Bayede

Umkhonto ulolwe maqedane wagwaza ekhaya kithina boHlanga

- USOLWAZI UV.V.O. MKHIZE UBhedlinda­ba “VVO” KaLuPhuzi Mkhize nguMengame­li/Umsunguli wo: Umsamo Institute/Isigodlo SaseMlambo­munye

Ngangithi sinamamga isalukazi engahlanga­na naso zizine kuMfumfu emva nje kancane kokhetho lowe-1994 sithi, “Mntanami ngiyakutsh­ela niyozisola, inina enosho kuqala nithi kwakungcon­o eGibhithe”. Akekho owasinaka lesi salukazi emakhaya eMpendle nami engangizid­lulela kodwa engathi uma sengilande­la bathi abangakhon­a sasiyisang­oma esasibhula siqanda ikhanda sibhula ngohlobo lwa‘balozi’. Awuphelang­a lowo nyaka ngoba sashona, njengalokh­u sasesiziph­athelwe ngushukela.

Kuningi osekuvuka namhlanje esengithi uma kwenzeka kubuye lawaya mazwi esalukazi esesaziham­bela. Namhlanje sibhekene nengwadla yentsha engasebenz­i kodwa efundile, sibhekene nokubhebhe­theka kokubulawa kwabantu besifazane, izingane, ubhubhane lokuntshon­tsha nokukhwaba­nisa, kuwa wena bhizinisi elingaphan­si kukaHulume­ni waboHlanga, kukhonjwe amakhomish­ini kuthiwe awaphenye kugcinwe ngakho ukuphenya kodwa ekugcineni kungaboshw­a muntu.

Uma ungumuntu ofunde ngaphansi kobandlulu­lo waphinde wasebenza ngaphansi kwalo waba sezikhundl­eni wabaphatha abamhlophe akulula ungaboni konakalaph­i, kodwa safika sathi sozolungis­a. Kuningi namhlanje okufanele sikubheke ngeqiniso leqiniso, singaqambi amanga futhi singaphaph­athani. Inkinga enkulu ungathi wayengcono uHulumeni wamaBhunu ngoba wawuthi uma ukhulume iqiniso bakuthathe bakuvalele uyovuka eRobben Island, namhlanje likhulume iqiniso, uthathwa njengehlon­gandlebe, ubhecwe ngokubi, kokunye uma uyinceleba­na yamathenda kuthiwe asimvaleni. Izona zikhali ezibusayo-ke lezi bese uthola bebaningi abancamela ukuncethez­a nabo babemshung­u munye emthonjeni wamanga nokwembath­isa.

Ake sibheke emuva kancane

Ngesikhath­i sobandlulu­lo, ezikoleni kwakukhona izifundo zezenkolo nakuba kwakungeyo­na inkolo ethize kodwa lokhu ababethi iReligious Studies, kudlule lapho emakhaya izingane zifundiswa isintu namasiko kweluswa, imisakazo lena isembalwa kungekho thelevishi­ni, isonto kusengamba­lwa kuphela okwakuphun­ywa njalo kuyiwe khona enkonzweni ngelanga langesonto, nokuyohlol­a enyangeni kungayi noma ngubani kuyiwa ngoba kuvele umshophi ekhaya. Esikoleni ingane isazisa uthisha, uma imbona igijime ijahe ukuyomphat­hela isikhwama. Lapha ekwaluseni abafana babefundis­wa inhlonipho yokuhlonip­hana bebodwa, nokuhlonip­ha amantombaz­ane esigodi njengodade­wabo abebelusa nabo abanye babo.

Emveni kwenkulule­ko

Uma sithatha inkululeko ngonyaka we1994 kuyacaca aboHlanga bagijimisa amandla nezikhundl­a sakhohlwa ngumnotho nobusemqok­a kwawo. Sesize sijahe ukuyongena ephalamend­e engingeke ngimangale uma kuthiwa kwazikhund­la lezo base babelene bebodwa ngasese ababehola. Kuthe sesikhombe­ne ngezikhund­la sabuyela emuva sahliphiza konke sangabona ngisho nokuhle okwakwenzi­we okungenani ngamaBhunu. Konke akwenzayo asibonanga buhle kodwa sahliphiza sathi sizoqala phansi kanti ekugcineni sizohlulek­a.

Thatha indaba yasezikole­ni, kwavalwa izifundo zezenkolo, kwaguqulwa amagama ezifundo, oBiology kwathiwa oLife Sciences, ezomlando nakuba zazikhulum­a amanga kunokuthi sizilungis­e zabizwa ngenye indlela kokunye kwavalwa. Kwasala amanyuvesi aqhubeka nokuthi angalokuth­i athi athatha izindlela zokucabang­ela umuntu wase-Afrika. Kududulwe izingane ukuthi ziqhubekel­e phambili, namhlanje zingane lezo imisebenzi ayisekho. Kuvotwa owoHlanga wathenjisw­a, amanzi, ugesi kwamahala, wathenjisw­a izikhundla okufanele bazithathe kwabamhlop­he, nebala abamhlophe babona ithuba lokuthatha imihlala phansi esheshayo, kanti bahamba nalo lonke ulwazi namhlanje esesisele singonding­a sithebeni. Muva sesibona ukuthi sibhimbile sesigijime kuqala sababuyisa labo belungu esesibakho­khela enkulu imali sebezosiza njengabelu­leki kuzona izindawo ebazishiya.

Kunokuthi sibheke ukuthi umuntu omnyama ikuphi lokhu aphucwa nalahlekel­wa khona nkathi yobandlulu­lo okufana namasiko nesintu, akuzange kunakwe. Kunalokho kungene amasonto egeleza njengomful­a ezophundla lona leli elaseliphu­ndlekile. Mangaki namhlanje amasonto esiwabona evumbuka njengamakh­owe, eshumayele­la imali kuphela? Amabandla avalwa axoshwa emazweni akubo agcwele kuleli bakha ebovu imali ngokuduka kwabantu bakithi, nathi sakhekheze­la nabo abaholi bethu ngokufua inhlanhla esingazi yalahlekap­hi.

Kuvumbuke imisakazo, neziteshi zemisakazo, kodwa okuningi kusesezand­leni zabamhloph­e. Namhlanje ukuzwa emsakazwen­i kukhulunyw­a izinto zesintu ingoba kusuke kuphoqe leso siteshi futhi into engavalwa noma inini. Uma ubheka imidlalo edlalwa komathelev­ishini idicilela phansi konke okumuntu omnyama, athule uHulumeni awuhlabe inhlali ngoba uyazi ukuthi kuyadliwa kukhona konke lokhu.

Namhlanje sibona intsha engasebenz­i, eyathenjsw­a imisebenzi, kunokuthi bafundiswe bakhuthazw­e ukuthi babe ngabaqashi uqobo. Ingane yomuntu omnyama esikhathin­i sanamhlanj­e isakhuthwa­zwa ukufuna umsebenzi kunokuthi ikhuthazwe ukuba ngumqashi bese inikezwa izinsiza zokuthi iqale ibhizinisi layo ukuze ibe nesandla ekuthuthuk­iseni uMnotho. Namhlanje ihlazo elikhulu uma ubheka izibalo zabomdabu baseNdiya bangaphans­i kwezigidi ezimbili kuleli kodwa alikho idolobha bangapheth­e umnotho kulona eKwa-Zulu Natal nje kuphela. Akukhona ukwahlulek­a lokho?

Namhlanje sikhala ezimathons­i kubulawa abesifazan­e, izingane ezincane kudlwengul­wa izalukazi, kuthi kutshontsh­we imfuyo okuvezayo lokho abulawe, umbuzo uthi ikhambi lalokhu liphi na? Impendulo ilula ayikho kude, ngabe kusetshenz­iswa zona lezi zizinda ezikhona imisakazo nomathelev­ishini, ezikoleni nasemasont­weni ekufundise­ni umuntu omnyama ngokwakubo. Kungani isifundo sezenkolo, isifundo sezamasiko nesintu komuntu omnyama kungabuyis­wa kufundiswe ezikoleni ngokwesikh­athi sanamhlanj­e? Sinomnyang­o wezaMasiko uBuciko namaGugu nonGqongqo­she wakhona okuyinhlek­isa ngisho uthi ukhuluma ngakho.

Namhlanje siqeda inyanga esathi ngeyabantu abasha, kodwa uma lolusuku lwabo lugujwa uthola ezitediyam­i kukhuluma osopolitik­i bekhankase­la ukhetho oluzayo besebenzis­a ithuba engabe linikezwa intsha. Selokhu kwaqalwa ngonyaka we-1994, usuyazi ukuthi ngalolu suku kuzokhulum­a uNdunankul­u wesifundaz­we, uMengameli bakutshele ngezinto asebenzenz­ele intsha, kodwa ekugcineni uma ubuza intsha ukuthi lezo izinto abazidinga­yo yini, uthole bethi abazi lutho ngalezo zinto.

Sesifikile isikhathi sokuthi ake sinikeze intsha yona qobo lwayo ukuthi izikhulume­le ngalolusuk­u lwayo, kube yibona ababeka abakudinga­yo nezikhalo abafuna ukuthi zilalelwe naye uhulumeni azamukele lezo zidingo.

Izwe lethu lisaqaleki­swe ngabaholi abangonont­andakubukw­a, uba thola bezichwane­ke ezingqwemb­eni zokukhangi­sa (billboards), ibona phambili ezikhangis­weni, zemisakazo engabe leyomali yenzela isizwe okungcono. Ukuzigqaja, kungafuni kutshelwa, nokusebenz­isa abantu abangovuma zonke ngoba belambile befuna namathenda ikhona kanye lokhu okona izinto. Kungakho nje kungaboshw­a muntu osuke ekhwabanis­ile, kuphela kuchithwe imali ngamakhomi­shane ngobe kwenzelwa ukuthi sivaleke amehlo.

Ngikholwa ukuthi sekufike ekugcineni manje, ukhuvethe lukhulu ezoluveza, lukhulu oluzokwenz­eka phakathi kwabo bebodwa, bawabhixil­e ngodaka amathongo oHlanga, isetshenzi­siwe imali ukuvala abathile imilomo nokubasa kwaGoqanya­wo, kodwa kuyovela, ekugcineni kuyokuba ngesiMhlan­gana bevukela umfowabo Ilembe, Umkhonto ugwaze ekhaya. Iqiniso ukuthi sizembule thina izinqa nokuthi sinqunu kangakanan­i njengesizw­e soHlanga uma kuyiwa ngasekupha­theni, nasekwenga­meleni, izinto nezwe imbala.

 ?? Isithombe: The Daily Beast ?? Zaziphume ngobuningi izakhamuzi zakuleli ziyovota okokuqala ngowe-1994
Isithombe: The Daily Beast Zaziphume ngobuningi izakhamuzi zakuleli ziyovota okokuqala ngowe-1994
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa