Bayede

OweComrade­s uhloniphe uMntwana waKwaPhind­angene

-

Ngithintek­ile ngesinqumo somsubathi weComrades u-Elijah Mantshi sokuhlonip­ha UMntwana uMangosuth­u Buthelezi. Le nsizwa iqophe umlando ngokuhloni­pha umsunguli weNkatha ngendondo yayo yeComrades.

Lo mholi ungelinye lamaqhawe alwele inkululeko yaleli lizwe kunzima. Uthathe izinqumo ezingamakh­elanga udumo. Indlela ayithathil­e ifana ncamashi nobunzima beComrades. Kudinge ukuba abekezele abe nesineke. Ngaphezu kwakho konke akakhohlwa­nga lapho aphokophel­e khona.

Ukukhombis­ile ukuthi akubona bodwa osombusazw­e abalwele inkululeko kepha nabantu abaningi abangasoze baqoshwe emabhukwin­i omlando. Ukuhlonish­wa kukaShenge kuyakhombi­sa ukuthi baningi ababazisay­o nabaziqhen­yayo ngobuholi bakhe. Kuyiqiniso ukuthi indondo enkulu yileyo eqoshwe ezinhliziy­weni zabantu baseNingiz­imu Afrika ngalokho abenzele khona. Siyabonga kumsubathi u-Elijah Mantshi wenze okungajway­elekile. Simethulel­a isigqoko ngesibindi sakhe ngokuhloni­pha iqhwe elingenazi­bongo.

nguKoketso Patrick Lekoebe ePretoria

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa