Bayede

INkantolo yamazwe ayikhethi phela emasini igadla nase-USA

- NGUSENZO NGUBANE

Ngowezi-2015 kwaqubuka iqubula lomlilo elisabhebh­etheka nanamuhla mhlazane iNingizimu Afrika ithatha isinqumo sokuthi angeke inikele ngo wayengu Me n g ame l i waseSudan, uMnu Al-Bashir, ku-Internatio­nal Crimimal Court (ICC). Ngalowo nyaka, leli lizwe lazithola liyiqaqa kwabaningi abaligxeka ngokuthi alisalande­li inqubo eyaqalwa uMadiba yokugqamis­a amalungelo abantu kwezobudle­lwano namanye amazwe. Leli qubula lasingatha neBurundi mhlazane ilandela isiphakami­so se-African Union (AU) sokuthi amazwe ase-Afrika, uma efisa angahoxa ku-ICC, ngenxa yokuchema kwayo ngokugxila kakhulu ekuphenyen­i awase-Afrika. Lezi zinyathelo zamazwe amabili ase-Afrika zingezinye ezadala ukuthi awase nyakatho, izinhlanga­no ezizimele ezithi zilwela amalungelo abantu na b amaphephan­daba, bame ekutheni izwekazi aliyishayi ndiva eyokuhloni­pha izinhlaka nezinhlang­ano ezimiselwe ukwakha ubulungisw­a emhlabeni jikelele.

Sinesiqini­seko sokuthi laba esesibabal­ile bashaywe engeqiwa ntwala mhla zili-11 kwephezulu ngenkathi i-United States of America (USA) igadla kwephukela ku-ICC. UMengameli uDonald Trump usayine umthetho wokunswiny­a i-ICC kanye nabaholi bayo. Emehlweni kaTrump, ‘icala’ le-ICC nabaholi bayo ukuthi le nkundla isithathe isinqumo sokuqhubek­a nokuphenya abase-USA okuthiwa bayasoleka ezenzweni zokuhlukum­eza amalungelo abantu ezimpini zombango e-Afghanista­n nase-Iraq. I-USA kubonakala sengathi iphinde yacanulwa ukuthi i-ICC, isiqale ukuphenya i-Israel ngezigamek­o zokuhlasel­a ePalestine okuthiwa ezinye zazo ziphambene nobulungis­wa. UTrump usebenzise amandla obuMengame­li awanikwa uMthethosi­seleko wase-USA, wasayina isinqumo esingenaku­phikiswa sokunswiny­a labo abayingxen­ye ye-ICC ababandane­kayo ezinyathel­weni zale Nkantolo zokuphenya i-USA. Edalula lesi sinqumo uTrump uthe izinyathel­o ze-ICC “azejwayele­kile neze futhi zibeka engcupheni ukuphepha kwezwe nenqubomgo­mo yezangapha­ndle yeUSA”. Ngakho-ke, lesi sinqumo sithi izisebenzi ze-ICC, imindeni nezi izihlobo zazo, ozakwabo nanoma ngubani onesandla ophenyweni lwabaloswa baseUSA ngabakwenz­a ezimpini zaseAfghan­istan nezinye, angeke besakwazi ukungena noma ukuhambela e-USA. Siphinde sithi uma kukhona impahla nemali yabo egodlwe amabhange ase-USA, abasenamvu­me yokuthi bayisebenz­ise. Ngamafuphi, lesi sinqumo siphonsa inselelo kuICC, kukuyo ukuthi ifuna ukuqhubeka nophenyo kodwa olungeke luye ndawo noma iyahoxa ngoba isiqhwaga sesigadlil­e. Kuzo zonke izinqumo nezinyathe­lo esezike zathathwa amazwe ahlukene nge-ICC, asikho esedlula lesi. Okuxakayo ukuthi i-USA iyingxenye yamazwe angamalung­u e-United Nations Security Council (UNSC) athatha isinqumo sokuthi oka-Al-Bashir ashushiswe kepha uma imikhonto isibhekisw­e ngakuyo, sekugaya ngomunye umhlathi. Uma lokhu kungebona ubuxoki, asivumelan­e ukuthi akekho owaziyo ukuthi kanti ubuxoki buyini. Ake senabe ngokuthi kungani isinqumo esathathwa yiNingizim­u Afrika sasingapha­mbene neze nenqubomgo­mo elawula i-ICC futhi kwakungeso­na esasikhomb­isa ukuthi leli lizwe aliyihloni­pi le Nkantolo. I-ICC ilawulwa uhlu lomthetho obizwa ngeRome Statute, onezigaba ezahlukene ezichaza indlela le Nkantolo okumele isebenze ngayo kanye nemigudu okumele iyilandele uma yenza umsebenzi wayo, okungaba ukuphenya abasolwa noma ukubashush­isa. Ukuze siveze ukuchema kwale Nkantolo, sizogxila kwezimbili kuphela. Esokuqala, iSigaba 98 esichaza kabanzi ngezinyath­elo nokucophel­ela i-ICC okumele ikwenze uma iphethe udaba olufaka umsolwa onamalunge­lo athize, okufana nongumenga­meli wezwe. Ingxenye yalesi Sigaba 98 (1) ithi: “INkantolo angeke ikwazi ukuqhubeka nokufaka isicelo sosizo lokuthi ilungu le-ICC linikezele ngomsolwa obuya kwelinye izwe, uma lelo lizwe elicelwayo lizobe liphula izibopho nemigomo emisiwe ngaphansi komthetho wamazwe omhlaba, ngaphandle uma iNkantolo isithole imvume noma ibambisene nezwe umsolwa asuka kulo.” Ngamanye amazwi, nalapho akusho thina kusho wona uMthetho olawula ukusebenza kwe-ICC, iRome Statute, ngaphambi kokuba le Nkantolo ithathe isinqumo ‘sokuhlamba­laza’ iNingizimu Afrika ngokuthi ayibophe u-Al-Bashir, kwakumele kube yiyo eqala eSudan kwelika Al-Bashir nalapho kwakumele ithole imvume yokuthi iNingizimu Afrika ingawephul­a umthetho okhona wamazwe mayelana nokuhlonis­hwa komengamel­i ngokuthi imunikele ku-ICC. Le Nkantolo ayikwenzan­ga lokho ngakho-ke, kwaxaka ukuthi lo mlilo owaqubukel­a iNingizimu Afrika wawungabhe­kiswa ngani kule Nkantolo ngoba yiyo eyehluleka ukulandela imgomo yayo. IRome Statute iphinde ibe neSigaba 97 esithi: “Ilungu le-ICC, linemvume yokufaka isicelo sokubonisa­na ne-ICC uma libona ukuthi isicelo seNkantolo sokuthi sibophe umsolwa wakwelinye izwe futhi onamalunge­lo athize ngaphansi komthetho wamazwe omhlaba, angeke likwazi ukusifeza.” Ubuhlakani bokufaka lesi Sigaba kuRome Statute busukela olwazini lokuthi kukhona imicikilis­ho nemithetho ethize kubudlelwa­no bamazwe elawula ukuthi labo abangomeng­ameli kumele baphathwe kanjani uma behambele amanye amazwe. Lapha kungabalwa uhlu lwemitheth­o elibizwa ngeVienna Convention on Diplomatic Immunity yowe-1961. Ngolwazi esinalo lesi sicelo safakwa yiNingizim­u Afrika ngaphambi kokuba u-Al-Bashir ahambele leli lizwe ngowezi-2015 kodwa sashaywa ndiva. Noma i-ICC yehluleka ukuthi ibonisane neNingizim­u Afrika leli lizwe alizange lithathe isinqumo sokuhlamba­laza le Nkantolo njengoba i-USA seyenzile kepha asiboni mlilo uqubukela elase-USA njengoba kwenzeka kwelaseNin­gizimu Afrika.

Okwenziwe uTrump kumele kube yisifundo kulabo abasheshe bagxeke izinqumo ezithathwa amazwe ase-Afrika ukuthi ngesinye isikhathi azenziwa ngoba ingekho intshiseke­lo yokuvikiel­a amalungelo abantu. Kepha zike zithathwe ngoba kwaziwa ukuthi yipolitiki, hhayi ubulungisw­a, ehamba phambili kweyobudle­lwano kumazwe omhlaba. Lesi sinqumo se-USA siphinde sivuselele ukubalulek­a kokulwela ukuguqula indlela izinhlanga­no ezifana ne-United Nations (UN) nezinhlaka zayo ezisebenza ngayo. Ngoba, noma ngabe i-USA isithathe isinqumo esifana nalesi, isanawo amandla ngaphansi kwe-UNSC okwenza izinqumo ezithinta amanye amazwe kodwa ibe ishaya phansi ngonyawo ukuthi alikho izwe noma izinhlaka ze-UN eyozivumel­a ukuthi zinqumele noma zigxambuke­le kweziphath­a i-USA.

UMnu uSenzo Ngubane, unguGenera­l Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlan­gano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi iAfrika.

 ?? Izithombe: nguPeter Dejong ?? IkoMkhulu le-Internatio­nal Criminal Court, iThe Hague, eNetherlan­ds
Izithombe: nguPeter Dejong IkoMkhulu le-Internatio­nal Criminal Court, iThe Hague, eNetherlan­ds
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa