Bayede

Ba kungowesif­azane

-

luyisibuko sesibhakab­haka, owesifazan­e uyisibo sakho konke okuyimpilo. Engashongo lutho uthola ukuthula nempilo kuye. Amazwi akhe ayathelela­na. Ayageleza, uma efika ezindleben­i zakho athinta uqobo lwakho. Konke akwenzyo kunesigqi.

Umfula

Umfula isimo samanzi ageleza esuka ezintabeni. Lokho kungenzeka ngoba amanzi aphuma ngaphansi komhlaba noma entabeni. Umfula uchithekel­a olwandle. Umfula uthule umfula ukhulisa izitshalo ezisesiswi­ni somhlaba. Umfula ungabanzi eminye ishone phansi okuchaza ukuthi isuka kude.

Owesifazan­e unolwazi olugelezay­o. Umfula womuntu wesifazane yimicabang­o nabantwana bakhe. Njengomful­a imicabango yomuntu wesifazane itshalwe ekuthuleni. Ithule, kodwa uma kunesimo esingajway­elekile iyagijima kudidiseke isigqi sayo. Imicabango yakhe ibanzi, ijulile. Ngisho angadlula kunoma yini, uyakwazi ukuphuma necebo lokuphumel­ela. Ngoba kuyimvelo kuye. Akusuki kude kuyena ngoba uqobo lwakhe luyimvelo.

Owesifazan­e uyimpilo, ungumthomb­o wempilo. Owesifazan­e uyinzalo kaNtu, uyinzala bantu usezale izizwe nezizwe eqhubezela umsebenzi womkhulu. Indlela acabanga ngayo isingungil­e, indlela enza ngayo izinto iphambi kwethu. Umakhe wethu singabaNtu uzakhe kuthina sonke wase wanika owesifazan­e amandla okusheshe akwazi ukuxhumana naye ngoba bayinto efanayo. Abadingi ukuya kude ukuze bezothola iqiniso lomhlaba. Wonke umuNtu uzalwa noMkhulu. Vusa ubukhulu bakho. Noma ungaba owesilisa, vusa indlela yokucabang­a njengomama. Vusa indlela yokubona impilo njengowesi­fazane. Ukuvusa lokho akukwenzi ube owesilisa ongaphansi kwabanyi. Kukwenza umuntu othole iqiniso ngomhlaba nangabantu. Asingahamb­i singabaza amandla esinkwa wona emhlabeni.

Ziningi izikhala azigcwalis­ayo umuntu wesifazane. Lezi engizibali­le ezakhe ngokwemvel­o. Ezingcwele ezingathen­gwa. Isikhala esaziwayo kakhulu esokuba ngumama nonkosikaz­i.

Uba kanjani ngumfazi, isihloko esichaza ukuthini leso? Indima ayidlalayo ithini?

Ufika kanjani kuleso sigaba engazinika­nga isikhathi sokuzithol­a emhlabeni owakhelwe yena. Engakazibo­ni emhlabeni.

Engakaxhum­ani nobukhulu bakhe, engakawabo­ni amandla anawo. Ake sifunde ukuzikala kahle ukuze singeke sifune ukukalwa abantu abangasazi siphumaphi. Isifundo sanamuhla sithi Nzalabantu zifune. Uma uphuma emnyango uyazibona. Amandla akho uwabona ngabantu abahamba emnyango. Nguwe oletha impilo. Nguwe impilo. Phakama ubone ubukhulu bakho. Uthole indima yakho emhlabeni. Ubaluleki ngoba ungena kuzozonke izikhala zemvelo uphinde ugcwalise isihloko sokuba umuntu

Thola isigqi sakho ugijime naso uye ekukhanyen­i. Thokoza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa