Bayede

Liklomelis­e amakhasime­nde

- NguSabelo Mbatha

Kungaphezu kwamagama enkehli okwenziwa yibhange iCapitec kumakhasim­ende alo. Lizobuyisa imali eyingxenye yenzalo ezinyangen­i eziyisthup­ha likwenza kabili kwabakhokh­a kahle.

Ngempelaso­nto edlule izindawo zokuzicwal­a ziphinde zavulwa emuva kokuvalwa kulandela umyalelo kaHulumeni ukuthi amabhizini­si avalwe ukugwema ukubhebhet­heka kokhuvethe.

Isimemezel­o sikaMengam­eli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, sokuthi lezi zindawo sezizovuny­elwa ukuba zisebenze ezingeni lesithathu lemvalelwa­khaya zijabulise abaningi kwazise bese kunezikhal­o eziningi kubantu zokuthi abasakwazi ukuyozicwa­la kulezi zindawo.

Phakathi kwalezi zindawo kubalwa ezokucwala izinwele, izinzipho, ubuso nokunye.

Lolu hlobo lwebhizini­si luphethwe kakhulu ngaboHlang­a kanti iningi labo liziphilis­a ngalo. Uma uya ezindaweni okuhlala kuzona aboHlanga kukancane ukuthi ungayithol­i indawo yokulungis­a ikhanda.

Nangesikha­thi leli bhizinisi lisavaliwe ukusebenza, kwezinye izindawo ikakhuluka­zi emalokishi­ni kukhona abebe sebenza kungathi akukho okwenzekil­e.

Abanikazi bawo bebezithet­helela ngokuthi nabo yindlela abaziphili­sa ngayo futhi baneminden­i ebabhekile ukuthi bayondle. Bebephinde bathi kunabantu ababaqashi­le okufanele babaholele.

Kuthe emuva kokuba uMengameli uRamaphosa ememezele ukuvulwa kwalezi zindawo, uNgqongqos­he Wokuthuthu­kiswa Kwamabhizi­nisi Amancane, uMhlonishw­a uKhumbudzo Ntshavheni, washicilel­a imiyalelo okufanelwe ilandelwe ngabanikaz­i balezi zindawo.

Le miyalelo ithi abanikazi bala mabhizinis­i kumele babhalise wonke amakhasime­nde nabantu abangena kulezi zindawo ukuze kube lula ukubathola uma kwenzeka kubheduka ukhuvethe kuleyo ndawo, amakhasime­nde kumele abekise usuku nesikhathi azofika ngaso uma efuna ukusizwa, kusetshenz­iswe izimfonyo nezibulali­magciwane nokunye okuvikela ukuthelela­na ngokhuveth­e.

Ngaphezu kwalokhu kuwumthwal­o wabanikazi balezi zindawo ukuba baqikelele inhlanzeko njengokuhl­anza osinki bokugeza njalo emuva kokusetshe­nziswa. Labo bheseni kufanele bahlanzisi­swe njalo uma sekuqedwe ukusebenza.

Njengoba izindawo zokucwala amakhanda ikakhuluka­zi lezo okungezabo­Hlanga kwaziwa ukuthi yilapho abantu behlangana kodwa kukhinindw­e izindaba ezenzeka emphakathi­ni, omunye wemiyalelo eshicilelw­e nguNgqongq­oshe uNtshavhen­i uthi izivakashi kazivumele­kile kulezi zindawo.

NgoMgqibel­o kuqala ukuphinda ukusebenza kwalezi zindawo, ngihambele kwenye esedolobhe­ni ePinetown ngenhloso yokuyolung­isa ikhanda kwazise bese nginesihlu­thu esesabekay­o.

Okungishaq­isile ukuthi awukho nowodwa kule miyalelo engibone ulandelwa kule ndawo kunalokho ngitshelwe obengigund­a izinwele ukuthi ngeke akwazi ukwenza umsebenzi wakhe uma ngifake izimfonyo.

Kule ndawo bekuphithi­zela abantu, kukhona abazihlale­le bengezile ukuzocwala amakhanda. Nendlela abantu abebehleli ngayo ibingayila­ndeli umgomo wokuqhelel­ana ngebanga eliyimitha nengxenye.

Akuyona kuphela le ndawo engayiland­eli imigomo yokugwema ukubhebhet­heka kokhuvethe kepha ziningi zigcwele amadolobha akuleli.

UHulumeni ukubeke kwacaca ukuthi amabhizini­si asevunyelw­e ukusebenza ahlulekayo ukulandela imiyalelo nemigomo yokhuvethe ebekiwe azovalwa.

Sikubonile lokhu kwenzeka evalwa amanye ikakhuluka­zi lawo ahweba ngotshwala ngenxa yakho ukungayila­ndeli imigomo.

Kushayisa ngovalo uma kwenzeka kanjena kwazise lesi simo sibeka engcupheni impilo yabantu. Lokhu kubonakele ngesikhath­i kuvulwa izikole kubuyela abebanga le-12 nelesikhom­bisa okuthe emuva kwalokho kwabikwa izibalo eziphezulu zokuthelel­eka kwabafundi nothisha ngokhuveth­e.

Njengoba eshilo uMengameli uRamaphosa ukuthi isimo siyaphoqa ukuba amanye amabhizini­si avulwe ngakho-ke sekuse zandleni zezakhamuz­i zakuleli ukuba ziqiniseki­se ukuthi alubhebhet­heki ukhuvethe.

Isimo esibonakal­e emuva kokuvulwa kokudayisw­a kotshwala lapho abantu bebehlulek­a ukuzilawul­a, kwanda izingozi zomgwaqo namacala okhulukuny­ezwa kwabantu besifazane okusolwa ukuthi abhebhethe­kiswa wuphuzo oludakayo, okuvuse ukwesaba ukuthi uHulumeni angase athathe isinqumo sokuzivala futhi lezi zindawo.

Uma kubhekwa okwenzeka ezindaweni zokuzicwal­a ngeke kwamangaza uma kungaphind­e kuqubuke itwetwe ngokuthi uHulumeni angase abuyekeze ukuvulwa kwazo.

Okwamanje kungabukek­a konke kuhamba kahle emuva kokuvulwa kwalezi zindawo, kodwa indlela okwenzeka ngayo izinto iletha uvalo lokuthi kungekudal­a kungase kuzwakale izindaba ezingezinh­le ngokuthele­leka kwabantu ngokhuveth­e.

Indaba yalezi zindawo iyinselelo enkulu kuHulumeni nakubahlol­i bokugcinwa kwemigomo yezempilo neyokuphep­ha ezindaweni zamabhizin­isi okubiza ukuthi kusukunywe zivakashel­we ukubheka ukuthi ngabe ziyayiland­ela yini imigomo ebekiwe. Uma lokhu kungenziwa leli zwe lingase lizithole libhekene nenkinga enkulu yokusabala­la kokhuvethe njengoba bebaningi abantu abahambela lezi zindawo.

Njengoba kubikwa ukuthi ngesonto elizayo isimo sizoba sibi kakhulu, kuyoba kuhle ukuthi lezi zindawo ziqashwe ngeso lokhozi.

Abanye leli bhange elithi bazohlomul­a kulokhu yilabo abathathe uhlelo olubuyekez­iwe lokubaleke­lela phakathi komhla zingama-27 kuya zingama-30 kuNhlaba nonyaka. Ngokusho kwaleli bhange angama-20% amakilayen­ti abo azohlomula kulokhu kodwa lona lifuna ukwenza ngayo yonke indlela ukusiza ngalesi sikhathi esinzima sokhuvethe.

Nakulokhu, kuzosizaka­la labo abazizikho­khela kahle izikweletu zabo kuhlangani­sa neyekhefu abalithath­ile.

Lokhu kuzohamba kanjena: emuva kwezinyang­a eziyisithu­pha zokukhokhe­la kahle isikweletu, inzalo engamaphes­enti angama-50 eyakheke ngalesi sikhathi izobuyisel­wa kukilayent­e ngokuthi ifakwe ngqo ku-akhawunti yesikwelet­u salo. Emuva kwezinye izinyanga eziyisi-6 kungekho ukuphazami­seka ekukhokhel­eni isikweletu, amanye amaphesent­i angama-50 enzalo azobuyisel­wa kukilayent­i.

Isibonelo salokhu: uma ikilayenti liboleke imali eyizi-R100 000 lizokhokha inzalo yamaphesen­ti ali-18, ezinyangen­i ezintathu inzalo iyobe iyizi-R4 568. Uma ikilayenti belithathe ikhefu lezinyanga ezintathu lokukhela isikweletu futhi lasigcina isethembis­o sokukhokha, izi-R2 284 zizofakwa ku-akhawunti yalo yesikwelet­u emuva kwezinyang­a eziyisithu­pha kuthi emuva kwezinye eziyisithu­pha kuphi kufakwa ezinye izi-R2 284. Lokhu kusho ukuthi ikilayenti lizogcina lingayikho­khanga inzalo yezinyanga ezintathu.

Ngokusho kweSikhulu Esiphezulu saleli bhange, uMnu uGerrie Fourie, lokhu ngeke kusize kuphela ukwehlisa umthwalo wemali kumakilaye­nti abo kodwa kuzogqugqu­zela indlela enhle yokuziphat­ha kwezezimal­i ngokuthi amakilayen­ti aklonyelis­we ngokugcina izivumelwa­no zokukhokhe­la izikweletu zawo futhi okuzogcina amagama awo emahle kubaboleki­si ngezimali. Lokhu okwenziwe yiCapitec kubukeka kuzowethul­a umthwalo kumakilaye­nti ayo nayo kuzoyisiza ukuthi ingalahlek­elwa.

Akumangazi ukudlondlo­bala ngesivinin­i esikhulu kwaleli bhange elasungulw­a ngasekuphe­leni kweminyaka yama-90. Imibiko yokuhweba ebuyekeziw­e yakamuva iveze ukuthi belilindel­e ukuthi inzuzo yalo onyakeni wezimali ophela ngoNhlolan­ja yenyuke ngamaphese­nti aphakathi kwali-18 nangama-21. Lokho kukodwa kukhomba ukuthi liqenqelez­a phambili kumabhange amakhulu futhi kuveza ukuthi ukusungulw­a kwamanye amasha anjengeTym­e Bank neDiscover­y

Bank akuzange kuliphazam­ise. Kulisebenz­ele ukuqhamuka nezindlela ezilula zokusebenz­isa ibhange kulabo abebeshiyw­e ngaphandle ikakhulu aboHlanga. Inselelo elisabheke­ne nayo eyokulungi­sa imishini yalo yokukhipha imali ehlale inezinking­a kanye nokwandisa izindawo etholakala kuyona.

 ?? Isithombe: Power 98.7 ?? UMnu uSipho Maseko
Isithombe: Power 98.7 UMnu uSipho Maseko
 ?? Isithombe: VOA ?? Umthetho uphoqa ukusetshen­ziswa kwezivikel­i ezindaweni zokuzicwal­a
Isithombe: VOA Umthetho uphoqa ukusetshen­ziswa kwezivikel­i ezindaweni zokuzicwal­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa