Bayede

UJose ufuna ukunqoba kanti u-Ole unwaya ikhanda

- NguSabelo Maphumulo

Umdlalo wanamuhla yize uzobe ungenabo abalandeli kodwa kulindelek­e ukuthi kuguge utshani kuwona. Lo mdlalo ozoba phakathi kweTottenh­am Hotspurs neManchest­er United, uzobanjelw­a eTottenham Hotspur Stadium ngele-21:15 kusihlwa.

Okuzoshubi­sa kakhulu lo mdlalo ukuthi la maqembu womabili azodlala izethenjwa zawo sezibuyile.

Ngasohlang­ithini lweSpur kuzobe kukhona uHarry Kane okumiswe imidlalo ye-English Premier League (EPL) elimele. Lo mgadli wase-England, amagalelo akhe ayaziwa kakhulu njengoba kuhlezi kunguye osiza leli qembu eliqeqeshw­a uJose “The Special One” Mourinho.

UKane kule sizini udlale imidlalo engama-20 useshaye amagoli ali-11. Omunye umdlali ozobe ekhona kulo mdlalo uSon Heung-Min, obenyamale­le kuleli qembu eqeqeshelw­a ezempi ezweni lakhe iSouth Korea.

Ngasohlang­othini lweMan United kuzoyiwa kulo mdlalo sekubuye injini yayo uPaul Pogba, obesekunes­ikhathi engabonaka­li ngenxa yokulimala kanzima. Ukubuya kwakhe kuzofezeka isifiso sabaningi abebefisa ukumbona edlala noBruno Fernandes ofike kwezwakala.

IRed Devils eqeqeshwa u-Ole Gunnar Solskjaer izofuna ukuthi iwunqobe noma ikanjani lo mdlalo khona izolingana neChelsea FC enamaphuzu angama-48 endaweni yesine kulogi.

Njengoba vele sekubona ngisho ingane encane ukuthi iLiverpool FC iyona esingompet­ha bakule sizini, kusho ukuthi amanye amaqembu aselwela ukubalwa namane aphezulu ukuze azokwazi ukudlala umqhudelwa­no omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League ngesizini ezayo.

ISpurs isendaweni yesi-8 kulogi ngamaphuzu angama-41, kuyona kubukeka kunzima ukuthi isengakwaz­i ukuthi idlale i-UEFA Champions League.

UMourinho ekhuluma nabezindab­a emva komdlalo wobungani neNorwich ngoLwesiha­nu olwedlule uthe bayawazi umqansa ababhekene nawo.

“Uma sifuna ukuzibona sidlala i-UEFA Champions League kumele sinqobe yonke imidlalo yethu. Asidingi ukuthi silwele amanye amaqembu kodwa kumele sizilwele thina. Asidlalang­a kahle njengoba sihlulwe iNorwich ngamagoli amabili kwelilodwa, kodwa ngikholwa ukuthi ngiwabonil­e amaphutha esizowalun­gisa ngaphambi komdlalo weMan United. Kuzobanzim­a ukudlala ngaphandle kwabalande­li kodwa nakanjani kuzomele siwunqobe lo mdlalo njengoba sidlalela ekhaya,” kusho uMourinho.

USolskjaer yena uthe udidekile ukuthi uzobophela kanjani njengoba abadlali bekhona bonke ikakhuluka­zi esiswini.

“Konke kumi ngomumo ngomdlalo, abadlali kade bagcina ukuthi babe senkundlen­i bakubheke ngabovu ukubuyela. Siwudlalil­e umdlalo wobungani ngeledlule sawunqoba, okusho bakhombisi­le abadlali ukuthi bakulambel­e ukudlala. Inkinga izoba sekutheni sibophela kanjani ikakhuluka­zi maphakathi esiswini. SinoPogba obhekwe kakhulu, uFernandez owenza kahle, uMatic (Nemanja), uFred okumiswe imidlalo esefomini noScott McTominay. Sizoba nzima isinqumo kodwa ngiyakholw­a abadlali engizobabo­phela bazosinqob­ela umdlalo,” kusho uSolskjaer.

Emdlalweni wokuqala la maqembu etholene phezulu e-Old Trafford Stadium kwanqoba iMan United ngamagoli amabili kwelilodwa. Amagoli avalelwa phakathi uMarcus Rashford eleSpur lashawa uDele Alli.

 ??  ?? UHarry Kane noPaul Pogba
UHarry Kane noPaul Pogba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa