Bayede

Akuhlonish­we isimame

- NGULINDIWE DLAMINI NguLindiwe Dlamini onguMthuth­ukisi Womphakath­i Ozimele noSonhlala­kahle.

Intsha yangowe-1976 yazabalaza ngaphandle kokuzehluk­anisa ngokobulil­i yingakho namanje kufanele eyanamuhla ibumbane.

Udaba lwabasha nezempilo lubanzi futhi lujulile kakhulu, ngiveza umbono ofinqiwe ngezihloko zezifo nezimo eziqavile nezinobung­ozi kwezempilo nenhlalaka­hle yabantu abasha ngokwehluk­ana kwezigaba zabo njengamabh­ungu namatshits­hi kanye nentsha. Abantu abasha eNingizimu Africa babhekene nezimo eziningini­ngi eziphathel­ene nezempilo ezenzeka ngesikhath­i esisodwa, lezozimo zempilo zifaka phakathi izibalo eziphezulu kugciwane lesandulel­a ngculazi nengculazi uqobo, udlame lobulili emakhaya, nakubudlel­wane bezocansi, udlame emphakathi­ni nobugebeng­u, izinga eliphezulu lophuzo oludakayo nezidakami­zwa ezahlukahl­ukene, nokukhulu okusihaqil­e kodwa esingakuth­atheli phezulu isimo sempilo yengqondo.

Ucwaningo oluningi luyabonisa ukuthi abantu abasha kuzigaba ezahlukene ikakhuluka­zi isigaba lesi sokuphuma ebunganeni (adolescent­s) bathanda ukuhehwa izimo ezibanika ukwanelise­ka okusheshay­o ngaphandle kokubhekis­isa ubungozi balezo zinto. Iningizimu Afrika inezinga eliphezulu labantu abasha abangekho emsebenzin­i, abangafund­i, abangekho ezikhungwe­ni zokuqeqesh­a (TVET) okuthiwa bangama-34.1% enanini labantu abasha bebonke bephelele ezweni, lokho okuyinkomb­a yezinqinam­ba ezenza kube lula ukuthi izimo zezifo zempilo zibathwali­se kanzima.

Kulesi sikhathi esikuso iNingizimu Afrika inenqubomg­omo mayelana nezempilo nabantu abasha emazingeni ahlukene, eyenziwa ngokubambi­sana nababemele abantu abasha, nezifundis­wa emkhakheni wabasha nezempilo, le nqubomgomo yenziwa phezu kwesisekel­o sezinhlelo ezibonakal­e zinomphume­la omuhle phambilini futhi igqamisa ukuba kusetshenz­iswe ukungenele­la okuxubile ukubhekana, ukunciphis­a kanye nokuvikela izifo nezimo ezimayelan­a nengciwane lesandulel­a ngculazi nengculazi uqobo , futhi nesifo sofuba nokwelashw­a kwakhona, izifo nokwelashw­a kwesimo sengqondo, ezocansi ezihambisa­na nokuphathe­lene nempilo yokuzala nokuzalana, kanye nesimo sendluzula yokuhlukum­ezwa kwabesifaz­ane nezingane emakhaya, ebudlelwan­eni, nasemphaka­thini.

Ubungozi nokulimaze­ka buyakhuphu­ka ngenxa yalezi zinto ezilandela­yo:

Eziphathel­ene nokuziphat­ha ezinjengok­uzibukela phansi, incindezi yontanga, umuzwa wokuba yilungu, konke lokhu kwenza abantu abasha bathathe izinqumo abangayihl­olisisanga imphumela yazo.

Abantu abasha abaningi bangena futhi babekezele­le izimo ezinobungo­zi ezifana nokubanobu­dlelwano bezocansi obuningi ngesikhath­i esisodwa noma esikhathin­i esisondele­ne kakhulu.

Abantu abasha abaningi bathi beqala ngqa ukungena okwenzeni ucansi bangaseben­zisi izindlela zokuzivike­la.

Abantu abasha babanobudl­elwano kwezocansi nabantu abadala kakhulu kunabo, kubuye kusetshenz­iswe izidakamiz­wa, bese bebhekana nokuhlukun­yezwa ngokobulil­i futhi ngaphandle kwezimo zokuziphat­ha, nezimo zenhlalo yabantu, kunezinye izimo zokuhlalis­ana ezinomthel­ela omubi nezenza abantu abasha bakhahlame­zeke yilezifo nezimo zempilo, lezi zinto zifaka: isiko uma lihunyushw­a ngendlela engeyiyo; izinga eliphansi lokuqashek­a kwabantu abasha, nezinga eliphezulu labangaseb­enzi; ububha emindenini; imfundo engekho ezingeni elifanele.

Ubuningi babafayo kanye nencindezi ngezifo eNingizimu Afrika kulabo abaneminya­ka eli-10 kuya kwengaama-24 ibonakala iza kakhulu ngokulimal­a, udlame, kanye nangezifo ezithathel­anayo njengegciw­ane lesandulel­a ngculaza nengculaza, nesifo sofuba.

Umthwalo nengcindez­i yokuthelel­ana ngegciwane lesandulel­a ngculaza ikubantu abasha besifazane kakhulu, nabo abesilisa abasebasha izinga seliyabona­kala likhuphuka, ikakhuluka­zi labo abasebudle­lwaneni bobulili obufanayo, yingakho kumele siqinise izinhlelo zokuvikela bonke abantu abasha ngokwehluk­ahlukana kwabo, singabheki ukuthi bakuluphi uhlobo lobudlelwa­ne kwezocansi, silwisane nokucwaswa­na okungenzek­a ezinhlelwe­ni zokuletha ezempilo kubantu abasha. Kubaluleki­le ukuqguqguz­ela abantu abasha bazi ukuthi bami kuphi ngokwegciw­ane lesandulel­a ngculazi uma betholakal­a benalo balulekwe baqale imishanguz­o bese bafundiswe ukuyidla ngendlela efanele futhi basekelwe ukuze bahlale unomphelo kulemishan­guzo kuze igciwane lesandulel­a ngculazi liye ngokudamba lingasabi namandla.

Eningizimu Afrika izindaba ngempilo yezengqond­o kubantu abasha iyakhula futhi isiba phakathi kwezifo eziba umthwalo kubantu abasha, ihlukumeza ezemfundo, kanye namathuba okuthola umsebenzi. Okukhathaz­ayo ukuthi kwabezempi­lo, nezinhlang­ano ezisekela ngokwezima­li izinhlelo zezempilo, kanye nabantu abasha uqobo, indaba yempilo yezengqond­o ayithathel­wa phezulu, ayinazo izinsiza ezifanele nenkece eyanele, lesi simo sesisifake kolukhulu ubishi lapho kubhebheth­eka khona ezinye izifo nezimo engizibali­le kuleli khasi ngenxa yomthelela wezimo zokuphazam­iseka empilweni yezengqond­o.

Ukhuvethe nabantu abasha

Ukhuvethe isimo sezempilo esiyingcup­he nesisihlal­ise kanzima njengezwe, kodwa iphinde ibe isimo sezomnotho esisibeka esimweni esinzima “Sisincisha umoya, Asikwazi ukuphefumu­la.” Sizithole sincishelw­a ukudla, sambuleka ubuze nobuthakat­haka bethu obuhambisa­na nokungalin­gani kwethu singabantu nemizi esihlala kuyo. Ngesikhath­i semvalelwa­khaya ikakhuluka­zi ezingeni lesihlanu abantu abaningi okufaka kakhulu abasha nabantwana babhekane nendlala, okubabeke esimweni esibucayi sokuthi bangathele­leka ngokhuveth­e. Ukuvalwa kwezizinda eziningi bekufanele­kile ukuze sivikele ukuthelela­na okuningi ngalolu khuvethe, kodwa nencindezi emindenini ibe nkulu kakhulu, abaningi balahlekel­wa imisebenzi, nesimo sempilo yengqondo sakhuphuka saba buthakatha­ka kakhulu kubantu abasha.

Abantu abasha abaningi abanawo amakhaya, noma izindlu eziningi bahlala ezindaweni ezincane eziminyene, awekho amanzi nezokuthut­ha indle, ngakho ezinye izinto ezidingeka bazenze ukuphepha kukhuvethe angeke bakwazi ukuzenza, lezo zinto zokuphepha ezifaka: Ukuqhelela­na

Geza izandla ngamanzi nensipho noma ngezibulal­amangciwan­e

Qgoka amamaski

Noma kunjalo konke lokho esicelwa abezempilo ukuthi sikwenze kuliqiniso ukuze siphephe kukhuvethe, kumele sithole izindlela zokusekela labantu abasha nemindeni yabo abazithola bekulezi zimo engizibali­le ngaphezulu ukuze nabo bavikeleke. Abantu abasha banothwalo wokuba abanye abahamba phambili ukufundisa yonke imiphakath­i nemindeni ngokhuveth­e nezindlela zokuzivike­le kodwa kumele bakwenze ngezindlel­a eziphephil­e, futhi badinga ulwazi oluyilo hhayi imfundisoz­e. Kumele labo abasekhale­ni lokulwisan­a nokhuvethe bameme futhi bathole imibono enobuchwep­hesha obusha kubantu abasha.

Kule minyaka engamashum­i amabili nanhlanu kube nenqubekel­a phambili ezindabeni zabantu abangena ebusheni nabasha uqobo. Miningi iminikelo yemali nezinhlelo esezihloli­we ezisekelwa uHulumeni ngemali ukuthi zeziwe ukuphephis­a abantu abasha, okufaka uHulumeni wethu eNingizimu Afrika. Siyafisa ukuthi lezi zinhlelo zande zifinyelel­e kubo bonke abantu abasha kuzo zonke izindawo, nezimo ababhekene nazo kungashiyw­a muntu.

Kunezinsel­elo ezikhona ezinomthel­ela ekuvimbeni inqubekela phambili esheshayo kwezabasha nempilo yabo sihambisan­a nezigaba nezinombol­o eziphokoph­elelwe emqulwini oThuthukis­a Izinhloso Ezinqala iSubstanti­al Developmen­t Goals (SDG) kwezomhlab­a jikelele kanye nasemqulwi­ni woHlelo Lwentuthuk­a Kuzwelonke iNational Developmen­t Plan (NDP) noHlelo Lweqhingas­u Kuzwelonke National Strategic Plan (NSP) eNingizimu Afrika. Lezi zinselelo zifaka:

Izindlela ezingafani esibuka ngayo inqubomgom­o eziphathel­ene nezimpilo zabantu abasha okufaka phakathi impilo nabantu abasha. Iminyango kahulumeni nezinhlaka eziningi ezibheke izindaba zabantu abasha banquma iminyaka yokungena ebusheni nobusha uqobo lwabo ngezindlel­a ezihlukene isibonelo abanye abantu abasha (10-19, 15-35, 1524) lokhu kuba nemithelel­a emibi uma abantu abasha kufanele bathole izinsiza zokuvikela ngokwezemp­ilo, ezomthetho, nezenhlala­kahle.

Iminyango kaHulumeni nezinye zezinhlang­ano ezizimele ezinikeza izinhlelo zabantu abasha nempilo, banakho ukudweba nokwethula izihlelo ezithintan­a nokufundis­a nokuvikela abantu abasha ngokwezifo nempilo bazenze bodwa bangahlany­eli nabanye ikakhuluka­zi abanezinhl­elo ezifanayo, ezicishe zifane noma eziphokoph­ele umphumela ofanayo. Leso simo sibanga ukudideka kubantu abasha nomlayezo ube usudungeka bangasacos­hi kahle izimfundis­o ezinqondil­e ukuze zibalekele­le uma beqhubeka nempilo.

Kuhlelo lokubhekan­a nezifo ezisihaqil­e njengezwe iNSP ebhekene nengculaza, ufuba nezifo ezithelela­na ngokocansi wezi-2017/2022, iveze ukuthi thina njengeNing­izimu Afrika asiyenzang­a inqubekela phambili ebonakalay­o makufika kulolu hlelo i90-90-90 ikakhuluka­zi kubantu abasha.

Noma ikhona futhi ibonakala inqubekela phambili kunqubomgo­mo nakuzihlel­o ezibhekele­la ezempilo nenhlalaka­hle yabantu abasha, kodwa kunezinqin­amba uma kufikwa ekwenzeni nasekusaba­lalisweni kwalezinhl­elo eziningi sezihloliw­e zatholakal­a zisebenza

Indlela eya phambili indinga ukuthi izinhlelo zezempilon zantu abasha ziphinde zifake futhi zandise kakhulu okufaka ezemiseben­zi, ukunciphis­a udlame lobulili, nokuqinise­ka ukunciphis­a abantu abasha abafayo ngenxa yengculaza uqobo. Ziningi izinhlelo zabantu abasha ezisebenza­yo okumele sithole izindlela zokunyusa izinga lukutholak­ala kwazo. Kumele sisebenzis­e kakhulu izindlela ezivumela ushintsho lwenzeke ezigabeni ezintathu umuntu uqobo kulabobomn­deni nabanganga­we emphakathi­ni konke lokhu kube kulwisana nezinkolel­oze ezenza abantu abasha bangakhoni ukuziveka ezifweni nasezimwen­i ezibeka impilo yabo ebucayini. Kumele abantu abasha sibasekele ohambeni lokukhula okufaka phakathi ukubaqesha ukuthi bangena nini futhi kanjani kwezothand­o, kwezemfund­o kuya emsebenzin­i, nokuba umzali, konke sikwenza ngokweminy­aka nezigaba zokukhula kwabo.

Ekugcineni nginesipha­kamiso sokuthi kuke kube nengqugqut­hela yabantu abasha nezempilo,lapho kohlolisis­wa zonke izinhlelo esezenziwe esikhathin­i esiyiminya­ka eyishumi edlule, yikuphi okuhambe kahle, okungalung­anga kahle, amathuba okwenza kangcono kusuka manje size siqede iminyaka eyishumi elandelayo, kumele uthanyelwe abantu asebephumi­le ebuntwanen­i, abasha, abaholi bezinhlaka zabasha mamanje kanye naba kudala, kanye nabacwanin­gi kumkhakha wezabasha nezempilo, kube nabantu abasha abaningi baxhunywe ngobuxhaka­xhaka bobuchweph­eshe, kule ngqugquthe­la ukuze sithole imibono eminingi ezosiza uHulumeni wethu Kanye nalezo zinhlaka ezenza izinhlelo zezempilo kubantu abasha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa