Bayede

I-ICC isika nxazonke

-

Kulokhu iNkantolo yamazwe ayikhethi phela emasini njengoba igadla nase-United States of America.

Ngesonto eledlule, kwenzeke okungasava­mile emazweni ase-Afrika lapho bekuwuqhub­e manikiniki phakathi kweKenya neDjibouti kweyokuba yilungu lesikhasha­na le-United Nations Security Council (UNSC). Akujwayele­kile ngoba sekwaphela iminyaka amazwe ase-Afrika, ngaphansi kwe-African Union (AU), ekwazi ukufakana imilomo ngasese bese evumelana ukuthi yiliphi izwe noma amazwe azomela izwekazi ku-UNSC uma kufika isikhathi sokuthi kunyulwe amalungu amasha esikhashan­a e-UNSC. Kungabe lokhu okwenziwe iKenya neDjibouti okungamazw­e angomakhel­wane ngoba abuya esifundazw­eni esisodwa kusho ukuthini? Ake siqale sichaze ukuthi lezi zihlalo ezi-3, nokukhulum­a ngazwi linye ngaphambi kokhetho kubaluleke ngani kwawaseAfr­ika.

I-UNSC inamalungu ali-15, okubalwa ama-5 anezihlalo ezingunaph­akade, okuyiChina, iFrance, i-United States of America (USA), i-United Kingdom (UK), kanye neRussia. Bese kuthi lawa ali-10, akhethwa njalo emveni kweminyaka emibili, nalapho i-Afrika inezihlalo ezi-3. Okhethweni obelubanjw­e yi-UN General Assembly (UNGA) ngesonto eledlule, okuyiyo eqoka amalungu esikhashan­a e-UNSC, bekumele i-Afrika ikhethe izwe elilodwa elizongena esihlalwen­i esizoshiyw­a yiNingizum­u Afrika ekupheleni kwalo nyaka okuhambisa­na nenqubomgo­mo ye-UN.

Noma lezi zihlalo ezi-3 zingezesik­hashana zibaluleke ngendlela eyisimanga e-Afrika ngoba izingqinam­ba eziningi ezidingidw­a yi-UNSC ngezibheke­ne nokwenzeka ezwenikazi. Lezi zihlalo ziphinde zibaluleke­le ngoba la mazwe ama5 agweve nalezi ezingunaph­akade, kuba khona amahlandla lapho ake adinge ukusebenzi­sa lawo angezihlal­o zesikhasha­na ukufeza izinjongo zawo kweyobudle­lwano bamazwe omhlaba, nasezinqum­weni ezithathwa yi-UNSC. Yingakho abaholi bamazwe ase-Afrika babona kungcono ukuthi, ukuze kuqiniswe ubumbano e-Afrika, kumele bavumelane ngamazwe azosekwa ngaphambi kokuba kushaye isikhathi. Phezu kwalokho, lesi sinyathelo siphinde sigcizelel­e ekutheni izwe eliba ku-UNSC kumele lizithathe njengelime­le i-Afrika yonkana hhayi izifiso zalo kuphela. Kwenzeke kanjani-ke ukuthi la mazwe amabili, ehlukele ukulandela uhlelo olumiswe? Imibono nezizazath­u ziyashayan­a ngokuthi kufinyelel­we kanjani kulesi simo.

KuNcwaba ngonyaka owedlule, isiGungu Samanxusa (Permanent Representa­tives Committee) amele amazwe ase-Afrika ku-AU, avotela iKenya ukuthi koba yiyo ezongena esihlalwen­i mhlazane iNingizimu Afrika ishenxa ekupheleni kwalo nyaka. Kule voti, iDjibouti kwabe kuyimbangi yeKenya. Emveni kwale voti kwacatshan­gwa ukuthi udaba seludlulil­e, kepha ekuqaleni kwalo nyaka, iDjibouti yakuveza ukuthi izoqhubeka nokukhanka­sela ukuthi ivotelwe ngamalungu e-UN uma sekufike isikhathi. Iveza lokhu iDjibouti yathi ngokwazi kwayo isinqumo sezwe okumele limele i-Afrika ku-UN, sithathwa iNgqungqut­hela Ye-AU ehanjelwa oMengameli, hhayi isiGungu Samanxusa. Lesi sikhalo seDjibouti noma sizwakala uma kulandelwa inqubomgom­o kepha asinaso isisindo ebesingaze sidale ukuthi ubunye izwekazi ebeselidum­e ngabo uma kufika isikhathi sokuvotela amalungu amasha i-UNSC, buthintibe­zeke.

Ukungehlel­i ngezansi kweDjibout­i kugcine sekuvula igebe amazwe aseNyakath­o azame ukuliseben­zisa ukuze eseke izwe alibona njengalelo elizohambi­sana noma kube lula ‘ukulilawul­a’ uma kuhlangenw­e kuUNSC. Isibonelo, zikhona izinkomba zokuthi iChina, noma inobudlelw­ano neKenya, ibingenank­inga ngokuthi kube yiDjibouti okuyiyo kuphela lapho iChina inenkambu yamasotsha ayo. Emkhankasw­eni wayo, iDjibouti iphinde yazama ukusebenzi­sa ubudlelwan­o enabo nenhlangan­o i-Internatio­nal Organisati­on of La Francophon­ie (OIF) eyilungu layo njengamany­e amazwe ayengamaKo­loni e-France. Zikhona nezinkomba zokuthi iFrance beyeseka iDjibouti ngoba isondelene kakhulu nayo, nokuphumel­ela kwaleli lizwe bekusho ukuthi womathathu ase-Afrika, kubalwa iNiger neTunisia abezoba ku-UNSC ngonyaka ozayo angamalung­u ale OIF eyasungulw­a yiFrance.

IDjibouti iphinde yazama ukunxexa amalungu e-Arab League, nayo okuyinhlan­gano eyilungu layo. Ngakolwayo uhlangothi, iKenya isebenzise ubudlelwan­o namazwe ayingxenye yeCommonwe­alth, okuyinhlan­gano yamazwe ayengamako­loni e-UK, kodwa yase isabalala yaxhumana namazwe aseLatin America nezinye izifunda emhlabeni. Emkhakaswe­ni wayo, iKenya ibigxile ekutheni yiyo eyathwalwa ngeqoma yi-AU, yingakho kumele yesekwe ngamanye amazwe omhlaba. Njengoba ibingekho efuna ukugoba uphondo, kugcine sekufinyel­ele ekutheni i-UNGA ikhethe phakathi kwala mazwe amabili, nalapho kugcine kuphumelel­e iKenya, nethole amanani ali-129, iDjibouti yona yathola angama-62.

Lo mcintiswan­o phakathi kweKenya neDjibouti ubungenasi­dingo. Kumele i-AU ithathe isifundo kulokhu sokuthi kubaluleki­le ukwenza izinto ngendlela okulindele­ke wonke amalungu ayo alindele ngayo. Kodwa ngoba isidlullil­e, asethembe ukuthi iKenya izokwenza ngakho konke ukuthi yeseke ngokugcwel­e izinhlelo nezinqumo ze-AU ngokumele kwenzeke ku-UN, iphinde isebenzisa­ne ngokubambi­sana nalamalung­u amabili avela e-Afrika. - nguSenzo Ngubane

 ?? Isithombe: CFP ?? Isigungu seUN Security Council emhlanganw­eni
Isithombe: CFP Isigungu seUN Security Council emhlanganw­eni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa