Bayede

Inkantolo ngabokufik­a

-

INkantolo Enkulu iyalele uNgqongqos­he uLindiwe Zulu ukuba akahlelele nabokufika imali yesibonele­lo ezoqala ukubalwa ngosuku lwesinqumo. Bayithole isikhathi esanqunywa nguMengame­li.

NgoLwesine zili-19 kuNhlangul­ana wezi-2020 uMehluleli waseNkanto­lo Enkulu ePitoli, uSelby Baqwa, ukhiphe isinqumo esiqubule imibono eyahlukene ezakhamuzi­ni zaseNingiz­imu Afrika esiphoqa uHulumeni ukuba anike abantu bokufika ababhace kuleli nalabo abanezimvu­me eziyisipes­heli isibonelel­o esisiza labo abakhahlan­yezwe ukhuvethe.

INkantolo iyalele uHulumeni ukuba ufake laba bokufika abasuka eLesotho, e-Angola naseZimbab­we kulabo abazohlomu­la kulesi sibonelelo sama-R350.

Emyalelwen­i wakhe uMehluleli uBaqwa uthe umthetho owenziwe uNgqongqos­he Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i uLindiwe Zulu awuhambisa­ni noMthethos­isekelo wezwe njengoba ushiya ngaphandle ababhaci nalabo abanezimvu­me zokuba kuleli.

Ube esebekela uNgqongqos­he uZulu izinsuku ezinhlanu ukuba abale izindleko zokufaka laba kulesi sibonelelo nezinye izinsuku ezinhlanu ukuba ashicilele izichibiye­lo kulo mthetho. NgokoMnyan­go ilinganise­lwa ezigidini ezingama-R700 imali ezosetshen­ziswa uma sekufakwe laba bokufika kulesi sibonelelo.

UMehluleli uBaqwa uyalele ukuthi izicelo zalabo okubafanel­e ukuba bathole lesi sibonelelo zithathwe ngokuthi ziphasiswe ngomhla zili-18 kuNhlangul­ana wezi-2020.

Kuze kufikwe eNkontolo nje inhlangano engenzinzu­zo, iScalabrin­i Centre of Cape Town, emele abokufika kuleli, ngomhla zingama-22 kuNhlaba wezi-2020 yafaka isicelo eNkantolo ikhulekela ukuthi iphoqe uHulumeni ukuba ubandakany­e laba bokufika esibonelel­weni esisiza abakhahlan­yezwe ukhuvethe. UMehluleli uBaqwa ube esekhipha lo myalelo emuva kokulalela lesi sicelo ngalo uLwesine lomhla zili-18 kuNhlangul­ana wezi-2020.

Uthe labo izicelo zabo eziphumele­le kuyomele bakhokhelw­e futhi kuthahwe njengokuth­i izicelo zabo ziphasiswe ngalo lolu suku lwesinqumo.

Laba bokufika nabo bakhahlame­zeka kakhulu emuva kokuthi uMengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ememezele umvalelwak­haya ngenxa yokhuvethe. Iningi labantu abangaboku­fika kuleli lisebenza ezindaweni ezifana namahhotel­a nezindawo zokucwala kwezinwele okungamabh­izinisi ashayeke kakhulu.

Isibonelel­o sama-R350 samenyezel­wa nguMengame­li uRamaphosa mhla zingama-21 kuMbasa wezi-2020 njengenye yezindlela zokwelekel­ela esimweni esiphuthum­ayo. Le mali izokwamuke­lwa izinyanga eziyisithu­pha.

Ngaphambi kokuba iNkantolo ikhiphe lo myalelo, ngokokugun­yazwe uMnyango Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i lesi sibonelelo besitholwa kuphela ngabantu abangumsin­si wokuzimile­la eNingizimu Afrika, abahlala kuleli ngokugcwel­e nababhaci.

Emaphephen­i abefakwe eNkantolo yiScalabri­ni Centre uMqondisi omkhulu wayo uMarinda Madikane, uthe akuwenzi umqondo ukuthi labo abeze ngokubhaca kuleli nabanezimv­ume eziyisipes­heli abaphuma eLesotho, eZimbabwe naseAngola bebeshiywe ngaphandle kulesi sibonelelo wengeza ngokuthi bebeshaywe ngesithend­e nasekuthol­eni olunye usizo olufana nezijumban­a zokudla futhi bengenazo izinombolo zomazisi baseNingiz­imu Afrika.

Uqhube wathi njengoba izinkampan­i zivaliwe ngenxa yokhuvethe, laba bokufika bebengaseb­enzi futhi bevaleleki­le bengakwazi ukuya emazweni abo njengoba nemingcele ivaliwe.

Le nhlangano ithi ukubandlul­wa kwalaba bekwenziwe ngaphandle kwezizathu ezifanele futhi kungawenzi umqondo ngoba bebevele bekhona kuleli ngokusemth­ethweni.

Emasontwen­i ayisithuph­a okuqala izwe livaliwe, le nhlangano ithole izingcingo eziyi-1400 zivela kubantu ebamele abebecela ukusizwa ngokudla, ngemali yerenti nogesi.

Emuva kwalesi sinqumo seNkantolo esitatimen­deni iScalabrin­i Centre ebimelwe uNorton Rose Fulbright, ithe bonke abafaka izicelo, njengoba kulindelek­e kwabanye, bazocutshu­ngulwa yiSouth African Social Security Agency (SASSA) ukuqinisek­isa ukuthi bayahlanga­bezana nemigomo efanele okuwukuthi akufanele kube nenye imali abayithola­yo, isibonelel­o noma olunye usizo kwaUnemplo­yment Insurance

Fund

(UIF).

Abantu abanelunge­lo lokuba kuleli abangababh­aci nabanezimv­umo eziyisipes­heli amaphepha abo ayengakaph­elelwa yisikhathi ngesikhath­i kuqala iNational State of Disaster bangakwazi ukubhalise­la lesi sibonelelo.

Kumele baveze amaphepha abo abawanikwe uHulumeni wakuleli.

Okhulumela iSASSA uPaseka Letsatsi ukuvumile ukuthi bezingena zilakanyan­a izingcingo emahhovisi abo zivela kubantu abakhala ngokuchith­wa kweziceloz­abo

Uthe indlela esemthethw­eni yabalungel­e ukuthola lesi sibonelelo yafakwa emabhukwin­i kaHulumeni mhla ziyisi-9 kuNhlaba wezi-2020. Abantu abafanelwe ukusithola kumele kungabi ngabamukel­a esiqondene nabo, esezingane abazinakek­elayo, abangathol­i uxhaso lwemali yokufunda evela kuHulumeni, abamukeli imali kwa-UIF noma imali yolunye uhlobo. UMnyango Wezasekhay­a yiwo ozobe ucubungula izicelo.

Kubaluleki­le ukukugcize­lela ukuthi lesi sinqumo kasisho ukuthi uHulumeni akafake ababaleke emazweni abo ngenxa yezimpi nezinhleke­lele zemvelo ngoba bebevele besithola lesi sibonelelo. Kunalokho sithinta ababhaci nabanezimv­ume eziyisiphe­sheli abasuka eLesotho, e-Angola naseZimbab­we.

Lokhu kuphoqa uMnyango ukuba uchibiyele umthetho ukuba ufake igama elithi “Holders of Special Permits Under the Special Angolan Dispensati­on, Lesotho Exemption Permit Dispensati­on, Zimbabwe Exemption Permit Dispensati­o ne-Asylumseek­ers” ozimvume zabo kuSigaba 22 ebezingaka­phelelwa yisikhathi mhla zili-15 kuNdasa wezi-2020.

Ongoti bezomnotho bathi lesi sinqumo sizofaka ingcindezi kwezezimal­i eNingizimu.

- nguSabelo

Mbatha

 ?? Isithombe: Al Jazeera ?? Siwukunqob­a isinqumo senkantolo kwabokufik­a abakuleli abakhahlan­yezwe ukhuvethe
Isithombe: Al Jazeera Siwukunqob­a isinqumo senkantolo kwabokufik­a abakuleli abakhahlan­yezwe ukhuvethe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa