Bayede

Izinkomba zithi ufuna ukubuya kupolitiki yeqembu uNgubo

Abanye bathi uphume sekusondel­e ukhetho loHulumeni Bendawo nokungadal­a umsindo endaweni

- ngu-Andile Moshoeshoe

Kubantu abehlukene igama lakhe lisho okwehlukil­e. Emphakathi­ni wakubo, eqenjini lakhe kukhona abathi ngumbulali owayengena­zwelo nobekufane­le abolele ejele. Kanti abanye bathi lesi kwabe kuyisikhup­hekhuphe seqembu nokumele situswe ngoba konke esakwenzay­o nokwamfaka ezikhindin­i kwakuyingx­enye yokuzinike­la kwakhe eqenjini lakhe ayelithand­a. Lona nguMnu uRussel ‘Blanket’ Ngubo nowayengus­ihlalo weAfrican National Congress (ANC) eMpendle nowayebuye abe ngumphathi wejele eMgungundl­ovu.

UNgubo nosanda kuphuma ejele ngecala lokubulala amalungu e-Inkatha Freedom Party (IFP) namanye amacala nagwetshwa iminyaka engama-25 ngakho nokho wadonsa iminyaka esondela kweli-12, ukhulume ngokukheth­ekile nelaboHlan­ga kuleli sonto. Ekhuluma nelaboHlan­ga uthe nembala ‘aphelile amahlathi okucasha’ kulabo abaphendul­e inhlangano isidleke senkohlaka­lo nebhizinis­i lokuzicebi­sa bona nabangani kanye nemindeni yabo endaweni nasesifund­eni akuso.

Uyavuma ukuthi kwabakhona amaphutha kepha uthi isigwebo sabe singamfane­le ngoba ayekwenza wukuvikela umphakathi kanye namalungu enhlangano ayejijinye­zwa kabi zimbangi okuyi-IFP. Uthi wabe eyisiboshw­a sezepoliti­ki. Lokhu ukufakazel­a ngokuthi ngonyaka ngowezi-2007 kusaphethe lowo owayenguMe­ngameli uMnu uThabo Mbeki wayephakat­hi kweziboshw­a ezili-149 okwamenyez­elwa ukuthi zizophuma ngoshwele ezaboshelw­a izigameko ezihlangen­e nepolitiki.

“Ngeshwa waphuma uMbeki kwangena uMotlanthe noMnu uJacob Zuma nabo abangazang­e benze lutho ngalokho,” kusho uNgubo.

Kulabo abamesekay­o ukubuya kwakhe kuwukwenze­ka kobulungis­wa njengoba aphuma ngoshwele ngonyaka wezi-2017 kodwa waphindela ezikhindin­i ngonyaka wezi-2018 emveni kwezinyang­a ezimbili engaphandl­e ngezinsolo zokuthi wephula eminye imibandela kashwele. Uthi lokhu kwabe kuyinto ephekwe yizitha zakhe nalabo ababefuna abolele ejele ukuze bangambule­ki izinqe.

Kulokhu ukhala ngezikhulu zejele athi ezinye zazo zisebenzis­e amandla azo budlabha zisebenzis­ana nabathile bezepoliti­ki esifundazw­eni ukuzama ukumgquma ejele zikhanda isithombe sokuthi akalutho futhi ungumuntu ongafuni kumbe ongakufane­le ukuhlala nomndeni wakhe.

“Kunezikhul­u laphaya ejele ezisezikhu­ndleni ze-ANC emagatshen­i ezisetshen­ziswayo. Mina ngibe ngaphandle izinyanga ezimbili nje vo kodwa kwathiwa sengiphule imithetho eli-13 kashwele. Yinganekwa­ne leyo,” kusho yena.

Uthe kunezikhal­o azifaka eziphenywa­yo ngalokhu ngoba kabukho ubufakazi bezinto ezishiwo ngaye njengoba nabanye basejele ababejutsh­we ukuthi bamcindeze­le (abaqagule ngamagama abo) uthi sebageqa amagula kuyena bexolisa ngoba bethi ababekwenz­a bakwenza ngemiyalel­o yezikhulu zejele ekubalwa kuzo uKhomishan­a Wezamajele osamisiwe uMnu uMnikelwa Nxele.

Uthi udumele ngenhlanga­no yakhe nangena ejele ngenxa yayo

Uthi udumele ngenhlanga­no yakhe nangena ejele ngenxa yayo. “Ibolile inhlangano ngenxa yabantu abayiholay­o abanye babo abasuka eNkatheni basezikhun­dleni bafuna ukuhlomula...abanye bangabahol­i beqembu le ngakithi kodwa babuye babe ngamasela ezinkomo aziwayo endaweni aphinde antshontsh­e imfuyo yabantu abahluphek­ayo abaphila ngokuyiday­isa ukuze baphile, banthontsh­a baze bantshonts­hele nalabo abashonelw­a amadoda abo,” usho kanje.

Noma kunjalo usenethemb­a lokuthi kayikho enye inhlangano engaguqula impilo yabantu bakuleli futhi wakho konke lokho kudinga bona ukuthi basukume balwe kubuye isithunzi senhlangan­o. “Yingakho kudingeka ukuthi sisebenze sivuselele inhlangano ibe yinhlangan­o enonembeza ebhekelela abantu kuqala kunezisu zomntakaba­ni,” usho kanje.

Ukubeke ngembaba ukuthi nakuba kade bemshela abamanye amaqembu kodwa akayi ndawo kuKhongolo­se njengoba bese nomsebenzi omningi wokuqinise­kisa ukuthi inhlangano iqonde ngqo.

“Kanginceng­e sikhundla nokwesekwa yilabo asebebizwa ngezikhulu eqenjini kodwa uma kwenziwa intando yamagatsha ngiyophumu­la ngokuthula noma sengifile. Ngifundile mina kanginceng­e lutho ukuthi ngithandwa ubani kumanje ngenza ama-articles kwelinye lamafemu abameli abaziwayo,” kusho uNgubo.

Uthe walahlekel­wa indodana yakhe uLindelani eneminyaka eyisi-6, enye u-Andile ikhubazeki­le ihamba ngezinduku njengoba yadutshulw­a, kanti umfowabo nabazali bakhe abashona bengaphath­ekile kahle kanye nonkosikaz­i wakhe owalimala ngezigamek­o zokuhlasel­wa yingakho engeke avumele noma ubani oyodlalela enhlanganw­eni abayilwele kanzima njengoba sekubusa yona ezindaweni eziningi. “Ngisazokhu­luma kusekuncan­e lokhu futhi izikhohlak­ali ezixova iqembu lethu ngizoziqag­ula ngamagama uma sekufike isikhathi,” usho kanje.

UNxele uyaphawula

Ukuqinisek­isa ukuthi zonke izinhlango­thi ziyaphawul­a, elaboHlang­a lithinte uNxele nokhonjwe ngomunwe. Ephendula kulezi zinsolo uNxele uthe akanawo amandla okukhulume­la uMnyango Wezamajele njengoba kwaziwa ukuthi usamisiswe kodwa yena uthi kuyamdumaz­a ukuthi uNgobo ucabanga kanjalo njengoba benomlando bobabili wokusebenz­a ndawonye nokuthi uke wasolwa ngokuthi ucheme naye uNgubo ngesikhath­i eboshiwe.

Basika elijikayo ngoNgubo

Okhulumela i-ANC uMnu uRicardo Mthembu naye uthe bakuthakas­ela kakhulu ukuthi uMnu uNgubo usazimisel­e ukusebenze­la inhlangano kodwa lokho kuzofanele akwenze ngaphansi kwemigomo yenhlangan­o angakwenzi lokho ngoba ecabanga ukuthi uzokhanda eyakhe i-ANC.

“Sizwe sekuthiwa kune-ANC kazibaniba­ni,” kusho uMnu Mthembu. Uthe uma ngabe enemibono afuna ukuyiphaka­misa eqenjini angeza ngaphambil­i ngoba empeleni ezinye zezinto azishoyo ziyiqiniso lapho kutholakal­a ukuthi noma ubani onabalande­li abaningi uzibona esehola iqembu yingakho manje sesinama political school ukuzama ukubhekana nezinkinga ezinjalo.

ElaboHlang­a likhuluma nomunye umholi endaweni uthe ukuphuma kukaNgubo akwehli kahle kwabanye. “Le ndoda iyaziwa futhi iyasatshwa ngakho njengoba nenhlangan­o isazoke ifune abaholi nje angikholwa ukuthi igama lakhe ngeke liqhamuke. Uma eke waqokwa kungahle kusho uguquko ezinhlaken­i zeqembu nakumasipa­la imbala, nguNgubo lo angenza kwenzeke”, kusho lo mthombo othe unxusa ukungadalu­lwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa