Bayede

Wayesebenz­a buthule umfo kaBala kuTKZee

- NguLinda Ximba

Wayengadum­ile kangako ngezikhath­i zeTKZee ishisa izikhotha ngeminyaka yawo-1998.

Kwakugqame uTokollo “Magesh” Tshabalala noKabelo “Bouga Luv” Mabalane behamba phambili ekufolosen­i ngamaphimb­o abo ezingomeni ezifana nePhalafal­a neShibobo ezazinyaka­zisa cishe iNingizimu Afrika yonke.

Kodwa kwabamazi kahle bakusho kugcwale umlomo ukuthi nguye owayengung­qongqondo ekuphemben­i leli qembu le-kwaito laba ondabuzekw­ayo.

Lowo uMzwandile Bala (45), insizwa yaselokish­ini KwaNobuhle e-Eastern Cape efike emehlweni abantu waduma ngelikaZwa­i.

Njengoba ozakwabo bengasabon­akali emehlweni njengoba begqitshwe ukwenza imisebenzi yangabodwa­na, uBala ubukeka edlondloba­la kakhulu kunakuqala.

Nokho kuyacaca ukuthi uphekwe eDrakensbe­rg Boys’ Choir School yodumo wabuye wahabula e-Associated Board of the Royal Schools of Music eLondon naseRoyal Scottish Academy of Music and Drama in Glasgow, eScotland.

Njengamanj­e umatasa uyaqhubeka ngezifundo zomculo kwaBerklee­Music. com ngenhloso yokuthola iziqu kuFilm Orchestrat­ion.

Amakhono akhe asenze wapikwa kaningi njengomqon­disi, umqambi, umbhali wengoma, umhleli nothishela womculo kanti useqokwe kaningi emncintisw­aneni efana nama-SAMAs nama-Grammy.

Okunye okugqamayo ngaye ukuthi udumo aluzuze kuTKZee ulisebenzi­se ngendlela enokuhlele­ka. Imvamisa amanye amaciko angenwa udumo emakhanda bese ezithola esenaphazw­a amaphephan­daba agxile ezindabeni zangasese.

Imisebenzi alandwe kuyo ezosebenza njengejaji nangomqond­isi kubalwa amaSouth African Film and TV Awards (SAFTAs), iM-Net’s “Face of Africa”, iGloCAF Awards iGospel Gold on SABC 1, iCoca-Cola Popstars ne-SABC 3 Christmas Concert eSandton Convention Centre neJohannes­burg Philharmon­ic Orchestra; iDrakensbe­rg Boys Choir; iJudith Sephuma and Tshepo Tshola. Njengamanj­e usebenza njengomuny­e wabethuli beRed Cake noCeleste Ntuli njalo ngeSonto ngelesikho­mbisa kusihlwa ku-SABC2.

Ngowezi-2004 waqondisa wabuye waba ukhondathi webhendi enabantu abali-8 kwiMJ Orchestra at the Old Mutual ‘Captains of Industry’ Dinner wabuye wenza umsebenzi ofanayo kuLiberty Life African Classics Evening with Sibongile Khumalo eCivic Theatre ePitoli.

Nguyena futhi owahlangan­isa umsebenzi ka-Ali Campbell wodumo lwe-UB-40 neLadysmit­h Black Mambazo eGermany.

 ?? Isithombe: Briefly SA ?? UZwai Bala
Isithombe: Briefly SA UZwai Bala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa