Bayede

UMalema uthi uyanyundel­wa kweleVBS

- nguSabelo Mbatha

Emnyakazwe­ni obekusobal­a ukuthi uphunga izinkulumo, umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu uJulius Malema, ubize isithangam­i sabezindab­a nayilapho ebekhuluma kabanzi ngenkohlak­alo eyeyamanis­wa neqembu lakhe neVBS Bank.

Selokhu kwavela izindaba zenkohlaka­lo nezaholela ekutheni leli bhange liguqe nabantu balahlekel­we yimali ebalelwa esigidini amalungu athile eqembu kubandakan­ya naye uMalema kabasali. Lokhu sekuphendu­ke inxeba abanye abangena ngalo uma begadla kwabe-EFF. Okufike kulumele wukuthi le mali eyalahleka­yo ngeyabantu abahlwempu baseLimpop­o leli qembu elihlale lithi libamele. Abanye okuthiwa baluthwa ngomasipal­a abangama-20.

Ekhuluma nabezindab­a umholi we-EFF uveze ukuthi nembala wameluleka uMengameli uRamaphosa ukuthi akenze ngakho konke ukuba lihlengeke ibhange leli ngoba labe lingaboHla­nga futhi lihlinzeke­la bona emazingeni omphakathi. Lokhu uthi akazisoli ngakho.

“Esabe sikufuna wukuvikela isizwe sabaVenda ngokuqinis­ekisa ukuthi ibhange leli kalivalwa. Sathi bopha labo okuthiwa bebe imali, uthole imali eyebiwe ukhokhele abantu. Ngathi kuRamaphos­a uma ikhona indlela yokuhlenga ibhange akwenziwe imizamo,” kusho uMalema nothi ukunukwa kwakhe yingoba babemile ekutheni akuvikelwe into yaboHlanga.

Nokho abagxeki be-EFF bathi leli bhange labe liyinsengw­akazi nokwanede kwabonakal­a ukuthi umbele uyanqindwa bangahlali­seka kahle.

Basola ukuthi abe-EFF bayithola imali besebenzis­a umgudu oyinkampan­i iSgameka Projects, neyabe ishayelwa nguMnu uBrian Shivambu nokumnewab­o kaMnu uFloyd Shivambu olisekelel­a likaMalema.

Le nkampani kuthiwa yathola izigidi eziyisi-5 eyabe ingamatsho­ntsho ayevela kuVBS eyinika enye inkampani iMahuna Investment­s, nokuthiwa iphethwe ngumzala kaMalema.

NgoLwesith­athu oKlebe babophe abasolwa odabeni lweVBS nokulindel­we ukuba kulandela abanye maduze. Kubo akekho owe-EFF kanti negama likaMalema nesekela lakhe lalingekho embikweni wophenyo nokwenza uMalema ame ekutheni unindwa ngobubende inyama engayidlan­ga.

 ??  ?? UMnu uJulius Malema
UMnu uJulius Malema

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa