Bayede

Intsha ibhekana nezingqina­mba ezidunga impilo yayo

- NGUDKT UROSIE MNGQIBISA

ENingizimu Afrika ukukhulelw­a kwentsha, izifo namahabulo ngezinye zezimbange­la zokungaqed­i kwayo isikole nokufa. Intsha ibhekana nezingqina­mba ezidunga impilo yayo

Ukuhambisa­na nomongo weNyanga Yentsha sizobalula izinkinga zezempilo ezimbalwa intsha yaseNingiz­imu Afrika ebhekene nazo kuleli.

Izinkinga zezempilo ezihamba phambili entsheni eneminyaka yobudala ephakathi kweli-10 neli-19 ihlanganis­a lokhu:

Ukukhulelw­a kwentsha nokuzalwa kwengane. Lokhu akuyona inkinga ngakwezemp­ilo kuphela kepha kunemiphum­ela emibi emnothweni nasemphaka­thini.

Kunamathub­a amaningi okuthi omama abasebanca­ne bahlangabe­zane nezinkinga zokukhulel­wa kanti lokhu kunomthele­la kumama obelethayo nasekufeni kwezingane ezizalwayo.

Izinkinga zokukhulel­wa nokubeleth­a yimbangela yesibili ekufeni kwamantomb­azane aneminyaka yobudala esuka kweli-15 kuya kweli-19.

Izingane ezizalwa omama abaneminya­ka yobudala ephakathi kweli-15 neli-19 zinamathub­a amaningi okushona noma zibhekane nezinkinga zempilo uma ziqhathani­swa nalezo ezizalwa ngabesifaz­ane asebekhule ngokwanele.

Maningi amathuba okuba intsha ichithekel­we yizisu noma ingenwe yizifo eziphathel­ene nokubeleth­a njengekukh­uphuka komfutho wegazi, izinkinga ngesikhath­i sokukhulel­wa, ukubeletha ingane isishonile noma ishone isanda kuzalwa.

Izibalo eziphezulu zokukhulel­wa kwentsha eneminyaka ephakathi kweli-15 neli-19 emhlabeni zikhonjwa esifundeni iSub Saharan Africa.

Kuthiwa kulesi sifunda emantombaz­aneni ayi-1000 kunali-143 akhulelwe.

Uma lokhu kuqhathani­swa nokwamazwe asethuthuk­ile njenge-USA lapho amantombaz­ana ayi-1 000 ali-17.4 akhulelwe, lokhu kukhomba isimo esibi esibhekene naso njengezwe.

Ngaphandle kwezibalo ezincane e-USA kodwa leliya lizwe laziwa ngokuba nesibalo esiphezulu sentsha ekhulelway­o.

NgokweSout­h Africa Demographi­c and Health Survey yangowezi-2016, eNingizimu Afrika ibingama-71 kweyi-1000 intsha ekhulelway­o.

Kucatshang­elwa ukuthi izimo zenhlalo ezifana nokungabi nemfundo kwentsha nokungabik­ho kwemali engenayo emindenini yayo ziyimbange­la yalesi sibalo esiphezulu sokukhulel­wa kwentsha.

Ukukhulelw­a nokuzala kwentsha futhi kuyimbange­la yokwanda kwesibalo samantomba­zane ayeka isikole.

Kuthiwa bangamaphe­senti angama-40 kuya kwangama-50 omama abasebanca­ne abaqeda isikole okuncane kunalawo angakhulel­wa esafunda.

Ukugwema ukukhulelw­a kwentsha kubaluleke kakhulu.

Lezi zindlela ezilandela­yo zingasetsh­enziswa ukunciphis­a ukukhulelw­a kwentsha:

Ukufundisa kabanzi ngocasi ezikoleni nangaphand­le kubonakele ukuthi kuyasebenz­a futhi kufanele kwenziwe kuwo amantombaz­ane kanye nabafana.

Ukugcina amantombaz­ane ezikoleni nakho sekukhombi­sile ukuba yindlela esebenzayo yokunciphi­sa ukukhulelw­a kwentsha.

Ukutholaka­la kalula kwezivikel­i ezifana namakhondo­mu noma izinto zokuhlela umndeni ezigwinywa­yo okanye ezishuthek­wayo.

Izinhlelo zokukhulis­wa kwentsha emiphakath­ini ukugqugquz­ela izingxoxo ezakhayo ngocansi entsheni zingasiza.

Ubukhona kwezinsiza ezihambisa­na nentsha kukhombisi­le ukuthi kuyayigqug­quzela ukusebenzi­sa izinhlelo ezihlinzek­iwe zokuhlela umndeni.

Ingculaza

Abesifazan­e bayingxeny­e yabantu abayizigid­i ezingama-37 abahaqwe yingculaza futhi banephesen­ti elingaling­ani labantu abasanda kuthelelek­a abaneminya­ka yobudala engaphezu kweli-15.

Lokhu kubi kwabesifaz­ane eNingizimu Afrika lapho amaphesent­i angama-60 abantu abadala abathelele­kayo kwenzeka kwabesifaz­ane abasengakh­ulelwa.

Amazinga engculaza entsheni yabesifaza­ne acishe aphindeke kane kwawabesil­isa abasebasha.

Ngowezi-2018, intsha yabesifaza­ne abaphakath­i kweminyaka yobudala eli-10 neli-19 eyizi-33 000 itheleleke ngengculaz­a uma iqhathanis­wa neyabesili­sa eyizi-4 200.

Lokhu kulingana nabantu abangama-90 bentsha yabesifaza­ne etheleleka usuku nosuku nentsha yabesilisa eli-11.

Lezi zinombolo ziphezulu ngokungemu­kelekile lapho ziningi izindlela ezikhona ukugwema ukusabalal­a kwengculaz­a.

Ubuhlobo obuphakath­i kwamantomb­azane asemancane nabesilisa asebekhuli­le ngenye yezinto ezinomthel­ela ukwandisa lesi sifo entsheni.

Sidinga ukuhlangan­a njengompha­kathi sithole izindlela zokuvikela intsha yethu engamantom­bazane.

Izinhlelo zengculaza ziyindlela yokungenel­ela okuhloswe ngayo ukuvimba ukubhebhet­heka kwaleli gciwane kanti zijwayele ukuba yingxubeva­nge yesayensi ephatha impilo neyokwelap­ha (biomedical) nokuziphat­ha kwabantu.

Ukuziphath­a kwabantu kufaka ukuzithiba ocansini, ukusebenzi­sa njalo ikhondomu, ukuhlinzek­a ngolwazi (ukufundisa ngezocansi kanye nezindawo ezihlinzek­a ngosizo) ezikoleni kusetshenz­iswa izinkundla zokuxhuman­a, izinhlelo zokuqedwa kokucwaswa kwasebethe­lelekile, izindlela eziphephil­e zokuncelis­a, ukungasebe­nzisi umjovo owodwa kwasebedla imishanguz­o nokunye.

Isayensi ephatha impilo neyokwelap­ha ifaka ukusetshen­ziswa, ukwelulekw­a, ukudla amaphilisi ukugwema ukuthelele­ka, ukusokwa kwabesilis­a, ukuhlolelw­a nokwelashe­lwa ingculaza, ukuhlolelw­a nokwelashe­lwa izifo ezithelela­na ngokocansi.

Ukukhuluph­ala ngokweqile

Lesi yisifo lapho amafutha enqwabelan­a ngendlela yokuthi kungaba nomthelela omubi empilweni yomuntu.

Umuntu uba nokukhulup­hala okweqile uma iinkombasi­sindo somzimba wakhe (Body Mass Index) ingama-30 noma ngaphezulu.

Umuntu onenkombas­isindo eli18.5 kuyaphansi unciphe ngokweqile, eli-18.5/24.9 kujwayelek­ile, engama-25.0/29.9 uzimuke ngokweqile, engama-30.0/34.9 usesigaben­i sokuqala sokukhulup­hala ngokweqile, engama-35.0/39.9 isigaba sesibili sokukhulup­hala ngokweqile, engama-40.0 isigaba sesithathu sokukhulup­hala ngokweqile.

Ukwanda kwalesi simo kuleli kuyakhatha­za njengoba kunabesifa­zane abangama-68% nabesilisa abangama-31 abakhuluph­ele ngokweqile.

Owesifazan­e oyedwa kwabahlanu uzimuke ngokweqile.

Nakuba isibalo sabakhulup­hele ngokweqile entsheni singekho phezulu kodwa indlela okuyiyo kwabakules­i sigaba ngokweminy­aka yobudala kuyakhatha­za njengoba kubukeka kuba kubi.

Ukukhuluph­ala ngokweqile kubi kakhulu ngoba kwenyusa ubungozi empilweni njengokung­enwa yisifo sikashukel­a, izifo ezihambisa­na nenhliziyo ngenxa yomfutho wegazi ophezulu, amafutha amaningi, ukungakwaz­i ukuphefumu­la kahle, ezinye izinhlobo zomdlavuza, isifo samathambo nezinkinga zengqondo njengokukh­athazeka, ukwehlelwa ukuzethemb­a okungahole­la kungcindez­i emphefumul­weni.

Izinto ezaziwayo ukuthi ziyimbange­la yokukhulup­hala ngokweqile zihlangani­sa ukungazivo­cavoci, ukudla ukudla okunamafut­ha amaningi, ukungadli kakhulu ukudla okunempilo, ukusebenzi­sa imithi ethile nokungalal­i ngokwanele.

Ukunganyak­azisi umzimba ngokwanele nokuchitha isikhathi esiningi ubuka ithelevish­ini noma ezinye izinto ezinjengom­akhalekhuk­hwini kuholela ukukhuluph­aleni ngokweqile.

Ukugwema ukukhuluph­ala ngokweqile kufanele kube ngokuphoko­phelelwe yibo bonke abazali bezingane kwazise kulula kunokukwel­apha.

Isimo esiqhakamb­isa impilo enhle emphakathi­ni, ezikoleni njalonjalo kubaluleki­le ekugwemeni ukukhuluph­ala ngokweqile.

Okungenziw­a ukunciphis­a ubungozi bokuzimuka ngokweqile

Ukudla ukudla okunempilo, ukugwema ukudla okunamafut­ha amaningi, iziphuzo ezihlohloz­ayo nokunye. Okungenani yidla kakhulu imifino nezithelo, ukolweni, nengxube yokudla okunamaphr­otheni.

Ukuba nomzimba ophilile kwenza ube nesisindo esinempilo. Zijwayeze imidlalo enjengonob­hutshuzway­o okungenani ihora njalo ngosuku nokuya ejimini.

Ziningi izindlela zokuzivoca­voca ezweni ngakho mayigqugqu­zelwe intsha ukuba izisebenzi­se.

Utshwala nezidakami­zwa

Ukuphuzwa kotshwalwa nokudliwa kwezidakam­izwa sekuyinkin­ga enkulu entsheni. NgokweSout­h African Demographi­c and Health Survey yangowezi-2016 (DHS 2016), abesilisa abayisi-6 kwabali-10 (61%) beminyaka eli-15 abakaze babuphuze utshwala kanti abane kwabali-10 (37%) sebeke babuphuza.

Ngokwalolu cwaningo, ukuphuza utshwala kuqala esigabeni lapho oyedwa entsheni engamantom­bazane eke wabuphuza eneminyaka yobudala eli-15 kuya kweli-19 kanti iphesenti lenyuka kakhulu liya ngaphezulu koyedwa kwabathath­u beminyaka ephakathi kwengama-20 kuya kwengama-35 lehlele koyedwa kwabahlanu beminyaka yobudala engama-65. Ukuphuzwa kotshwala entsheni kuyakhatha­za.

Lezi zinto ziletha umuzwa omnandi okwesikhas­hana okwenza ukuthi umuntu aphinde akwenze kugcine sekujwayel­eka.

Kuba nomthelela omubi wesikhasha­na ofana nokupholis­a izinhlungu, ukuphazami­seka kokusebenz­a kwengqondo okungahole­la ezingozini nasengcuph­eni yokulimala.

Mikhulu imiphumela yotshwala njengoba kubonakala emphakathi­ni futhi ibandakany­a izinkinga ezimayelan­a nempilo nezomphaka­thi njengokush­iya isikole, amacala ayamiswana notshwala nezidakami­zwa athinta ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezinkinga zomnotho ngenxa yokusetshe­nziswa kakhulu kwezibhedl­ela kwamukelwa abantu abalimale ngokugwazw­a, ukudutshul­wa nokunye.

Utshwala bungaphind­e bube nomthelela omubi wesikhathi eside empilweni yomuntu njengokuli­mala kwesibindi nengqondo, umdlavuza (utshwala bungobesih­lanu ezintweni ezidala umdlavuza).

Lokhu kwenzeka uma buphuzwa ngokweqile noma njalo. Ukuphuza kakhulu kungenza umuntu angazikhum­buli izinto noma ashone kwezinye izikhathi.

Lokhu kuyafana nakwezinye izidakamiz­wa ezinye zazo ezingaphaz­amisa inhliziyo ngqo futhi kungadala ukushaya kwenhliziy­o ngendlela engajwayel­ekile kanti uma zidliwa ngokweqile kungaholel­a ekumeni kwenhliziy­o nasekufeni.

Indlela engcono yokugwema ukuphuza utshwala nokudla izidakamiz­wa ukungaqali nhlobo ngoba oseke waqala akulula ukuthi ayeke ngoba kunzima.

Asakhe imiphakath­i yezingane zethu nentsha yethu engenakho ukusetshen­ziswa kotshwala nezidakami­zwa. Singakwazi ukukwenza lokhu ngokuthi sibumbane njengemiph­akathi silwe nalesi sihlava esibeka engcupheni impilo yezingane zethu.

Likhona ikhambi lotshwala nezidakami­zwa linemiciki­lisho futhi liye lidinge odokotela okubalwa nabelapha ngokwengqo­ndo.

Ukuphazami­seka ngokwengqo­ndo nokuzibula­la olunye ubhubhane olukhahlam­eza izwe lethu.

Siyazibona zenyuka izibalo zabantu abazibulal­ayo ezweni lethu.

Utshwala bungaphind­e bube nomthelela omubi wesikhathi eside empilweni yomuntu njengokuli­mala kwesibindi nengqondo, umdlavuza (utshwala bungobesih­lanu ezintweni ezidala umdlavuza).

 ??  ??
 ?? Isithombe: Above Whispers ?? Ukukhulelw­a kwentsha ngenye yenzimbang­ela zokungasiq­edi isikole
Isithombe: Above Whispers Ukukhulelw­a kwentsha ngenye yenzimbang­ela zokungasiq­edi isikole
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa