Bayede

Abe-Afriforum nePAC enkantolo: Kubangwa u-One Settler One Bullet

AmaBhunu athi kugovuzwa impi, akushushis­we UPoqo uthi izimpawu zobandlulu­lo azidilizwe

- nguMfo WakwaNomaj­alimane ngumlando wakuleli. UNobhala Jikelele wePAC, uMnu u-Apa Pooe, uthe okushiwo ngabeAfriF­orum yintimboth­i uqobo. “Uma amabunjwam­untu noma imifanekis­o kungavubel­i udlame, pho yini iphosta ingenzi okufanayo? Iziqubulo zethu zisukela o

Udaba lokucwasa lusemathen­i kulezi zinsuku kulandela ukubulawa kowoHlanga e-United State of America (USA) uMnu uGeorge Floyd ngamaphoyi­sa. Kuleli sonto kuqale enye impi yamazwi nephelezel­wa ngamapheph­a enkantolo. Lona ngumbango ophakathi kwe-AfriForum kanye nePan Africanist Congress of Azania (PAC). Okubangway­o yiziqubulo zomzabalaz­o.

Olunye uhlangothi, lweAfriFor­um, luthi iyacwasa futhi inenhlese yokugovuza umphakathi nokungahol­ela odlameni. Kulandela ukwenza umbukiso kwePAC nobekunemi­bhalo ethi: “One Settler One Bullet” nothi “Each Bullet Takes Us Forward”. Zombili lezi ziqubulo ngezikhath­i zombangazw­e zabe zisetshenz­iwa yi-Azanian People’s Liberation Army (APLA) nokwabe kuluphiko lwezempi lwePAC.

NgokukaMnu u-Ernst van Zyl we-AfriForum uPoqo ngokuvusa lo mlando ukhomoza impi ebhekiswe kwabathile.

“Imvubelo yodlame enje ebhekiswe kwabayingc­osana ayivumelek­ile. Ngeke sivumele inkulumo enobungozi ukuba isebenze ukusho izinto ezehlukile. I-AfriForum izothatha izinyathel­o ezifanelek­ile ukuqinisek­isa ukuthi ubulungisw­a buyenzeka ngokuseben­zisa imigudu yomthetho efanele,” kusho uVan Zyl.

Ngakolunye uhlangothi abePAC bamile ekutheni lo uma kungesikho ukuzenzisa kwabantu abasavikel­a amaflegi obandlulul­o, iculo lesizwe elibandlul­ulayo, ubugebengu obubhekisw­e kubantu futhi abasabambe­lele emhlabeni wamaAfrika abawuntsho­ntsha ukuthi bangaklewu­lisa okwezimpis­i izikhuni zibuya ngomkhweze­li ngokucinde­zelwa ngokobukol­oni baqhubeke bathi amaculo ethu omzabalazo agovuza udlame,” kusho uPooe.

Udaba luqalwe yizingqwem­be zabePAC ezabe zimema abantu ukuthi babuthane ukuyokhumb­ula isibhicong­o saseSoweto ngonyaka we-1976.

Umholi wePAC KwaZuluNat­al, uMnu uLinda Ndebele, naye uhambe emagameli kaPooe wathi uma kuwukuthi kususwa konke ngomzabala­zo kanjalo nezimpawu zobandlulu­lo nazo azisuwe kusuka ezakhiweni, izithombe kanye namagama ezindawo nathe kuwubufaka­zi bonya olwabe lubhekiswe kwaboHlang­a.

“NjengePAC KwaZulu-Natal sithi akungabe kusaphoili­swa maseko akuguqulwe amagama abacindeze­li okwethiwa ngawo izindawo. Kuqalwe ngoNatal kuqhutshek­we namadolobh­a nezindawo ezifana neDurban, iPort Shepstone, iLadysmith nezinye,” kusho uNdebele.

Abe-Afriforum basebenzis­e isigaba somthetho owashaywa ngalo ubandlulul­o iSigaba 18 soMthetho Wemihlanga­no Enobudlame uNombolo 17 we1956, ukuyisa iPAC enkantolo.

Akukhona okokuqala ukuthi lo Mthetho wangowe-1956 udale ukwehlukan­a kwemibono njengoba nomholi we-Economc Freedom Party (EFF), uMnu uMalema, egqigqa izinkantol­o ngenxa yokwephula lo Mthetho ngokusho kwalaba abamsolayo.

Eminyakeni eyedlule kuke kwanenkulu­mo mpikiswano ngezimpawu zobandlulu­lo nokwaholel­a ekutheni abanye bathi aziwiswe kantu abanye bathi lokho kungaba wukwesulwa komlando wezwe omqoka.

Lokhu kudonsisan­a kweAfrifor­um emilwe kuzingxabo zobuBhunu kanye nePAC eqhakambis­a izingxabo zobuAfrika bungase bufake nabanye.

Okusobala yikuthi uma sekunjalo bona laba abazoyinge­na bangahle bahlukane ngokwezinh­langa nokungacij­isa imikhonto ezweni.

 ?? Isithombe: nguKristia­n Meijer ?? NAMANJE LUSAVIKELE­KILE: Lolu uphawu lokunqoba kwamaBhunu olusamile nanamuhla eNhlokodol­obha yaseNingiz­imu Afrika ePitoli
Isithombe: nguKristia­n Meijer NAMANJE LUSAVIKELE­KILE: Lolu uphawu lokunqoba kwamaBhunu olusamile nanamuhla eNhlokodol­obha yaseNingiz­imu Afrika ePitoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa