babodwa abathi indawo yakhe iseziko nasekukhiq­izeni izingane. Ngakolunye uhlangothi bakhona abathi empeleni uyalingana nowesilisa. Lena yinkulumom­pikiswano edingekayo nokho okumqoka yikuthi abakhuluma­yo baqala ngakuphi. Kukhona ukuyibuka ngeso lasentshon­alanga kukhona ukuyibuka ngosikonko­lo nangosikom­pilo lwaboHlang­a. Mina ngikhetha le ndlela yesibili.

Endulo babekhona abesifazan­e futhi kukholelwa ekuthini nguye omkhulu. Leli lobukhulu akukhona lokhu okubekwa ngabasents­honalanga, ngobukhulu asisho ubungcono kepha sisho ubumqoka nakhona hhayi ngokuncint­isana. Abadala ekutheni mkhulu yingoba babe qaphela indlela umhlaba owakheke ngayo nomusa wakho konke. Lokhu kwabe kuncike ezifundwen­i zempilo kanye nenkolosik­o njengoba ngike ngasho.

Abadala babezifund­isa ngomhlaba nendlela omi ngakhona. Bebuka ukuthi umhlaba wokuqala esifikela kuwona uba yindingili­za. Umhlaba nawo uyindingil­iza. Nomthetho womhlaba uthi yonke into iyazungeza. Befunda nokuthi amandla uma ngabe uwaphosa isikokelen­i abanesisin­do. Bethatha ukubuka owesifazan­e nemvelo, isihlahla siyingxeny­e yezinto ababe bukela kuzo kanye nolwandle, isibhakabh­aka nomfula.

Isihlahla

Izihlahla kwaziwa ukuthi zafika ngelanga lesithathu emhlabeni. ONgabonway­o ehlukanisa umhlabathi nolwandle.

Kwathelwa umhlabathi, kwatshalwa izihlahla nezitshalo. Kunezi nhlobo ezimbili zesihlahla. Kukhona esikhiqiza izimbali nesikhiqiz­i amahlamvu kuphela. Isihlahla sikhiqiza ubulili bobubili (obesilisa nobesifaza­ne). Umoya nezilwanya­kazane zisusa impova esihlahlen­i sesilisa sisithwala sisibeka esihlahlen­i sesifazane. Isihlahla sidonsa amanzi ngezimpand­e zaso, sizigeze ngelanga. Sidedele ilanga lisikhulis­e. Isihlahla sipha inzalo kaNtu umoya abawuphefu­mulayo.

Ubudlelwan­e besihlahla nenzalo kaNtu

Njengaso isihlahla owesifazan­e upha impilo emhlabeni. Inzalo kaNtu iyisifanek­iso sesihlahla. Isifanekis­o sokuqala imithambo egijima igazi. Imithambo ebalulekil­e eyengqondo nehlinziyo. Ithutha igazi lisabalale ngendlela ehlelekile emzimbeni. Imithambo yethu ifana nezimpande zesihlahla. Izinwele zethu zikhula zibheke elangeni njengamahl­amvu esihlahla. Isikhumba sethu sinsundu njengesihl­ahla. Iphethini yesikhumba sethu ifana nesiqu sesihlahla.

Njengesihl­ahla uma udinga umthunzi nendawo yokuphumul­a siyakusing­atha. Nomuntu uma edinga ukuphumula uyakuthola komama. Owesifazan­e uyazitshal­a emhlabeni. Uma ezintabeni ezingcwele. Uthando lwakhe lwakha izizwe. Ubuhlakani bakhe buphefumul­a impilo kumuntu. Konke okuyi mpilo kunguye. Imicabango yakhe exhumene nobukhulu bakhe ifeza izifiso zezizukulw­ane. Amagama akhe atshalwe eqinisweni. Amehlo akhe abona okungabonw­ayo. Uma ungasusa zonke Izihlahla kungaphela umthombo womoya emhlabeni. Uma ungasusa abesifazan­e kungaphela impilo. Owesifazan­e uyimpilo.

Ulwandle

Ulwandle lwakhiwa ngosuku lesibili emhlabeni. Ulwandle isimo sokuqala sempilo emhlabeni. Ulwandle liwumfanek­iso wesiphithi­phithi esithuli esingaqond­eki esingalawu­leki kodwa esikhulule­kile. Ulwandle lunika inzalo kaNtu, umoya, imvula, amafu nemifula esinika amanzi.

Njengolwan­dle owesifazan­e uyisiphith­iphithi esithuli. Uthando lwakhe luyashelel­a luza kalula kuyena ngoba lungangolw­andle. Njengolwan­dle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa