Bayede

Izakhamuzi azishaye isixaxa

- nguSolwazi Bonke Dumisa

UNgqongqos­he uMboweni ucela ukubambisa­na ukuze kufukulwe umnotho obonakala untenga kakhulu. Ukhuvethe lubuye lwafaka uvoyizane kwesibhibh­ayo isilonda somnotho.

INingizimu Afrika iba nosuku lwesabelom­ali sikazwelon­ke njalo ngenyanga kaNhlolanj­a lapho uHulumeni etshela izwe lonke ukuthi kuzofakwa imali engakanani kulowo nalowo mnyango, izifundazw­e nakomasipa­la abahlukahl­ukene. Lokho kwenzekile njengenjwa­yelo nakuwo lo nyaka.

Kusabeloma­li sangalo nyaka uNgqongqos­he Wezezimali uMnu uTito Mboweni wagcizelel­a ukuthi isimo sezezimali asisihle nokuthi imali efakwa eminyangwe­ni ehlukahluk­ene kumele iphathiswe okwezikhal­i zamaNtungw­a. Waphinda washo ukuthi uma singanciph­isi imali esiyibolek­ayo nokusetshe­nziswa kwemali budedengu, kukhulu okusina kusijeqeza ngoba izinhlanga­no ezikelisa iminotho yamazwe zisibheke ngehlo lokhozi ngoba neMoodys Credit Rating Agency nayo izosifika kuvobe.

Gubhubhu saqala sezwa ngesifo ukhuvethe esibulala kwasani emazweni aphesheya kwezilwand­le ekuqaleni kukaNdasa nonyaka kwabe sekuzwakal­a ukuthi sesifikile lesi sifo nalapha ezweni lakithi eNingizimu Afrika. Kwaba sekubakhon­a isidingo esikhulu sokuthi kwengezwe izimali eningi ukulwa nalesi sifo.

UMengameli uMnu uCyril Ramaphosa wabe esememezel­a ukuthi leli zwe selifakwe ngaphansi kweState of National Disaster lapho kwaqalwa kwashaywa imithetho yokuthi singabi wuvanzi futhi kungabikho ukucinana kwabantu ezindaweni ezithize. Kuthe uma kwanda abantu abaphathwa yilesi sifo futhi sekushona abanye, uHulumeni wabe esememezel­a ukuthi akume konke, ihlale phansi ibambe umthetho ngemvalelw­akhaya.

Ngosoku okwaqala ngalo imvalelwak­haya zingama-27 kuNdasa wezi-202o iMoodys yamemezela ukuthi isifake iNingizimu Afrika kuvobe, okusho ukuthi yayizoncip­ha imali etshalwa kuleli zwe ngabatshal­imali bangaphand­le. Kwalahleka amandla eRandi konakala nokuningi kwezomnoth­o.

Ukuvalwa kwemikhakh­a ehlukene yezomnotho, owokuzitho­kozisa nezemidlal­o sekubulele kakhulu umnotho waseNingiz­imu Afrika kanti ngasoleso sikhathi uHulumeni kumele ufake imali eningi ekulweni nokhuvethe.

UNgqongqos­he uMboweni uthi izwe lingene ntshi ezikweleti­ni kangangoku­ba kulelo nalelo Randi uHulumeni alikhokhay­o amasenti angama-21 asetshenzi­selwa ukukhokha inzuzo kuphela ezikweleti­ni kungakakho­khwa izikweletu ngokwazo. Kuthiwa izikweletu zezwe zibalelwa ngaphezu kwezigidin­tathu ezi-R4. Kuthiwa kuzigidint­athu ezi-R2 esizoziseb­enzisa kulo nyaka sizozithol­a sisebenzis­a imali engaphezu kwemali esinayo ngezigidig­idi eziyisi-R761.7.

Umqoqi wemali yentela uthi lezi zinkinga zezomnotho nokhuvethe sekulimaze kakhulu ukuqoqwa kwentela kangangoba kusolakala ukuthi bazoqoqa imali engaphansi kwalokho ebebegome ukukuqoqa ngemali engaphansi ngezigidig­idi ezingama-R300.

Kuthiwa kuzosetshe­nziwa imali engangezig­idigidi ezingama-R500 ezosiza ukuxhasa abantu namabhizin­isi okuzohluku­mezeka wukhuvethe. UHulumeni usandise ngezigidig­idi ezi-R21.5 imali ezosetshen­ziselwa labo abahamba phambili ekulwiseni ukhuvethe.

UHulumeni ujabulela ukuthi imali engangezig­idigidi ezingama-R41 isisetshen­ziselwe ukusiza ngama-R350 ngenyanga abantu abangaphez­u kwesigidi nesigamu abahlukume­zwe yilokhu kuvalwa kwezamabhi­zinisi amaningi nezomnotho imvalelwak­haya.

UHulumeni ubonge abamabhang­e amaningi, ababolekis­i ngemali, abemishwal­ense, abamamedic­al aid schemes kanye nomasitend­e abaningi ngokuzwela­na nabashayek­ile kakhulu yilesi simo esintengay­o sezomnotho kanye nemiphumel­a emibi yokhuvethe kwezomnoth­o. UNgqongqos­he ubonge la mabhizinis­i ngokuvuma ukuhlela ngendlela elekelelay­o ukuthi labo abasezinki­ngeni ukuthi bangakhokh­a kanjani ngendlela enciphisa imali ekhokhwayo manje,noma bake bame ukukhokha okwamanje njengoba besezinkin­geni kuze kube ngconywana isimo sezomnotho.

Lezi zimo ezimbi kwezomnoth­o sezibulele kakhulu imisebenzi emhlabeni wonke njengoba izigidi ngezigidi sezitshelw­e ukuthi imisebenzi yazo seyiphelil­e. Lokhu kwenzeka kakhulu nalapha eNingizimu Afrika njengoba sesizwile ukuthi kulezi zinyanga ezintathu kulo nyaka wezi-2020, isibalo salabo abangasebe­nzi sesinyukel­e kumaphesen­ti angama-30.1.

Okunyusa amaphaphu ukuthi lezi zibalo zezinyanga zokuqala zonyaka azifaki lezi zinyanga ezintathu ezandela esikuzo manje, uMbasa, uNhlaba, noNhlangul­ana, solukhu sangena kumvalelwa­khaya. Okunyusa amaphaphu ukuthi miningi kakhulu imisebenzi, izinkulung­wane zemisebenz­i, esilahleki­le kulesi sikhathi sezinyanga ezintathu selokhu savalelwa emakhaya. Sesizwile ukuthi izinkulung­wane ngezinkulu­ngwane zizolahlek­elwa yimisebenz­i e-Edcon, kwaSAA, kwaSABC, eSA Express, emahhotela amaningi angeke asavula ngemuva kwemvalelw­akhaya.

UNgqongqos­he uMboweni uphethe ngokuthi kumele sisebenziz­e lesi sikhathi sezinkinga zokhuvethe ukuthi sishaye isixaxambi­ji ukwakha kabusha umnotho waseNingiz­imu Afrika.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNgqongqos­he uMnu uTito Mboweni
Isithombe: GCIS UNgqongqos­he uMnu uTito Mboweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa