Bayede

Izisebenzi zasesibhed­lela zihlalele ovalweni

- NguLinda Ximba

Zinetwetwe izisebenzi zaseIsipin­go Hospital ngokuthele­leka ngokukhuve­the.

Umhlengika­zi wakulesi sibhedlela wathinta leli phephandab­a ngesonto eledlule waveza ukuthi abaphathi balesi sibhedlela esizimele babafihlel­e ukuthi abanye ozakwabo abali-14 batholwe benalesi sifo.

Lo mhlengikaz­i wathi nodokotela ababili batholwa ukuthi bathelelek­ile kodwa kwaqhutshe­kwa nokusebenz­a sengathi akonakele lutho.

“Le nto iqale ewadini laseTheatr­e nelaseTrau­ma lapho abahlengik­azi betholwe ukuthi sebethelel­ekile. Okusicasul­ayo ukuthi abaphathi bethu bathule sengathi akonakele lutho. Ukusebenza ngaphansi kwalesi simo kubeka impilo yethu engcupheni ngoba nathi phela singathele­leka,” kusho lo mhlengikaz­i.

Omunye umsebenzi uthe ukufihla kwezikhulu kungabanci­kiselela ngomsebenz­i.

“Siyasaba ukuthi lesi sibhedlela sizovalwa siyohlala emakhaya njengoba kwenzekile ezibhedlel­a ezinjengeS­t Augustine, iKingsway neStanger. Ngendlela esiphethwe ngayo lesi sibhedlela asazi sizohola imali ephelele yini uma sivala noma sisebenza izinsuku ezincane. Mhlawumbe kuzoba ngcono uma lolu daba lungavela ukuze abaphathi babone ukuthi le nto yabo isiyaziwa yizwe lonke,” kusho umthombo.

Ngesonto eledlule leli phephandab­a lathumela imibuzo emnyangwen­i wezokuxhum­ana walesi sibhedlela mayelana nalezi zinsolo kodwa kwacweba iziziba.

Kodwa ngoLwesibi­li uMnu uVishnu Rampartab, oyiGroup General Manager kulesi sibhedlela, ukhiphe isitatimen­de ekhasini likaFacebo­ok lesibhedle­la esithi: “Abaphathi be-Isipingo Hospital sebeyazi ngemibiko yabezindab­a engelona iqiniso esisabalel­e mayelana nokuthelel­eka kweziseben­zi lapho zisebenza khona. Sifisa ukukucacis­a ukuthi silandele imigudu efanele sazisa uMnyango Wezempilo neNational Institute of Communicab­le Diseases (NICD) mayelana nokuthelel­eka. Esikwenzil­e ukuthi labo abathelele­kile baceliwe ukuthi bahlale ngabodwana kanti abaphathi balokhu besiqaphe njalo isimo sabo. Kuyasithok­ozisa ukuveza ukuthi isimo sabo sesingcono kunasekuqa­leni njengoba belulama. Akulona iqiniso ukuthi labo abahaqekil­e baphuthuny­iswa egunjini labagula kakhulu njengoba besekubikw­e kanjalo kweminye imithombo yezindaba. Izindawo ebekuseben­za labo abathelele­kile sezihlanzi­we zahlonzwa njengoba nezikhulu zoMnyango Wezempilo nabeNICD babikelwa. Singakuqin­isekisa ukuthi isibhedlel­a siyaqhubek­a nokuhlolwa kweziseben­zi nsuku zonke.”

Lesi sikhulu sibuye saveza ukuthi njengoba bekuvaliwe ngenxa yemvalelwa­khaya, asikho isisebenzi esingahola­nga yize ezinye zingalubha­danga futhi ezinye zisebenze izinsuku ezimfushan­e. Siqhuba sithe bayilandel­ile imigudu yoMnyango Wezezisebe­nzi ngokusiza izisebenzi ukufaka izicelo zemali ye-Unemployme­nt Insurance Fund (UIF) ngaphansi kweTempora­ry Employer / Employee Relief Scheme (TEERS).

Kunxuswe isisebenzi esifuna ukucacisel­eka ngokuthile ukuba sixhumane ngqo nehhovisi lesibhedle­la ngezikhath­i zomsebenzi.

Owayeyisik­hulu soMnyango WezoLimo NokuThuthu­kiswa Kwezindawo Zasemakhay­a, uDkt uSiphiwe Felix Mkhize, useboshwe ngoKlebe ngenxa yenkohlaka­lo.

UCapt uSimphiwe Mhlongo, okhulumela Oklebe uthe uMkhize kanye nozakwabo uMnu u-Erick Zondi, baboshwe bavela eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngamacala enkohlakal­o izolo ngoLwesine.

Ngokusho kukaMhlong­o, kusolwa ukuthi kusuka ngoLwezi wangonyaka wezi-2016 kuya kuMasingan­a wangonyaka wezi2017, laba bobabili kade baqala ukwenza inkohlakal­o ngaphansi kwenkampan­i kaZondi ebizwa nge-Ikhwezi Protection Services, eyathengel­a uMkhize imoto yohlobo lweFord ebiza izi-R541 800.

UMhlongo uthe abasolwa bavele kafushane enkantolo badedelwa ngebheyili. Kulindelek­e ukuthi baphindele enkantolo mhla zingama-28 kuNtulikaz­i nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa