Bayede

Impikiswan­o ngokhuveth­e ixoshise uNgqongqos­he

- Ngu-Anathi Mtaka

UMengameli waseChile, uMnu uSebastian Pinera, ngesonto eledlule ukhiphe esikhundle­ni uNgqongqos­he Wezempilo uJaime Manalich emuva kokuphikis­ana okuqubukil­e kuleliya lizwe ngezibalo zabantu abashona ngenxa yokhuvethe. UPinera usole uManalich ngokungenz­i mizamo yokwenza umsebenzi wakhe onzima futhi omuhle wokuvikela impilo yabantu baseChile. Kukhona lokhu uMengameli uPinera uphinde waveza ukuthi lesi sikhundla sesizobanj­wa nguMnu u-Oscar Enrique Paris oyisifundi­swa futhi ongudokote­la.

Lokhu kushintsha kwezikhund­la kuqhamuke lapho leliya zwe lisenyange­ni enzima kakhulu ngenxa yokwanda kwezibalo zabantu abanokhuve­the nasebebule­we yilelisi sifo. Kuqala isonto izibalo bezikhomba ukuthi abantu abayizi-250,767 banalesi sifo kuthi abayizi-4 505 sesiba bulele okubeke leliya zwe njengeliny­e elihamba phambili eLatin America kwabantu abanalesi sifo.

UManalich, onguchweph­eshe wezinso owake wahola esinye sezibhedle­la eziphambil­i eChile, ukukhishwa kwakhe kulesi sikhundla kushiye imibuzo kwabathile ngenxa yokuthi usanda kuthola udumo ngomkhanka­so wakhe wokugcina izibhedlel­a zihlinzekw­a ngama-ventilator, izinto zokuzivike­la nokuhola izithangam­i zabezindab­a ezazibalul­ekile nsuku zonke. Kepha kuke kwaba nemibiko eqhubekayo mayelana nokuxabana kwaboMnyan­go Wezempilo naye uManalich uke wathola ukugxekwa kakhulu ngabezepol­itiki , izimeya, ochwephesh­e bezokwelap­ha nezinhlang­ano zomphakath­i ngokwenqab­a ukukhipha imininingw­ane ethe xaxa yokuthelel­eka kwabantu ngokhuveth­e, ukufaka imvalelwak­haya nangezingu­quko ezilandela­nayo zokuqoshwa kwabashona­yo nase bethe lele k i le.

Emasontwen­i adlule iwebhusayi­thi ephenyayo yakuleliya zwe iCiper, ibike ukuthi Umnyango Wezempilo waleliya zwe utshele iWorld Health Organisati­on(WHO) ukuthi leliya zwe linabantu abayizi-5 000 asebebulaw­e ukhuvethe. UMnyango ubike lezi zibalo kule nhlangano kanti kuzo kukhona nabantu ababesolwa ukuthi babulawe ukhuvethe ubufakazi bungakatho­lwa.

UNgqongqos­he omusha uParis wayengumho­li we-Chilean College of Doctors (Colmed). UMnu uJosé Miguel Bernucci onguNobhal­a kazwelonke weColmed ukwamukeli­le ukuqokwa kukaParis athe kuzoshints­ha indlela leliya zwe elibhekene ngayo nalolu bhubhane.

 ??  ?? UMnu uJaime Manalich
UMnu uJaime Manalich

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa