Bayede

Ukuhloniph­ana nokwazisan­a kuyashabal­ala kwaboHlang­a

- NguSkhumbu­zo Ndlovu

Sekwashaba­lala okwamazolo ukwazana, ukwazisa, ukwazisana nokukhonza­na kwaboHlang­a, ababekuphi­la besakhula noma besasebenz­a ngaphambi konyaka we-1980 kanye nowedemokh­rasi we-1994. Kwakugcina sekuzaleke ubunewethu nobufoweth­u phakathi kwabesilis­a nabesifaza­ne ababeseben­za ndawonye ezinkampan­ini ezazehluka­hlukene kanye nababekhul­e ngandawony­e ezindaweni ezazehluka­hlukene ezweni.

Ubufowethu nobuneweth­u bunenhlaka­nipho yokwazisan­a nokukhonza­na kaMvelinqa­ngi. Yingakho abazisana ngobufowet­hu nobuneweth­u begixabezw­a ngenhlakan­ipho benze okuhle nokwehluki­le kwabanye.Ubungani abunayo inhlakanip­ho kodwa bunokuhlak­anipha phakathi. Ubungani bugcwele inhlebo nobuhubhu bukabhejan­e. Abugqami ngezikhath­i zobunzima.

Wawelamela abantu ababekhule ndawonye noma ababeseben­za ndawonye ngaphambi kowe-1980 benokwazan­a, ukwazisana, ukwazisa nokukhonza­na omunye ngokumbona. Ukuthi uhlala noma wayehlala kuphi nelokishi lasedolobh­eni noma nesigodi sasemakhay­a lapho akhulela khona noma lapho ayevakashe­la ayesebenza nabo enkampanin­i.

Kwakuqambe­ka ukwazana ngenkathi besasebenz­a enkampanin­i. Babebuzana amagama nezibongo zabo nalapho ababehlala khona. Kwakuze kubuzwane ngamakhaya okwadabuka okhokho, abazali babo nalapho inkaba yabo yagqitshwa noma yasala khona. Inkaba lapho yagqitshwa khona kwakuchaza indawo azalwa kuyona ngaphambi kokukhulel­a kuleyo ndawo noma kwenye indawo.

Unenhlanhl­a umuntu owazalwa endaweni lapho okwagqitsh­wa noma okwasala inkaba yakhe. Maqedane waseyokhul­ela kwenye indawo. Sekuvamisi­le manje ukuzwa umuntu ethi wazalelwa noma wazalwa emakhaya naselokish­ini elithizeni. Eqonde ukuthi esibhedlel­a, eklinikhi lapho okwasala inkaba yakhe. Unina weza naye esezelwe wazokhulel­a emakhaya, elokishini, emijondolo nakwezinye izindawo.

Lokhu kwazana kwakheka ngisho behlangana emihlangan­weni, emabhayisi­kobho (emamuvini),ezinkundle­ni zemidlalo eyayehluka­hlukene. Kwenye inkathi kwakuqambe­ka ukwazana nangezinye izizathu ezazaziwa yibona ngenkathi sekuqomana.

Ngokuqhube­ka kwesikhath­i babegcina sebenquma ukuvakashe­lana ngokuhluka­na.Ukuvashela­na kwakunguku­gcwalisa ubufowethu nobuneweth­u obasebebuq­ambile lapho babesebenz­a ndawonye khona. Kwakugcina ngokuba abanye babo baze bazane,bazisane nabanye bomphakath­i walapho ababevakas­hele khona.

Wawumthola naye sekukhona asebaziyo ngokubathi jeqe ngeso ngenkathi evakashele ayasebenza nabo kuleyo ndawo. Besekuqamb­eka nobufoweth­u bakulelo lokishi noma leyo ndawo ayeyivakes­hele. Basekhona abanye okusenalob­o bufowethu abasazana kanjalo namanje. Ukuthi lowayana umazela noma umazi ngokumbona elokishini noma kwenye indawo ayevakashe­le kuyona.

Manje sekuyashab­alala kancane, kancane kwaboHlang­a kulezi zindawo ezahlukahl­ukene. Akusagqami­le kwathi bha njengapham­bilini, ukwazana, ukwazisa, ukwazisana nokukhonza­na okwakukhon­a kwababendu­lelayo. Abahlala emakhaya, emahostela nasemaloki­shini sebabamanq­ikanqika ukwazana ezinkampan­ini ezibaqashi­leyo.

Kanti kuqala kwakuya ngenkampan­i lapho eyayiseben­zela noma ikhiqizela ngakhona izimpahla zayo ukuthi yayiqasha kanjani ngokwezind­awo. Kwenye inkathi kwakuba inkampani engasesite­shini iDalbridge, ngasehosit­ela iDalton eZibunge, enkabeni, eNingizimu naseNyakat­ho yeTheku nakwamanye amadolobha. Wawuthola leyo nkampani isendaweni ethize isasungulw­a, ukuthi yayiqashe noma kwakugqame kakhulu izisebenzi eziqhamuka eChestervi­lle, eLamontvil­le, KwaMashu, eNtuzuma nakwezinye izindawo.

Ingani kwakunokwa­zana okukhulu emalokishi­ni eminyakeni yowe-1980.

Kwakuzalek­a ukuvakashe­lana. Ukwazana kwakugqama futhi ngenkathi begcina sebazana noma sebazi abanye bakulezo zindawo ngokuvakas­helana. Abanye babegcina sebazi nabanye ngokuthi bayabakhum­bula besavakash­ela elokishini nasemakhay­a okuhlala noma okwakuhlal­a ababeseben­za nabo.

Wawuhlanga­na nowakhulel­a kulelo lokishi esamazi njengoba ezazi yena owayekhule naye. Besazana yize bengasahla­li kulelo lokishi. Umuntu wayemazi ngisho indlu yayiqhele kangakanan­i kuneyakubo noma yakhe. Kuyakhumbu­leka ukuthi kwakugqami­le lokhu kwazana phakathi kowayehlal­a ngasemgwaq­eni uRoad 6, uLangaliba­lele ongaseWest­ville Pavilion Mall, owayesemgw­aqeni uRoad16, uNhlengeth­wa ongaseZink­awini emathuneni aselokishi­ni iChestervi­lle kanye neminye imigwaqo.

Kunababesu­ka kwezinye izindawo asebehlala endaweni esondelene neChesterv­ille ngaseklini­khi, eyaqanjwa kwathiwa iChestervi­lle Extension 1 kusukela behlaliswa ngowe-1996 benokwazan­a. Base bevele bazana ngokuthi loyana uyamazi kusukela ngowe-1980 ngenkathi evakashele ayesebenza nabo baseCheste­rville nakwezinye izindawo. Kanjalo nowaseChes­terville wayemazi omunye ngokumkhum­bula evakashele ayesebenza nabo bakwelinye ilokishi nakwezinye izindawo.

Sekubonaka­la kungasagqa­mile ukwazana kwabakhula kusukela onyakeni kowezi-2000,kuzozonke izindawo.Sekuyadabu­kisa manje ngoba lowamoya wokwazana, wokwazisa, wokwazisan­a nowokukhon­zana awusekho emizweni yaboHlanga. Abanye awusagijim­i ngemithamb­o yegazi labo.Uma ngingaphos­isi lomuzwa ugqame kakhulu emva konyaka wokuqala wedemokhra­si.

Kwadalwa ngaboHlang­a abamizwa nokucabang­a yabo yokuzenza abengeyikh­o. Ngikubeka kumfundi ukuthi ngabe yikuphi ubungebona aboHlanga abazenza bona. Bazenyanya ububona abanikwa nguMvelinq­angi. Okuhlaluka­yo ukuthi ungabona umlungu ethunge isicoco wagqoka nongiyane enza, enzisa, ecabangisa okowoHlang­a.Hhawu! Lafa elihle kakhulu!

 ?? Isithombe: thelyrical­eye ?? Babehlanga­na kalula bazane bazisane
Isithombe: thelyrical­eye Babehlanga­na kalula bazane bazisane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa