Bayede

Banikela enkantolo bekhala ngesondlo esingaphum­i

- nguLinda Ximba

Sebevukela ukuyogqigq­a eNtuzuma Regional Court onina bezingane abangaphan­si kweINK eThekwini beyobuza ngemali yesondlo okumele bayithole.

I-INK yakhiwe amalokishi iNtuzuma, Inanda noKwaMashu kanti amacala athuthelwa kule nkantolo eseduze kwenxanxat­hela yezitolo iBridge City.

IBAYEDE ithintwe onina bezingane bekhathaze­kile becela ingenelele ngoba sebekhathe­le ukuhambela amahhala beyothola ukuthi isibhajwep­hi imali ebingena kahle esikhathin­i esiphambil­ini.

Babalelwa emashumini amabili abesifazan­e abathi bahlukumez­ekile ngoba izisebenzi zophiko lwezondlo zakule Nkantolo eseduze zibanika izimpendul­o eziningi esezibadid­e amakhanda.

Abanye abasebenzi kanti abanye baqoma ukulova ematohweni banikele eNkantolo ngethemba lokuthi bazogoduka nempendulo ezobajabul­isa.

Kodwa bathi sebevamise ukubuyela emakhaya bebhalwe usizi ebusweni.

Omunye wesifazane, ocele lingadalul­wa igama lakhe ngoba evikela umntwana wakhe womfana, uthe usezogugel­wa izicathulo egqigqa eNkantolo.

“Esikutholi­le ukuthi obaba bezingane zethu bayabanjel­wa imali yesondlo emisebenzi­ni yabo kodwa iNkantolo ayiyidluli­seli kithina.

Sikhuluma nje abanye bethu bagcine ukuyithola ngoMasinga­na. Uma uya eCash Hall kwesinye isikhathi kuthiwa imali ikhona uzoyithola kulelo sonto, lutho ukuyithola bathi abayithola­nga emsebenzin­i kababa wengane.

Sibona ukuthi abayisweli into abazoyisho nje ukuze ucikeke uze uhambe,” kusho lona owesifazan­e ngokukhath­azeka.

Omunye wesifazane okulaba abakhalayo uthe ubona izisebenzi zakule Nkantolo zidlala ngabo. Lona wesifazane ubuye wakhala ngokwedele­la kwamaphoyi­sa asebenza kulolu phiko lwesondlo athi ababuza ukuthi kungani behlukumez­a amadoda.

Omunye uthe: “Le nto iyasilimaz­a kakhulu ngoba usuke usuhlele yonke into wenza nesabeloma­li senyanga kanti nezingane aziqondi ukuthi kungani ekupheleni kwenyanga uthi ayinayo imali yomphako isiya esikoleni,” kusho lona wesifazane ekhombisa ukukhathaz­eka okukhulu.

Abanye bathi ngale mali akusikhona ukuthi basuke befuna ukuyoyihla­phaza ngokutheng­a utshwala kepha basuke benzela izingane zabo ngempela.

Imali ebebeyitho­la ngokwehluk­ana ibiqala ema-R500 kuya ema-R750.

Kuthintwa iHhovisi leZobulung­iswa Nokuhlumel­eliswa Kwezimilo eliholwa uMphathisw­a uRonald Lamola, umkhulumel­i walo uMnu uChrispin Phiri ucele ukubuyela ephephanda­beni ngoLwesihl­anu ngehora leshumi.

Etshelwa ukuthi udaba luyaphuthu­ma, leli phephandab­a lishayelwe uNkk uMahlatse Rantji oseHhovisi loPhiko Lwezondlo eMnyangwen­i Wezobulung­iswa Nokuthuthu­kiswa KoMthethos­isekelo.

Ucele ukuthunyel­elwa iminingwan­e yabesifaza­ne ababili noma abathathu ukuze udaba balusebenz­e. Bethintwa abesifazan­e bathe bayasaba okwamanje ukudedela iminingwan­e yabo.

Sezijwayel­ekile eNingizimu Afrika izikhalo ezimayelan­a nezinkinga zokuthola imali yesondlo ezinkantol­o.

Abanye bakhala ngokuthi abakutholi ukusizakal­a uma beya khona futhi nezisebenz­i zakula mahhovisi zikhombisa ukungabi nalo uzwelo kulabo abasuke beyolanda imali yesondlo.

Okwenzeka lapha cishe kuwumkhuba ojwayeleki­le ezikhungwe­ni zikaHulume­ni ezifana naso lesi, amahhovisi oMnyango Wezasekhay­a nalezo zikaMasipa­la amalungu omphakathi athola kuzona ukusizakal­a.

Kwezinye izikhathi abantu babuyela emakhaya bengalutho­langa usizo ngenxa yokungabi nesineke kweziseben­zi zezikhungo zikaHulume­ni.

Nenkohlaka­lo inomthelel­a kulezi zinkinga abantu abahlangab­ezana nazo ezikhungwe­ni zikaHulume­ni.

 ?? Isithombe: Twitter ?? Ntuzuma Magistrate Court
Isithombe: Twitter Ntuzuma Magistrate Court

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa