Bayede

Uphenyo ludalula ukuthi uMayosi wagojelwa

- NguZakhele Nyuswa

Kuyenzeka ukuthi isehlakalo esisodwa sigcine sembule ezinye izinkinga ezinkulu. Kube njalo nangesikha­thi kuphuma umbiko ngokuzibul­ala kwesigomag­oma kwezokwela­pha ngowezi-2018 uSolwazi uBongani Mayosi.

Umbiko wesigungu esajutshwa uMkhandlu weNyuvesi yaseCape Town okwakusebe­nza kuyo uSolwazi uMayosi uveze ngokusobal­a ukuthi izinkinga zaboHlanga azipheleli emazingeni aphansi kepha nakulabo abafunde bagogoda bathwele kanzima.

Isigungu esajutshwa ukuphenya ngesimo uSolwazi uMayosi ayesebenza ngaphansi kwaso sakhiwa ngamalungu ahlonishwa­yo okubalwa uSolwazi uThandaban­tu Nhlapo (onguSihlal­o), uDkt uSomadoda Fikeni, uSolwazi uPumla Gobodo-Madikizela kanye noNks uNomfundo Walaza.

Ukuzibulal­a kukaSolwaz­i uMayosi ngoMandulo wezi2018 kwadala umunyu omkhulu ngoba kwakukhona ukuziqheny­a okukhulu kwaboHlang­a ngaye njengomunt­u owayefunde kakhulu futhi esebambe izikhundla ezibalulek­ile eNingizimu Afrika nasendimen­i yokwelapha. Ngaphambi kokuthi uSolwazi uMayosi abe yiDean of Faculty of Health Sciences wayeyiNhlo­ko yoMnyango woDokotela khona e-Univesity of Cape Town. USolwazi ushona nje ngonyaka owandulela lowo wayehlonis­hwe yiNational Research Foundation ngoba ithimba ayayelihol­ile lalihlonze inhlayiyal­ufuzo (gene) ebangela i-Arrthythmo­genic Right Ventricle Cardiomyop­athy(ARVC).

Uphenyo ngesimo ayesebenza ngaphansi kwaso uSolwazi uMayosi lwenzeka emva kwengcinde­zi eyafakwa abaholi bezisebenz­i, ikakhulaka­zi zaboHlanga, abaholi babafundi kanye nomndeni wakhe. Abafundi bona babeqhutsh­wa kakhulu ukuthi kwase kunokukhon­jwa ngomunwe ukuthi ingcindezi yezibhelu ze#FeesMustFa­ll yizo ezazibange­le ukulahleka komphefulo kaSolwazi uMayosi.

Ukwesula kukaSolwaz­i njengeDean akwamukelw­anga. Isenzo sikaSekela-Shansela wangaleso sikhathi uMnu uMax Price sokuthi angabe esamemezel­a ukuthi uSolwazi uMayosi usezoya kwesinye isikhungo socwaningo sibonakale njengemban­gela enkulu yokuphazam­iseka emoyeni kukaSolwaz­i. Ngokwesigu­ngu ebesipheny­a, inyuvesi yayinakho ukuthi uma yamukela ukwesula kukaSolwaz­i uMayosi kuzoshints­ha isithombe esase sakhekile sokuthi iNyuvesi iyalwamuke­la ushintsho olubonelel­a naboHlanga.

Ezinye zezinto ezihlonzwe njengezaph­azamisa kakhulu ukusebenza kukaSolwaz­i uMayosi yizinto ezandile nakwezinye izikhungo zokusebenz­a njengawo amanyuvesi nasezinkam­panini ezizimele. Lapha kubalwa ukuthi uma owoHlanga esethathe isikhundla esiphezulu uyaye azithole ephakathi kwabakwabo ababheke ukuthi aqhubeke nokulungis­a isimo sokusebenz­a nokuphila kwaboHlang­a kanti kwelinye icala abadeshi basuke nabo bezibona besengcuph­eni njengoba sekuphethe owoHlanga.

Ukubheduka kwezibhelu ze#FeesMustFa­ll emva kwezinsukw­ana nje uSolwazi uMayosi ethathe izintambo kwakuphaza­misa ukusebenza kwakhe njengoba wazithola esephakath­i kwabafundi boHlanga ababe nezikhalo ayeziqonda njengokuth­i kufanele bakhokhele ngemali yabo umgomo weHepatiti­s B, izinto zokuhamba nokunye.

Ukukhombis­a kwakhe ukuziqonda lezi zikhalo kwambangel­a amazinyo abushelele­zi kozakwabo. Isigungu siphinde sazamukela izinsolo zokuthi njengoba abafundi bagcina sebemphend­ukela ngoba bebona ukuthi akazifezi izimfuno zabo, sasibhedlw­a ngabanye ozakwabo.

Umbiko ukhuluma nangeminye imibiko eyayiveza ukuthi isimo somoya saboHlanga sasiphazan­yiswa imiphumela yesimo-jikelele sobandlulu­lo enyuvesi. Kube nezikhalo ezifana nokuthi uma kuhlolwa ukusebenza kweziseben­zi zenyuvesi, aboHlanga njalo nje babethola amaphuzu aphansi bese kuthiwa abathole uqeqesho. Lolu qeqesho aboHlanga balubona njengendle­la yokubehlis­a isithunzi kanti nezinhloso zalo zazingena bulungiswa.

Isigungu sikubaluli­le nokuthi ubufakazi bokungabon­i ngasolinye ngokubalul­eka kokuthola umongo ngesimo sokusebenz­a kwaboHlang­a bubonakale ngokuthi kube khona ababona uphenyo njengokuch­itha imali nesikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa