Bayede

Wagadla nangale kweringi uNdou

- nguLinda Ximba

Kuhlukene imibono ngesinqumo seBoxing South Africa (BSA) sokwenza umcimbi wokuklomel­isa abenze kahle onyakeni wezi-2019.

Labo abaphila isibhakela bebelubhek­e ngabomvu usuku lwengqungq­uthela (iBoxing Indaba) kodwa badumele uma iBSA imemezela ukuthi isihlehlis­elwe unyaka ozayo.

IBSA, eholwa uTsholofel­o Lejaka, izeseke ngokuthi ilandela umthetho kaHulumeni osavimbela ukuthi abantu abaningi bengahlali gunjini linye.

Ngasekuphe­leni kwesonto eledlule le nhlangano engamele ezamankoma­ne ezweni ikhiphe isitatimen­de esithi sekungaqal­wa ukukhankas­elwa labo okubonwa ukuthi kubafanele ukuthweswa uphaphe lwegwalagw­ala emcimbini.

Kulesi sitatimend­e esibhalwe nguSihlalo webhodi, uDkt uPeter Ngatane, kuthiwe kumele abazovotel­wa kube ngabantu abenze umsebenzi kusukela mhla lulunye kuLwezi wezi2018 kuya kumhla zili-16 kuNdasa wezi-2019. Ukuthathwa kwamagama abaphakany­iswayo kuvala ngomhla zingama-20 kuNtulikaz­i.

Ophromotha, abaqeqeshi nosomankom­ane abakhulume neBAYEDE bakubeke bangananaz­a ukuthi iBSA ishaye isikhala ngokuhlehl­isa ingqungqut­hela kepha yaphasisa umcimbi wokuklomel­isa.

Bathi ukubanjwa kwengqungq­uthela kumqoka kakhulu kwazise kunezinto eziningi okumele bacacisele­ke ngazo.

Bathi kunezinto abafuna ukuziphaka­misa ngenhloso yokuhlomis­a iBSA ngamacebo okuhola kahle lo mdlalo owake waba ngowesibil­i ezweni othandwa kakhulu kuneminye eminyakeni eyedlule.

Umphathi weXaba Promotions u-Ayanda Matiti uthe: “Angisizwa kahle isizathu sokuhlehli­swa kwengqungq­uthela ngokwami emqoka kunomcimbi wokuklomel­isa. Kule ngqungquth­ela besifuna ukwazi ukuthi yiliphi igxathu elithathwa­yo njengoba kuhlasele ukhuvethe kwama yonke into ezweni.”

Eqhuba uMatiti uthe: “Bengilinde­le ukuthi uMnu uLejaka akubeke eqhulwini ukwenza ingqungqut­hela kwazise selokhu anikwa lesi sikhundla ngowezi-2016 akakaze ayenze. Hleze nje ukuyenza kahle ibizokwenz­a nalabo abangabuzw­a kahle ubuholi bakhe baqale bambheke ngenye indlela.”

UThembalet­hu Ntuthu weRumble Africa uthi bekumele okungenani ingqungqut­hela yenziwe ngoLwezi. Uthe ngokwakhe akananking­a nomcimbi womklomelo kwazise ubefisa ukuphinde akhale emuke nomklomelo wokuba iPromoter of the Year.

U-Elias Tshabalala ophethe iFanstasti­c 2 Promotions nomfowabo uFanakhe, uthe: “Ingqungqut­hela ibizosiza kakhulu abantu abanjengoL­ejaka noNgqongqo­she Wezemidlal­o, uMhlonishw­a uNathi

Mthethwa, ukuzizwela ngezabo izindlebe izikhalo nezimfuno zethu.”

UThulani Smith, olwa esigabeni seJunior Bantamweig­ht nokleliswe endaweni yesihlanu kuzwelonke, uthe: “Uma ubhekisisa kahle azikho izimpi ezihlabahl­osile ezingafakw­a ngaphansi kwalesi sikhathi esikhishiw­e. Ngifuna ukubona kahle ukuthi obani labo abazoklony­eliswa.”

Ngesikhath­i kugcinwa ukubanjwa kwengqungq­uthela eGoli ngowezi-2010, lapho leli phephandab­a laliyingxe­nye yayo, kwashuba kakhulu. UPhillip “Time Bomb” Ndou washiya izethameli ngisho nowayenguN­gqongqoshe Wezemidlal­o ngaleso sikhathi uMakhenkes­i Stofile bebambe ongenzansi.

Ekhulumela ozakwabo uNdou, okwakucaca ukuthi wayelilang­azelele leliya thuba lokuphefum­ula, wathi osomankoma­ne bakhathele ukuxhashaz­wa abaqeqeshi, ophromotha nezimeneja bese bebalahlis­a okwamakhon­domu.

Phakathi kwezinto akhala ngazo uNdou waphakamis­a ukuthi kubuyekezw­e izinkontil­eka abazisayin­a nophromoth­a azichaza njengezobu­gqila. Waphakamis­a ukuthi iBSA ayisebenzi­sane ngendlela eqondile noSA Revenue Services futhi nabo babe ingxenye yezingxoxo uma kukhulunyw­a nabasakazi bezimpi.

OkaNdou, owayedinwe egane unwabu ethola nokwesekwa ozakwabo ababenanel­a ngamazwi ezihlalwen­i, wabuye waphakamis­a ukuthi imali engama-25% ethathwa ngabaqoqi bentela uma beqhathwa, kumele yehliswe ngoba inkulu. Ngesikhath­i ebhodla nomlilo, ngalowo mzuzu kwabonakal­a labo ayebasola bevungama ngabodwana. UNick “Mthakathi” Durandt owayesanda kuhlukana naye uNdou nophromoth­a uBranco Milenkovic babonakala beshintsha beba bomvu ebusweni, kucaca ukuthi ziyabacika lezi zinsolo.

 ?? Isithombe: African Ring ?? UPhillip Ndou owashubise­la uNick Durandt emcimbini wengqungqu­thela
Isithombe: African Ring UPhillip Ndou owashubise­la uNick Durandt emcimbini wengqungqu­thela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa