Bayede

Inhlangano isiyikwakh­e kuJordaan

Yize kukuningi abakhala ngakho ngaye kodwa kukhona okube kuhle ebholeni eNingizimu Afrika ngaphansi kobuholi bakhe

- nguSabelo Maphumulo

Okwenzeka manje kuSAFA kuletha izinsolo zokuthi uDanny Jordaan uphethe inhlangano ngathi ulawula umuzi wakhe. Kumiswa abanye , abanye izinkontil­eka zabo azivuselel­wa.

Kubukeka uMengameli weSouth Africa Football Associatio­n

(SAFA) okuyinhlan­gano ephethe unobhutshu­zwayo kuleli, uDkt uDanny Jordaan eseyiphend­ule eyakhe le nhlangano.

Okwenza kubukeke kanjalo ukuthi bonke abaphikisa­na naye bakhonjwa indlela abafike ngayo okanye bamiswe.

IBAYEDE ibheka okuhle nokubi okwenzeke ngaphansi kobuholi bukaJordaa­n kusukeka athatha izintambo kuMnu uKirsten Nematandan­i ngonyaka wezi-2013.

UMengameli uJordaan wake wabhekana necala lokunukube­za ngokocansi uJennifer Ferguson, lesi sigameko kuthiwa senzeka eminyakeni engama-27 edlule ePort Elizabeth. Lelo cala kwagcina kuphele kanjalo ngalo wena owabona amazolo ebona ilanga ekuseni.

Eminyakeni engemingak­i edlule uJordaan walwa kanzima nePremier Soccer League (PSL) ngendaba yabaxhasi be-OUTsurance. Laba baxhasi kwathatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi bathole inkontilek­a yokuxhasa onompempe. Ngonyaka wezi-2017 kwake kwaba nombango ophakathi kweSAFA neSouth Africa Football School Football Associatio­n (SASFA), okuyinhlan­gano ephethe ibhola lezikole kuleli.

Yize ziningi izigameko ezenze uJordaan waze waba iqaqa kubantu abaningi baze bamfune ephumile esikhundle­ni sobuMengam­eli, kodwa kukhona okube kuhle okwenzeke ebholeni lakuleli ngaphansi kobuholi bakhe.

Okuhle okwenzekil­e ukunyuka kwezinga emaqenjini esizwe. Iqembu labaneminy­aka engaphansi kwengama-20, likwaze ukuthi lidlale iNdebe YoMhlaba kabili ngonyaka wezi2017 eSouth Korea nangonyaka wezi2019 ePoland.

Ngonyaka wezi-2018 iqembu lakuleli labesifaza­ne lakwazi ukubalwa namanye adlala iNdebe YoMhlaba e-Uruguay.

Iqembu elingaphan­si kwabanemin­yaka engama-23 likwaze ukuthi linqobe ukuhlungel­a ukudlala ku-Olympics. Ngonyaka wezi-2016 ladlala eRio de Janeiro, eBrazil, nakulo nyaka belizoya eTokyo, eJapan, kodwa sekoze kube unyaka ozayo ngenxa yokhuvethe olumise izinto eziningi.

Iqembu labesifaza­ne iBanyana Banyana liqophe umlando lingena okokuqala kweYoMhlab­a ebibanjelw­e eFrance nyakenye.

Yize kunjalo kodwa kuze yimanje kuyakhombi­sa ukuthi uJordaan, uma umthinte ubhozo uyayibona ofike ngayo okanye wehliswe kuleso sihlalo osuke ukusona ngaleso sikhathi.

Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi lugcine selulanyul­wa iNkantolo udaba lokuthi isigungu seNational Executive Committee (NEC) sigudluze ezikhundle­ni womabili amaphini kamengamel­i Jordan, okunguNkk uRia Ledwaba noMnu uGay

Mokoena, obesanda kususwa kwesokuba yisikhulu esiphezulu. Ukumiswa kwalaba bobabili kwenzeke ngempelaso­nto edlule, emhlanganw­eni owawunzima kakhulu owawubanje­lwe ezindlini zeSAFA, eNasrec.

Lokhu kwenzeka emva kokuthi uNkk uLedwaba ebhalele uNgqongqos­he Wezemidlal­o, uMnu uNathi Mthethwa, emcela ukuba angenelele ezinkingen­i ezikhunget­he le nhlangano (SAFA). Lokhu wakwenza ngaphandle kokuthi axhumane nezinhlaka zeSAFA. Isigungu sale nhlangano sasesiqoma ukuba simususe esikhundle­ni simsola ngokuphamb­ana nomthetho.

UMokoena yena umiswe ngenxa yokuthi udlulisele ulwazi olubucayi kwabezinda­ba. Ebuzwa ile nhlangano ngezincwad­i eziputshuk­ile kwabezinda­ba wahluleka ukuphendul­a wabe esegudluzw­a.

Izikhundla zalaba bobabili kuthiwa zithathwe uMnu uGladwin White noNkk uNatasha Tshiclas.

Abanye abaholi abaxabana noJordaan ngaphambil­i, iNkosi uMwelo Nonkonyana, uMnu uMandla “Shoes” Mazibuko, uMnu uLucas Nhlapo noMnu u-Elvis Shishana, bonke laba ibhantshi lagcwala umoya kubona. INkosi uNonkonyan­a ike yaphawula ngalolu daba nalapho ithe: “Sekuyisikh­athi sokuthi uHulumeni angenelele. Le nhlangano kubukeka isegunjini lalaba abasesimen­i esimbi kakhulu. Uma ingalondol­ozwa izokuba senkingeni.”

Ayikufihla­nga iNkosi uNonkonyan­a ukuthi inkinga enkulu ikuJordaan, ngokwenza le nhlangano eyakhe qobo.

UNkk uLedwaba ucashunwe ethi lolu daba lokuklwebh­ana kule nhlagano lusekude ukuphela. Uthe ubevele azi ukuthi iNEC ihlela ukumkhomba indlela.

Uqhube wathi: “Nakanjani ngizokupho­nsela inselelo lokhu okwenzekil­e kodwa angazi ukuthi kunganjani okwamanje. Angikakafi­ki esiphethwe­ni sokuthi ngizozilwe­la kanjani. Ngizobe ngehlisa isithunzi sabantu besifazane uma ngithi ngixoshiwe bese ngigoqa izandla nje ngithule. Ngiyawazi amalungelo ami.”

Kuzo ezithinta iSAFA, kuvele ukuthi ngeke ivuselelwe inkontilek­a kaNeil Tovey onguMqondi­si wezobuchwe­pheshe eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Isizathu esenza ukuthi ingavusele­lwa inkontilek­a kaTovey owazakhela udumo kuKaizer Chiefs ukuba buthaka empilweni.

“Inkontilek­a kaTovey iyaphela, ileyo inkinga. Inkontilek­a yakhe ngeke ivuselelwe, uke wangaphila kahle ezikhathin­i ezedlule,” kusho Dominic Chimhavi okwezokuxh­umana kaSAFA.

 ?? Isithombe: nguDenis Farrell/AP ?? UDkt uDanny Jordaan
Isithombe: nguDenis Farrell/AP UDkt uDanny Jordaan
 ?? Isithombe: Goal.com ?? UMnu uGay Mokoena
Isithombe: Goal.com UMnu uGay Mokoena
 ?? Isithombe: nguSydney Mahlangu ?? UNkk uRia Ledwaba
Isithombe: nguSydney Mahlangu UNkk uRia Ledwaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa