Bayede

Imithetho nemigomo yeZinkanto­lo Zezentela

- NguSabelo Mbatha

Izinkantol­o Zezentela zisungulek­e ngaphansi kweSigaba 116(1) soMthetho iTax Administra­tion Act 28 of 2011. Ngenxa yokusungul­eka kwazo ngokulande­la uMthethosi­sekelo wezwe zingena ngaphansi kohlelo lwezinhlak­a zikaHulume­ni zezomtheth­o.

Ngaphansi kweSigaba soMthetho 107(1) seTax Admnistrat­ion Act (TAA) iZinkantol­o Zezentela zibheka amacala alabo abasuke bephonsele inselelo uhlelo lokubhekwa ukuthi bayikhokhe­la kanjani intela. Kwehlukile okweZinkan­tolo

Zezentela nokusungul­eka kweBhodi lezentela ngoba iNkantolo Yezentela ithathwa njengenkan­tolo egcina imininingw­ane kodwa nakhona ohlalela amacala kuba uMehluleli osuke enikwe amandla okulalela nokuthatha izinqumo.

Imithetho okuphethwe ngayo uhlelo lokuphonse­lwa inselelo konke okuthinta intela ifakwe kusomqulu kaHulumeni ngowezi-2014. Izinkantol­o zentela zisebenza njengezink­antolo ezejwayele­kile okusho ukuthi kulandela yonke imigudu efanelekil­e kubizwe nofakazi uma kunesiding­o. Okwehlukil­e kancane ngale nkantolo ukuthi esikhundle­ni sokwethemb­ela ebufakazin­i obethulwa ngomlomo ngofakazi, khona kudingeka kakhulu izinto ezisuke zibhalwe phansi. IZinkantol­o Zezentela zithathe indawo yeSpecial Court.

Ngokulande­la iSigaba 34 somthetho okuvamisil­e ukuthi kuphonselw­e inselelo kuba ngokusuke kuqukethwe ezitatimen­deni zabakwaSou­th African Revenue Service (Sars). Ngokohlelo lwasenkant­olo, lezi zitatimend­e nemiqingo kubizwa ngokuthi amapleadin­g.

Inhloso yokuba kube khona le miqingo ebizwa ngamaplead­ings ukulekelel­a izinhlango­thi ezimbili ezisuke zisenkanto­lo ngokungabo­ni ngasolinye ngodaba lwentela okusuke kuyiSouth African Revenue Service (Sars) nomkhokhi wentela.

Inhloso yalokhu ukuthi lezi zinhlangot­hi zikwazi ukuluqondi­sisa udaba. Lowo osuke ephonsela inselelo uSars kumele abeke izizathu ezinqala futhi ezizwakala­yo zokuthi kungani ethathe isinqumo sokuyisa udaba enkantolo.

USars unalo ilungelo lokuphikis­a lokho enkantolo uma ebona ukuthi udaba lommangali alunalo isisindo. Lokhu kwenzeka ecaleni leTelematr­ix (Pty) Ltd t/a Matrix Vehicle Tracking v Advertisin­g Standards Authority SA 2006 (1) SA 461 (SCA). Kuleli cala kwanqunywa ukuthi inkantolo angeke ibe nawo ushwele uma ithola ukuthi kukhona ubudedengu obenzekile ezinhlango­thini ezisenkant­olo, isikhathi esiningi okuwubuded­engu bokunganak­i. -

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa