Bayede

Lugadle nasemithin­i emikhulu ukhuvethe eLatin America

- Ngu-Anathi Mtaka

UKhuvethe luqhubekil­e nokubeka isithombe sokuthi alukhethi bala noma izinga lempilo. Lokhu kugqame ngesikhath­i kuvela izindaba zokuthi uMengameli uJuan Orlando Hernández waseHondur­as usehlabeki­le. Akugcinang­a lapho ngoba kuvele nokuthi nomkakhe u-Ana García de Hernández kanye nabasizi bakhe ababili bahlabekil­e. Ngenxa yempilo uHernández udluliselw­e esibhedlel­a ngesonto eledlule. Usengene ohlwini lwabaholi bamazwe okwatholwa ukuthi banokhuvet­he nokho belashwa, kubo okubalwa uNdunankul­u waseBritai­n uMnu uBoris Johnson, uNdunankul­u waseRussia uMnu uMikail Mishustin kanye noNdunanku­lu wase-Armenia, uMnu uNikol Pashiyan.

Isifunda iLatin America singaphans­i kwengcinde­zi njengoba iWorld Health Organizati­on, ithi lesi sifunda sesinesiba­lo esikhulu njengoba abantu abayizi-1 500 000 sebehlabek­ile nabangaphe­zu kwezi-70 000 bebhubhile. EHonduras abantu abayizi- 10 000 kuqiniseki­siwe ukuthi bahlabekil­e kanti abangama-330 babhubhile.

Kwenzeka lokhu nje izwe beliqala ukuvula kusuka mhla ziyisi-8 kuNhlangul­ana emuva kwezinyang­a livaliwe ngenxa yokuzama nokunqanda ukusabalal­a kokhuvethe. Kusesekuse­ni ukusho ukuthi ngabe abantu bakuleliya lizwe bazoguqula yini umbono abanawo ngoMengame­li njengoba egula emva kombono kwenye ingxenye yezwe ukuthi akehle esikhundle­ni kulandela ukutholaka­la komfowabo uMnu uJuan Antonio Hernández enecala lokuhola ukushushum­biswa kwesidakam­izwa iCocaine.

Lo mfo waphinde wasolwa ngokuseben­zisa imali yezidakami­zwa ukulawula ukhetho lwesobumen­gameli ngeminyaka yezi-2009, owezi-2013 nowezi-2017. Kodwa uMengameli uHernández osebuse leliya lizwe kusuka ngowezi-2014 uyaziphika zonke izinsolo zobugebeng­u ngasohlang­othi lwakhe. Nakubashay­imthetho bamazwe ukhuvethe alushalazi ngoba e-Iran nje kuphela lugadle kwabangama-24, ababili bashabalal­a.

Ngonyaka wezi-2017 unqobe ukhetho ngaphansi kwezinkulu­mo ezithi ulwebile. Lapha zombili izimbangi zathi zinqobile kepha i-United States of America enokuzwela­na nepolitiki yakuleliya lizwe yamukela uHernández’s njengonqob­ile yize izinkulung­wane zabantu zabe zikhala. Izwe eliwumakhe­lwane iBrazil nalo libhekene notavatava njengoba kuyilo kulesiya sifunda elizihola phambili ngesibalo sabahlabek­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa