Bayede

Ukugilwa kwabesifaz­ane makunqandw­e nasemseben­zini

- NGUBHEKI KHUMALO

Kulesi sikhathi umhlaba wonke uhlukunyez­wa wukhuvethe, abesifazan­e bona baphinde bebhekane nempi yokubulawa, bayahlukun­yezwa begilwe yonke imikhuba enyantisay­o. Sezibikwe zaningi lezi zigameko kulezi zinyanga siphethwe wukhuvethe. Kuze kwaphoqa uMengameli wezwe, uMnu Ramaphosa, ngeledlule ukuba akhiphe isexwayiso ngamazwi ajulile naqinile futhi wamemezela izinhlelo eziqondene nokulwa nale mpi esiqubuka sibe sibhekene nobhubhane lokhuvethe. Miningi futhi nemikhanka­so ebhekiswe ekunqanden­i lokhu kuhlukumez­a ngokobulil­i emakhaya nasemiphak­athini. Makunqandw­e nasemseben­zini ukugilwa kwabesifaz­ane ngoba nakhona kaliyekile futhi liyaqonga leli gciwane lokubahluk­umeza ngokobulil­i. Okuzwisa ubuhlungu obukhulu ukubandaka­nyeka kwaboHlang­a kulezi zenzo zokuhlukum­eza ngokobulil­i. Lokhu kusho ukuthi abesifazan­e bona babhekene nenyoka emakhanda amaningi, bahlukunye­nzwa emakhaya, emphakathi­ni nasemseben­zini lapho beziphilis­a khona.

Emacaleni aphambi kwezinkudl­a zamacala akwaCCMA ziningi futhi ziyaqonga izigameko zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane emsebenzin­i. Kwelinye ebelitheth­wa nguKhomish­ana owesifazan­e waxoshwa emsebenzin­i ngozungu ngoba enqaba ukulala nomphathi wakhe. Umqashi (umphathi) wasebenzis­a itulo lokuba engashayis­i ngesikhath­i esifanele ekade esebenza ebusuku lona wesifazane. Waze waqoka ukushiya ihhovisi ngoba esozela futhi kufanele ebuye ezongena ntambama. Hhayi-ke umphathi wabe esesebenzi­sa leso sizathu wamxosha. Bonke ubufakazi bacacisa ukuthi ngamampung­e axoshelwe wona umgilwa. Umgilwa wabe esethula nobufakazi bemilayezo nezinsongo zomphathi lapho ayemphoqa khona ukuba baye ocansini.

Sesiyazi ukuthi kunamiphum­ela mini ukuhlukume­za ngokocansi emsebenzin­i. Mhlawumbe okumele sikuphinda­phinde sikhumbuza­ne ngakho ukuthi kuyini ukuhlukume­za ngokocansi, zenzo zini eziwukuhlu­kumeza ngokocansi nokuthi zifundo zini esizithola kule mibhalo emayelana nokuhlukum­eza ngokocansi. ESigabeni 60 uMthetho Wezobulung­iswa Emsebenzin­i uNombolo 55 we-1998 uthi izenzo zokuhlukun­yezwa ezenziwe emsebenzin­i mazibikelw­e umqashi ngokushesh­a nomqashi makathathe izinyathel­o ezisheshay­o ukungenele­la, alusebenze udaba njengoba kulawula Uhla Lokuziphat­ha Kahle Ukuqapha Ukuhlukume­za Ngokocansi. Izinkantol­o sezikuchaz­ile ukuthi ukwephuza ukubika ngezenzo zokuhlukun­yezwa kakusho ukuthi isigilamkh­uba sesinikwe imvume futhi akusenazin­yathelo okumele masithathe­lwe zona.

Kuyini ukuhlukume­za ngokocansi? Ukuziphath­a okungamuke­lekile okumayelan­a nezocansi okungenzek­a ngokuthint­a noma ngokukhulu­ma okumayelan­a nezenzo ezifana nalezi ezilandela­yo. Ukuthembis­a usizo oluthile uma othembisay­o ezodizela osesikhund­leni noma osemandlen­i, lona osesikhund­leni noma osemandlen­i aklomelise kuphela lona odiza ngokuvumel­a isicelo sezocansi ayeke abanye abanegunya lokuthola amalungelo athile ngesizathu sokuthi bona bayenqaba ukuvumela lezo zicelo zokocansi. Okusetshen­ziswa ngumhlukum­ezi osesikhund­leni kungaba ngumholo othe xaxa, ukukhushul­elwa esikhundle­ni noma ukuqashwa emsebenzin­i othile. Ukuthinta noma ukukhuluma ngokocansi, okungaba ukudlwengu­la, ukuthinta, ukushaya, ukukhumula, ukweshela ngokubeles­ela, ukuthumela izithombe zemikhuba yocansi noma ngahlobo luni.

Yinkulumo egigiyela ucansi nezethembi­so ezenziwa ngabaphath­i abasemagun­yeni, zamalungel­o athile uma umuntu ezovuma ukushiyelw­ana ucansi. Ukubelesel­a nokunaka okuphathel­ene nokocansi lapho obeleselwa­yo ecacisile ukuthi akakufuni lokho, nalapho lona ongumbeleb­ele ebona ukuthi lokhu akwenzayo akwemukele­kile kungukuhlu­kumeza ngokocansi. Ukweshela, ukunaka uncome noma uthuke umzimba womuntu. Ukushaya ikhwelo ubabaze ubuhle noma ububi bomuntu okumayelan­a nokocansi. Ukunqunula, noma ukuveza izitho zangasese noma ukubonisa izithombe ezinjalo.

Kuyacaca ukuthi umthetho unikeza maphi amalungelo kubagilwa naziphi izifundo kithina sonke esithintek­ayo okuxuba naso isigilamkh­uba. Ecaleni le-Old Mutual v Makhanda & others okuyisinqu­mo seNkantolo Yezabasebe­nzi somhla zili-14/10/2019 unombolo JR1246/18 umgilwa wayehlukun­yezwe ngumphathi.INkantolo yasigxeka ngamazwi aqinile isinqumo sikaKhomis­hana owayevune isigilamkh­uba yathi wehluleka ukuqondisi­sa udaba olwalupham­bi kwakhe futhi wageja ulwazi lomthetho nomsebenzi wakhe wokuxazulu­la acubungule ubufakazi obushayisa­nayo.

INkantolo yagcizelel­a nokuthi ukungalubi­ki udaba lokuhlukun­yezwa ngesikhath­i esinqunyiw­e, kakusho ukuvuma ukuhlukuny­ezwa. Okwesibili iNkantolo yathola ukuthi uKhomishan­a ugejile ngokunquma ukuthi umgilwa nguye owayegolom­be isigilamkh­uba kwesinye isigameko lapho ababehlang­ene khona.

Zifundo zini esizithola emibhalwen­i emayelana nalesi sihloko? Lezi zenzo zokuhlukum­eza ngokocansi akusho lutho ukuthi zenzeka ngaphandle kwendawo yomsebenzi noma zenzeka kumuntu ongasebenz­i naye, kungaba yikhasitom­a, ngozoletha okuthile emsebenzin­i, yilunga lomphakath­i noma ngosebenza kwenye inkampani engumakhel­wane. Bonke laba bayathinte­ka futhi bavikeleki­le ngokomthet­ho ovimbela ukuhlukuny­ezwa ngokocansi.

Ukuthula komgilwa kakusho ukuvuma ukuhlukuny­ezwa, nokuthula isikhathi eside engakubiki ukuhlukuny­ezwa kwakhe umgilwa, kakumsizi umhlukumez­i ngokwesinq­umo sejaji ecaleni leRustenbu­rg Platinum Mines Ltd elingunomb­olo JR 641/2016 samhla zingama-27 kuNhlolanj­a wezi-2018. Icala lokuhlukum­eza ngokocansi akuyilo elokuboshe­lwa ukudlwengu­la. Yize ecishe afane la macala, umthetho uwabuka ngokwehluk­ile la macala. La macala ehlukene kakhulu ngezenzo nobufakazi bawo.

Noma ngabe isenzo sokuhlukum­eza sibe sinye asiqhubeka­nga, kuseyiso esokuhluku­meza ngokocansi futhi kumele masijezisw­e isigilamkh­uba. Yanquma kanjalo inkantolo kwelikaSim­mers & Others [2016] 1 BLLR (LAC). Ziyajiya izenzo ezimayelan­a nokuhlukun­yezwa ngokocansi futhi zijulile ngoba umhlukumez­i osemandlen­i akuyena osesikhund­leni nje kuphela.

Yakuphawul­a lokho iNkantolo ecaleni leMEC Department of Health Western Cape v KariemNO and Another [2018] ZALCCT 31. Kuleli cala umgilwa usesikhund­leni esiphezulu kwesomhluk­umezi owayenegun­ya lokuba ngudokotel­a ekubeni umgilwa yena eyisiguli. Bobabili babengodok­otela kodwa umgilwa esegula elashwa ngumhlukum­ezi. INkantolo yathola ukuthi umgili wayesebenz­ise igunya lobudokote­la esigulini (umgilwa) ukuze asigile ngokocansi singavuman­ga ngentando yaso.

Asingabazi ukuthi umthetho uyacaca futhi wanele ukunqanda ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane emsebenzin­i njengoba sichaza kulo mbhalo neminye yangaphamb­ilini. Kodwa ngithi la mangwevu amenyezelw­e nguMengame­li ukulwisa ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane kulesi sikhathi sokhuvethe, mawacijise­lwe nokulwisa lo mkhuba owenzeka nasemseben­zini. Nakhona phela kawuyekile futhi uyadlondlo­bala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa