ElikaMangethe selivelile kumanje licijwa yiSundowns
IMultichoice Diski Challenge (MDC) okuyiligi edlalwa amaqembu amancane alawa agijima ku-Absa Premiership, ifike kwezwakala ebholeni lakuleli njengoba isikhiqize inqwaba yabadlali.
IMamelodi Sundowns ingelinye lamaqembu elihlomulile kakhulu ekuvulweni kwale ligi njengoba ikwazile ukunyusela abadlali abaningi ibathatha eqenjini layo elincane.
Abadlali leli qembu lasePitoli elibanyusile uThendo Mukumela, uKeletso Makgalwa, uMotjeka Madisha, uNicholus Lukhubeni noKeletso Majidibodu. Ezinyangeni ezedlule isanda kumemezela ukuthi inyusela phezulu uPromise Mkhuma ongukaputeni.
UPercy Tau naye ungomunye wabadlali abagqanyiswa IMDC, edlalela yona iSundowns ngaphambi kokuthi alibhekise phesheya kwezilwandle.
IBAYEDE ibe nengxoxo ekhethekile nomunye wabadlali beMamelodi Sundowns Reserve igama lakhe okunguPhiwayinkosi Zuma (osesithombeni). Lo mdlali oneminyaka eli-18 yobudala uthe isifiso sakhe naye ukubalwa nabanye abadlali abathola inkontileka neqembu elikhulu.
“Baningi abadlali abagijima kuMDC asebezithole besayina izinkontileka namaqembu amakhulu kungekhona kuMamelodi Sundowns kuphela kodwa nakwamanye amaqembu. Lokho nami kuyangigqugquzela ukuthi ngisebenze kanzima ukuze nami ngibalwe nabanye balabo badlali. Uma kungenzeka njalo ngabe kufezeka iphupho lami elikhulu,” kusho uZuma.
Le nsizwa eyibamba kuthule umoya esiswini, ithe iqale ukudlala unobhutshuzwayo ngonyaka wezi2008 ineminyaka yobudala eyisi-6.
Ikhulele eMgungundlovu, ifunde eSanzwili
Primary School, eMthethomusha
Primary School, iSiyahlomula
High School ngenxa kanobhutshuzwayo yaqedela eClapham High School okuyisikole esisePitoli esilekelelana nayo iMamelodi Sundowns. Ngaphambi kokuthi agijime kumaBrazillians, wadlalela iGugulethu, iMilano FC, Amabutho kanye neMaritzburg United. Eneminyaka eli-16 wathola ithuba lokuthi azilolonge neqembu elikhulu leTeam of Choice (Maritzburg United). “Ngaphandle kokuthi ngidlalele iqembu elikhulu, esinye isifiso sami ukuthi ngonyaka ozayo ngibalwe nabanye abazoya e-Indonesia ukuyomela iqembu lakuleli emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kwengama-20,” kusho uZuma. Uthe abantu okuyibo ababongayo umndeni wakhe, nabaqeqeshi abamqeqeshe esadlala emabangeni aphansi.
UZuma uthe isikhathi esike saba nzima kuyena yilapho elimala kanzima nokwampoqa ukuthi ahlale izinyanga ezintathu engalidlali ibhola. Kwenzeka konke lokho nje bekumele abhale izivivinyo zakhe zokugcina kumatikuletsheni.
Abadlali athi uzifela ngabo uMsholozi (abakwaZuma) uRivaldo Coetzee odlala kuyona iSundowns noSergio Busquets yena odlalela iFC Barcelona yaseSpain.
Udlale imiqhudelwano ehlonishwayo kuleli, lapho kubalwa iSouth Africa Winter Games, iKay Motsepe Schools Cup, iFuture Champs, i-Engen
Cup, iBayhill Premier Cup kanye neMultichoice Diski Shield (MDS) okuwumqhudelwano ongaphansi kweMDC.
Abanye abadlali abagqanyiswe IMDC uSibusiso Mabiliso, uSphesihle Maduna ba-Amazulu FC, uSiphelele Luthuli, uMpusana Tani, uMenzi Masuku noSipho Chaine beBloemfntein Celtic, uBrandon Parusnath, uNkosinathi Sibisi, uSiyabonga Dube, uNduduzo Sibiya, uSiphamandla Chonco noThabani Zuke beLamontville Golden Arrows nabanye abaningi abagijima kwamanye amaqembu.