Bayede

Intsha yanamuhla ayibhekane nezinselel­o zamanje

- NGUSABELO MBATHA

Sekuphele iminyaka engama-44 kwenzeka isigameko esaduma umhlaba wonke eSoweto, eGoli, lapho intsha eyayibhiki­shela ukufundisw­a ngesiBhunu ezikoleni, okwakuyint­o eyayiyifun­zwa ngenkani nguHulumen­i wobandlulu­lo, elinganise­lwa kwengama-176 (kodwa okuhlawumb­iselwa ukuthi lesi sibalo safinyelel­a kuma-700) yadutshulw­a yabulawa ngamaphoyi­sa kwathi ebalelwa ezi-4 000 yalimala.

Kulo mbhikisho wabafundi okwagqama ukuthi intsha yangaleso sikhathi yasukuma ibumbene eyesilisa neyesifaza­ne yalwela ilungelo layo. Leli gazi elaphalala laholela ekutheni umhlaba wonke ubone isihluku sikaHulume­ni wobandlulu­lo owawupheth­e ngaso aboHlanga.

Akuzange kube khona ukwahlukan­iswa kwentsha ngokobulil­i kanjalo nawo amaphoyisa obandlulul­o ngesikhath­i evulela inhlamvu kawazange akhethe bulili.

Kule nyanga uNhlangula­na ephethwa ngesonto elizayo iNingizimu Afrika ibibungaza intsha kusukela kulesi sigameko samhla zili-16 kuNhlangul­ana we-1976.

Intsha yakuleli, eyesilisa neyesifaza­ne, bekufanele ukuba igubha le nyanga ebaluleke kakhulu kuyo ngokuthi ibambisane ukulwa nezinselel­o ebhekene nazo okuwukunga­sebenzi, ububha nezifo ezinhlobon­hlobo.

Lesi sikhathi sifike lapho umhlaba wonke ugubuzelwe wubhubhane ukhuvethe. Ngakho-ke bekulindel­eke futhi ukuthi intsha isebenzise leli thuba ukufakana imilomo ukuze iqhamuke nezindlela zokugwema ukuthi leli gciwane lingabhebh­etheki.

Kunalokho kubonakale okunye, kubulawa abantu besifazane ngesihluku esimangali­sayo.

Okuqaphele­kile ukuthi iningi lababulewe kube yintsha ebulelwe kanti abasolwa ngokwenza lokhu yiyo futhi intsha.

Noma kungacaci ukuthi lezi yizenzo zobugebeng­u noma okunye, kepha okuvelile ukuthi abenzi bokubi ngabantu abasondele­ne nezisulu okungaba ngabantu abebebambi­sene nazo kwezothand­o.

Kuyo le nyanga umzimba owawunaman­xeba okugwazwa kaTshegofa­tso Pule owayenezin­yanga eziyisi-8 ekhulelwe watholwa ulenga esihlahlen­i esisehlath­ini eRoodepoor­t eGoli. Esinye isidumbu sowesifaza­ne sitholwe silahlwe ngaphansi kwesihlahl­a eDobsonvil­le khona eGoli. KwaZuluNat­al nase-Eastern Cape nakhona kutholwe izidumbu zabesifaza­ne zilahlwe esigangeni.

Izigameko ezifuze lezi singazibal­a kuze kushone ilanga. Kungani intsha yanamuhla yehluleka ukuhloniph­ana njengoba kwenza eyaseSowet­o eyabhikish­a ihuba ihubo elilodwa?

UMama uBusisiwe Shabangu waseSoweto owayeyingx­enye yalo mbhikisho phambilini uke wakuveza ukuthi babebaning­i abesifazan­e ababamba iqhaza kulo mbhikisho.

Uthi abesifazan­e ababe khona baklama indima enkulu empumelelw­eni yawo kangangoku­thi kwezinye izikhathi babevikela ozakwabo besilisa ngezikhath­i zemihlanga­no kulungisel­elwa lolu suku. Uveza ukuthi abesilisa babeba ngaphakath­i emhlanganw­eni kuthi abanye besifazane bahlale ngaphandle okuyothi uma kukhona okwenzekay­o okungaphaz­amisa babaqwashi­se ngokushesh­a.

Ukhumbula kahle ukuthi kwakungekh­o ukwahlukan­a phakathi kwabafana namantomba­zane futhi babehlonip­hana.

Uma ubuka isithombe esaduma umhlaba wonke esathathwa umthwebuli, uMnu uSam Nzima, kusona okubonakal­a uMbuyisa Makhubo ethwele umzimba kaHector Pieterson owayedutsh­ulwe ngamaphoyi­sa ngosuku lombhikish­o waseSoweto, eceleni kukaMbuyis­a kuvela owesifazan­e u-Antionnett­e Sithole owayekhala naye owayeyingx­enye yombhikish­o. Okucaca ngalona wesifazane ukuthi ukuba wayenawo amandla wayezozifi­kela mathupha emaphoyise­ni ayedubule uPieterson ngenxa yokuthi owesilisa nowesifaza­ne kwakuyinto eyodwa nehlonipha­nayo kubona.

Pho-ke kuvelaphi lokhu kungahloni­shwa kwentsha yabesifaza­ne ngalolu hlobo okwenziwa ngeyesilis­a okufanele engabe iyabavikel­a?

Njengokuba­luleka kwabesifaz­ane emzabalazw­eni wangowe-1976, namanje basabalule­kile emzabalazw­eni wokulwa nezinselel­o ezibhekene nentsha yanamuhla.

Imvamisa yezisulu zalokhu ngabesifaz­ane abasezikhu­ngweni zemfundo ephakeme okulindele­ke ukuba imfundo yabo iklame indima enkulu ekuthuthuk­iseni iNingizimu Afrika. Yibo laba besifazane okubhekwe ukuthi babambe iqhaza ekubuyisel­eni umnotho wezwe esimweni esihle, yibo okubhekwe ukuthi ngemfundo yabo baqhamuke namakhambi okulwa nezifo ezifana nengculaza nalo ukhuvethe. Mancane amathemba okuthi lokhu kusengenze­ka njengoba kuhlasele isihlava sokungahlo­nishwa kwelungelo lomuntu wesifazane lokuphila.

Engabe lona ikhwelo elihlatshw­e nguMengame­li wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, ukuba izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika ziliqede leli siko lokuthula uma kunezigame­ko zodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nokubikwa kwezigilam­khuba emaphoyise­ni liyezwakal­a yini?

Ngaphezu kwale nkinga okukhalwa ngayo ebekene nentsha yanamuhla, kusekhona enkulu okubukeka isho ukuyisoboz­ela okuwutshwa­la nezidakami­zwa. Intsha eningi yanamhlanj­e ihlaselwe yilesi sihlava esibi okuthi noma kuneminyak­azo yokulwela amalungelo ayo singene siyidunge. Umthelela ongemuhle wophuzo oludakayo uhlezi ubonakala uma kunemibhik­isho ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme lapho kuye kube nezigameko ezifana nokushiswa kwezakhiwo nezimoto okungaqond­akali ukuthi kusuke sekwenziwe­lani ngoba indlela enhle neyamukele­kile yokwedluli­sa izikhalo ukuxoxisan­a kuboniswan­e.

Omunye wabaholi bombhikish­o waseSoweto ngowe-1976, uTsietsi Mashinini, kwathi sebebheke lapho okwakuzosu­kela khona umbhikisho amaphoyisa ebavimba wema phambi kwabafundi wabaluleka ukuba bamashe ngokuthula futhi bangawachu­kuluzi amaphoyisa, nangempela bamlalela.

Ukuziphath­a kwentsha yangalesiy­a sikhathi kukhombisa ukuthi yayingeke ihlukumeze iphinde ibulale ozwakabo besifazane ngesihluku esesisibon­a kulesi sikhathi sethu.

 ?? Isithombe: socialista­ction.org ?? Intsha yesifazane yaba neqhaza elikhulu embhikishw­eni wabafundi eSoweto
Isithombe: socialista­ction.org Intsha yesifazane yaba neqhaza elikhulu embhikishw­eni wabafundi eSoweto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa