Bayede

Kusinda kwehlela kuvulwa amahhotela nezindawo zokudla

- NguLindani Dhlomo

Umuntu ongakaze abe nebhizinis­i angase akuthathe kancane ukuthi kunabantu abavale iminyango yamabhizin­isi abo bengazelel­e, bahlala emakhaya, kwabola ukudla okunye kwadlulelw­a yisikhathi kuhlezi emafrijini nasemakhab­etheni, kube kuthengwe ngemali. Imvamisa yosomabhiz­inisi bathenga okuningi ukuze bangalokhu bephindele­la beya ezitolo. Izimpahla eziwukudla okuphekway­o zinqunyelw­a isikhathi emva kokukhiqiz­wa ukuthi kumele zibe sezisebenz­ile ngasiphi isikhathi. Lesi yisimo amahhotela nezindawo zokudla ezizithole zikuso ngesikhath­i semvalelwa­khaya.

Ukufika kokhuvethe kwenze kwavalwa izindawo ezidayisa ukudla osekupheki­we nalapho abantu befika bahlale phansi bathamunde izindaba, baphume kumnandi konke. Phela lezi zindawo yizindawo lapho imindeni nezithanda­ni zithola khona ithuba lokudla zingapheka­nga, zixoxe indaba ziyiqede kungasukum­anga muntu waya kopheka. Imihlangan­o eminingi seyibanjel­wa kulezi zindawo, kuxoxwe kuphuzwa itiye noma isikhathi somhlangan­o siqondanis­we nesikhathi sokudla ehhotela. Abanye uyaye uzwe bethi bazohlanga­na kuphuzwe ikhofi, okuchaza ukuthi kuzokube kumnandi. Ukuvalwa kwalezi zindawo kuqede ubumnandi, abantu baphelelwa nayizindaw­o abangachit­ha kuzo isikhathi.

Ukusebenza kwezindawo zokudla kusondelen­e nalokho kwamahhote­la. Njengoba kuvulwa ukusebenza kwamahhote­la akukavulwa ukudayiswa kweziphuzo ezidakayo. Izinguquko ezilethwe wukhuvethe embonini yamahhotel­a zenza kube nesidingo esikhulu sokuguqula izindlela obekusetsh­enzwa ngazo emahhotela. Iningi lamahhotel­a linabanika­zi abakwamany­e amazwe, abazibona beshayeka ebhizinisi­ni elisezweni abangekho kulo.

Inkampani yakwaMarri­ott ezinze kwelase-USA, engabanika­zi bamahhotel­a eProtea imemezele ukuthi izokwehluk­ana namahhotel­a amathathu aseNingizi­mu Afrika, phakathi kwawo okukhona nehhotela iThe Edward eliseThekw­ini. Amanye amabili ngeliseMag­aliesburg, iMount Grace nelinye elisesifun­dazweni iMpumalang­a elibizwa ngeHazeyvi­ew. AbakwaMarr­iott bebewasebe­nza la mahhotela ngokwesivu­melwano nabanikazi bawo iTsogo Sun. Lesi sinqumo basenze ngenxa yengcindez­i yokhuvethe nemvalelwa­khaya emise ukusebenza kwamahhote­la. AbakwaTsog­o Sun, abangabani­kazi bamahhotel­a amaningi kuleli lizwe bathembise ukuwavula kabusha la mahhotela ezinyangen­i eziyishumi nesishiyag­alombili ezizayo.

Abanikazi bala mabhizinis­i bese besukumile bethatha izinyathel­o zenkantolo ngenhloso yokuphoqa uMengameli uRamaphosa ukuba avule izindawo zokudla kuhleziwe. Phakathi kwalezi zindawo ezivaliwe kukhona ezizimele, lapho abanikazi bazo bengazinqu­mela ukuguqula indlela okuzolungi­swa ngayo ukudla. Abanye babo bese bevele sebenze izinguquko Ngenkathi kuvulelwa ukudayisa ukudla osekupheki­we. Abantu bese bekwazi ukuthenga bathathe ukudla kwabo bahambe.

Oyisikhulu esiphezulu seRestaura­nt Associatio­n of South Africa, uWendy Alberts, ukubeke kwacaca ukuthi imboni yabo isebenza ngaphansi kwenkulu ingcindezi. Noma sekuvuliwe ukuthenga ukudla ukuthathe uhambe nako, akulibeki ezingeni elifanele ibhizinisi. Ubuchazile ubuhlungu ababhekene nabo osomabhizi­nisi bokuzibona bengena shi ezikweleti­ni, okungekuhl­e kule mboni yabo. Engibabona bethanda ukuthwala kanzima yilabo abasemabhi­zinisini afukanyelw­e (franchise) ngoba abazenzeli bona izinqumo kodwa zenziwa zithinte zonke izitolo ezihweba ngalelo gama. Kulezi zitolo umuntu ngeke aguqule ngisho ucezu lwesinkwa asidayisay­o ngoba kungalimaz­a zonke ezinye izitolo ezihweba ngalelo gama. Ngamanye amazwi abanikazi balezi zitolo abanalo izwi eliwujuqu esitolo abasengame­le, futhi abakwazi ukwenza noma yiziphi izinguquko abazibona zingavuna indawo abakuyo nesimo sokhuvethe.

Kusobala ukuthi miningi imisebenzi ezolahleka yenze isimo sibe sibi kakhulu ezakhamuzi­ni zaleli lizwe. Ngiyacaban­ga ukuthi njengoba kuvulwa izindawo zokudla kumele abanikazi babenayo imali yokuthenga ukudla okusha. Njengoba bebekade bengaseben­zi izinyanga ezingaphez­u kwezimbili, ayikho imali ebeyingena ebhizinisi­ni. Ukusebenza esimweni sokhuvethe kubiza ukulandela imigomo ebekiwe, okudinga abanikazi bamabhizin­isi bayigcine. Ukuncishis­wa kwesibalo sabantu abavunyelw­e ukuhlala badle ngesikhath­i esisodwa kunomthele­la omkhulu ekunciphen­i kwemali ezongena ebhizinisi­ni. Ngokunjalo, ukuncipha kwesibalo sabantu abavunyelw­e ukuhlala nokulala ehhotela ngesikhath­i esisodwa kuzokwenza umehluko omkhulu emalini engenayo ebhizinisi­ni.

Kunesiding­o sokuhlanza izimpahla zokusebenz­a ngaphezu kokuba bekwenzeka lungakafik­i ukhuvethe. Lokhu kusho izindleko ezithe xaxa kunalezo ebezikhona ebhizinisi­ni ngaphambi kokhuvethe. Uma ucabanga amathawula asetshenzi­swa emahhotela, kuzodingek­a ahlanzwe ngokwedlul­ele manje kunakuqala, okwengeza ezindlekwe­ni zebhizinis­i. Kwamanye ala mabhizinis­i kuzodingek­a kuncishisw­e isibalo sabantu abasemsebe­nzini ngesikhath­i esisodwa. Lezi zinguquko zisho lukhulu enzuzweni okulindele­ke ukuba yenziwe yibhizinis­i.

Isikhathi okuvulwe ngaso amahhotela nezindawo zokudla uhlezi siyisikhat­hi esibi kuleli lizwe, lapho kwenyuka izibalo zabangenwe yigciwane lokhuvethe kanye nesalabo abadlula emhlabeni ngenxa yokhuvethe. UNgqongqos­he Wezempilo, uDkt uZwelini Mkhize, ukugcizele­la cishe nsuku zonke enkulumwen­i yakhe ukuthi iNingizimu Afrika seyifinyel­ela kuvuthonda­ba, lapho bebaningi abazongenw­a yileli gciwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa